Amaphupho ngomuntu ongasekho

Amaphupho ngomuntu ongasekho awanayo incazelo ewahlanganisa wonke, asho izinto eziningi ezihlukene. Incazelo iba kulokho asuke ekwenza lowo muntu ongasekho ephusheni lakho.

Ukumuphupha ekucela umgeze – Kusho ukuthi wayeganga esaphila, manje akamukelekile lapho ekhona ungcolile ngenxa yemisebenzi yakhe. Lokhu kukhomba ukuba usuke ecela nimenzele umsebenzi wokumuhlambulula bese niyamushwelezela

Ukumuphupha ekhala – Kusho ukungathokozi kwabaphansi ngezenzo zakho noma ngendlela ophila ngayo eyakho impilo, ngakho kusuke kufanele ushintshe indlela ophila , oziphethe ngayo okanye owenza ngayo izinto. Kungenjalo lokho kungalulethela amabhadi amakhulu.

Ukumuphupha ekupha izithelo – Loku kusho ukuphiwa umntwana (inzalo). Kungekudala usuke uzothola umntwana oyisipho esivela ngesandla sakhe sisuka kumdali. Kuyefana nokuphupha amanzi angcolile.

211 thoughts on “Amaphupho ngomuntu ongasekho”

Leave a Reply