Uma uphupha ubona inja kuwuphawu oluhle uma iziphethe kahle futhi ikulalela ikakhulukazi uma kuwumdlwane. Uma inja ingaziphethe kahle ilwa noma iphula izinto kusho ukuthi uzoba nenkinga empilweni yakho kungekudala, ikakhulukazi leyonkinga ivela kubantu abangathembekile. Uma inja ikuluma, kusho ukuthi kukhona umuntu okuzingelayo okungenzeka ukuthi ukukhunkula ngisho nangomoya omubi. Uma uphupha inja ikhonkotha noma iklewula lokho kungenzeka ukuthi kubikezela izikhathi zezinkinga emndenini wakho. Uma uphupha umakoti omusha osandakufika emzini izinja zinobungane kuye esikhundleni sokuzama ukumluma, lokho kusho ukuthi wamukelwe kahle ngamadlozi. Kanti ke futhi ukuphupha izinja kungabikezela ukugadlwa noma ukulalelwa unyendle yizitha zakho.
Lapho uphupha ulunywa inja noma izinja, ngenxa yokuthi izinja yizilwane zasekhaya uma zivela emaphusheni lokho kusuke kuletha umyalezo othinta umndeni. Uma uphupha inja noma izinja zikuluma, ukuthi zingaki lezozinja kubalulekile ekuchazeni iphupho. Uma uphupha inja ekulumayo iyodwa lokho kusuke kusho ukuthi kukhona umoya omubi okhona phakathi kwamalunga omndeni. Lowomoya omubi kungaba ukungaboni ngaso linye entweni ethile noma kube ingxabano engase ivele kungekudala ezokhanda inzondo phakathi kwakho wena ophuphile kanye nelinye ilunga lomndeni. Uma uphupha izinja ezikulumayo zingaphezu kweyodwa ngenani, lapho kusuke kukhona umyalezo idlozi lasekhaya elihlose ukuwethula kuwena, ngakho-ke kubalulekile ukuthi ukubheke konke okwenzeka kulelo nalelo phupho ukuze uzowuqonda kahle umyalezo walo uma usulihlaziya. Lezizincazelo zokuphupha ulunywa inja noma izinja zifakazelwa wukuthi ngokuvamile uma uwaphupha lamaphupho okulunywa yizinja, avamiswe ukuphushwa eveza usekhaya noma useduze nakhona ekhaya.
Ngiphuphe ngisekhaya nomuntu engizwana naye kunezinja ezahlukene zilokhu ziza kimi zifuna ngath zizongiluma mangilokhu ngisusa ibuye ize futh kubuye kuvele enye nayo ngath ifuna ukungiluma ngiysuse nomuntu engizwana naye bezingamenzi lutho futh naye ebevele abuke engazilamuli ngabe kuchazan
Hii, sorry for the late reply, kuchazee ukuthii lomuntu ongazwanii naye omubonile khona intonakuplanela yona
Ndiphuphe ingathi ndihamba endleleni enabantu abangasekho ingathi batyekezwe lulwandle baninzi ndajika ndibaleka xa ndifika egarage sathandaza ingathi sibayi3 xa sigqiba ukuthandaza ndigoduka ndangena komnye umzi ndakhonkothwa yinja indibambe emlenzeni ayide indilume kodwa ingathi ndiyakhwaza mandinqandwele ndothuka
ngiphuphe inja inginuka…bengiphethe ukudla ifuna ukudla obekuse sandleni yakudla yangluma ngaphuma igaz emnweni
Nalu olunye ulwazi ngokuphupha inja: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/
Ngiphupe inja encane yalapha ekhaya ilele endlini eduze kwesicabha
Ngicela in aze lo, ngiphuphe inja izala imidlwane emibili
Nalu olunye ulwazi lapho uphupha ngezinja: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/
Ngiphuphe ubaba wezingane zam esahlukana naye ephethe ingane encane imuncela amabele engath awenja kodwa kwashintsha engath awakhe , wayigona ingane wath owami nalo , kuchazani?
Nansi incazelo esinayo lapho uphupha ingane, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezingane-ezincane/ Nazi izithakazelo zakho kwaShange, bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwashange/
Uma uphupha inja yakho emnyama kodwa isinomnikazi omunye ifaswe ngentambo emlomeni kuqhazani?
Ukuphupha ngenja akugxili ngaso sonke isikhathi ukuthi kwenzakalani ngayo ephusheni, kunezincazelo ezithinta nje ukuthi inja ibikhona ephusheni, nazi ezinye zazo kulesisigatshana: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/
Ngiphuphe Ngilunywa inja esandleni ngabe kuxaza ukuthini na
Ake ubheke nalu olunye ulwazi ngamaphupho ngezinja: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/ Mfoka Mlotshwa, “cabuzela onyawo zincane, zingaba nkulu zifuz’ekhabonina” uthi bewazi nje ukuthi sinezithakazelo zakho? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamlotshwa/
Hi Jacob
Nami ngiphuphe kanjalo izolo ebusuku ngabe wayithola yini incazelo yalokhu…ngikhathazekile la siza mfowethu
Yebo wayithola impendulo uMfoka Mlotshwa, u “cabuzela onyawo zincane, zingaba nkulu zifuz’ekhabonina!”. Impendulo kwaba wukuba abheke ulwazi oluthe xaxa ngamaphupho ngezinja lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/
ngicela incazelo ngiphuphe inja igibele imoto iphuma igazi ngemuva
Bheka nalu olunye ulwazi mayelana nalapho uphupha izinja: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/
Ngicela usizo ngaleliphupho: Ngiphuphe ngilunywa inja kodwa ngagcina ngokuybulala kuchaza ukuthini
Ngoba ephusheni lakho ubunokuhlaselwa kodwa wagcina ngokonqoba, lungakusiza nalu olunye ulwazi esinalo oluthinta izimo lapho umuntu egcine enqobile: https://iafrika.org/amaphupho-okunqoba/
Mna ndiphuphe izinja eziningi zindiluma
Mina ngiphuphe izinja zongikhokotha ngabaleka ngsgibele eshlahleni lesihlala besikayekile amagatsha manj angaz kuchazan
Ngiphuphe ngilunywa inja encane elingana negundwane futhi emnyama
Ngiphuphe ngidliwa izinja bezingibamba izandla kodwa kungabi buhlungu futhi ngingalimali
Ngiphuphe ngibona inja imunyisa imidlwane asengakaboni
Ngicela ukwazi ukuth mawuphupha ubulala inja made ikulwisa kusho ukuthini
ngicela kubuza uma uphupha inja ikujabulela ikucabuza emlonyeni kusho kuthini
Sawubona, Ngicela incazelo ngephulo kuthiwa ngenze utshwala
Ukuphupha ulele embhedeni kuchazani
https://iafrika.org/amaphupho-ngokulala/
https://iafrika.org/amaphupho-ngombhede/
Sicela useshe ebhokisini ukuthola izincazelo.
ngiphuphe ngilunywa nyimidlwane emibili eminyane onyaweni lwesokudla ngezwa kubuhlungu kakhulu kodwa bengizitshela ukuthi hay yimidlwane le ngeke ingilume kakhulu kodwa yangiluma kwazwakala ngaze ngaphaphama
Ngiphuphe ngiphiwa unkosikazi womlungu umdlwane kodwa ngithe ngisawuphethe waphenduka inyoni yandiza
Uma uphupha inja efile bathi bayokukhombisa yona ungayiboni lithetha ukuthini
Ngiphuphe ngikhipha ingane inabukeni: ingabe kusho ukuthini loko.
Ngiphuphe ngipha ingane inabukeni: ingabe kusho ukuthini loko.
Ngicela ingcazelo ngiphuphe ngileqwa ngamanzi liphupho soloko ndiliphupha elo
ngicela incazelo ngiphuphe ngilunywa ngubabhemi (donkey) yathi iyangiphinda ngabaleka ngayacatsha kwenye indlu lapho engifike khona ngagibela amastairs. ngaphinda ngehla ngisithi ngiyedinga uncedo kudoctor mhlawumbe ubabhemi lo ubelamarabbies. Ngabona laba abayelapha okwesintu yibo abangelaphileyo.
Nami ngiziphuphile izinja zingiluma ngabeleka ngaze ngandiza nazo zagxuma emoyeni zinami shaqa. Ngabe kusho ukthini lokho?
Thokoza gogo .. Ngicela usizo ngaleli iphupho.. Ngiphuphe ngibona injuzi zifuna ukukuthatha then ngabaleka ma ngibheka la engibalekela khona ngabona sezinengi . Ngathatha imali R2 on my handbag ngayibeka phezu kwetshe ngakhuluma nazo ngith am not ready yet ukth bangithathe ngisafuna ukulungisa ezinye izinto. Ngithe ma ngiqeda imali kunye lenjuzi kwanyamalala lam ngaphaphama … Ngingajabulela ingcazelo