Amaphupho amayelana nokugijima avamise ukwehlukwaniswa ngokwezigaba ezimbili, kungasho izitha futhi kungasho impumelelo. Bheka izincazelo ngezansi:
- Ukuphupha ugijima endaweni eyugwadule kungasho ukuthi kunombango okhona phakathi kwezidalwa zakho.
- Ukuphupha ugijima uze ufike la uyakhona kungasho inhlanhla enkulu, kusuke kukhona into eyimpumelelo ezayo. Kungasho ukuthi amaphupho akho azofezeka.
- Ukuphupha ugijima kodwa bese uyawa khona kungasho ukuthi kunento okumele yenzeke kodwa izophelela endleleni noma izosheshe iphele.
- Ukuphupha ugijima uhambe ukhubeka uwa kodwa ugcine ufikile lapho oya khona kungasho ukuthi uzophumelela kodwa uzobhekana nezinselele eziningi.
- Ukuphupha ugijima endaweni enodaka noma ebumnyameni kungasho ukuthi kuzoba nzima ukuthi ufike empumelelweni.
- Uma uphupha ugijima kodwa ugcine ungafikanga lapho okumele ufike khona kungasho ukuthi kumele ugeze ususe isinyama ukuze uzofika empumelelweni.
- Ukuphupha ugijima kukhona okuhubhayo kungasho ukuthi ubhekene nezitha noma kukhona abantu abakubangisa okufisayo.
- Uma uphupha ugijima emgwaqeni oqondile oyitiyela uwedwa kungasho ukuthi uma uzikhandla amaphupho akho ayofezeka kalula uma uzinikele.
- Uma uphupha ugijima wenyuka intaba kungasho ukuthi ukuze uphumelele kumele uqale ulungise izinkinga ezadalwa ngabantu bakini.
- Ukuphupha ugijima uzungeza indawo eyodwa kungasho ukuthi indlela ohlela ngayo izinto iyiyo kodwa angeke ikufikise lapho ufisa khona, noma kungasho ukuthi ekhaya kini nenza amaphutha afanayo.
- Ukuphupha ugijima nabantu bebuye bekushiye uphinde ubephambi kwabo kungasho ukuthi kunabantu ababangisana nawe, abafungayo ukuthi ngeke behlulwe nguwe.
Sawubona sacela ukubuza kuchazani ukuphupha ugijimisa umuntu okwebele ucingo lwakho
Cofa lapha ukuthola impendulo: Amaphupho mayelana nobugebengu
Sawubona, ngicela ukubuza, uma ujahwa isitha sakho kodwa singakufichi kuchazani
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngezitha/
Sawubona cela ukubuza kuchazani ukugijimisa umuntu ozwana naye
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngothando/
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha umuntu wakini egijima ejulukile
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngomndeni-nezihlobo/
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha ugijima umuncintiswano. Ube number 1 owine kodwa ube I ngakhathala ga. Akulula kodwa ubashiya abantu.
Enkosi
Sawubona Nomah, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngomjaho/
Sanibona sacela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha ugijima nomlungu ehlathini sijahwa ibhele
Sawubona Zama, sicela ubheke lapha:https://iafrika.org/ukuphupha-umlungu/
Kusho kuthini ukuphupha umuntu ongu anti kodwa umgijimisa ebaleka endaweni eyintaba?
Sawubona, sicela ubheke lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngomndeni-nezihlobo/
Sawubona, kuchaza ukuthini ukuphupha abantu bakini abangasekho beshona phambi kwakho beze bephume umphefumulo.
Sawubona, sicela ubheke lapha:https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/
Sanibona ekhaya ngiphuphe ngihamba endaweni enemijondolo eminingi nje mangijikela ngale kugcwele amaphara Kube ngath iwona angthsengisa indlela athi angkhululeke akekho zongthinta angigadile,la ngiqhamuka ngakhona nje Naka manye lithi elinye akez ukthintwa muntu Lo ngyamazi
Sawubona,sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngendlela/