isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngokugijima

Amaphupho amayelana nokugijima avamise ukwehlukwaniswa ngokwezigaba ezimbili, kungasho izitha futhi kungasho impumelelo. Bheka izincazelo ngezansi:

  • Ukuphupha ugijima endaweni eyugwadule kungasho ukuthi kunombango okhona phakathi kwezidalwa zakho.
  • Ukuphupha ugijima uze ufike la uyakhona kungasho inhlanhla enkulu, kusuke kukhona into eyimpumelelo ezayo. Kungasho ukuthi amaphupho akho azofezeka.
  • Ukuphupha ugijima kodwa bese uyawa khona kungasho ukuthi kunento okumele yenzeke kodwa izophelela endleleni noma izosheshe iphele.
  • Ukuphupha ugijima uhambe ukhubeka uwa kodwa ugcine ufikile lapho oya khona kungasho ukuthi uzophumelela kodwa uzobhekana nezinselele eziningi.
  • Ukuphupha ugijima endaweni enodaka noma ebumnyameni kungasho ukuthi kuzoba nzima ukuthi ufike empumelelweni.
  • Uma uphupha ugijima kodwa ugcine ungafikanga lapho okumele ufike khona kungasho ukuthi kumele ugeze ususe isinyama ukuze uzofika empumelelweni.
  • Ukuphupha ugijima kukhona okuhubhayo kungasho ukuthi ubhekene nezitha noma kukhona abantu abakubangisa okufisayo.
  • Uma uphupha ugijima emgwaqeni oqondile oyitiyela uwedwa kungasho ukuthi uma uzikhandla amaphupho akho ayofezeka kalula uma uzinikele.
  • Uma uphupha ugijima wenyuka intaba kungasho ukuthi ukuze uphumelele kumele uqale ulungise izinkinga ezadalwa ngabantu bakini.
  • Ukuphupha ugijima uzungeza indawo eyodwa kungasho ukuthi indlela ohlela ngayo izinto iyiyo kodwa angeke ikufikise lapho ufisa khona, noma kungasho ukuthi ekhaya kini nenza amaphutha afanayo.
  • Ukuphupha ugijima nabantu bebuye bekushiye uphinde ubephambi kwabo kungasho ukuthi kunabantu ababangisana nawe, abafungayo ukuthi ngeke behlulwe nguwe.

Leave a Reply