Ukuphupha isitha sakho sikunika ukudla:
- Kungasho ukuthi sifuna nixolelane noma kungasho ukuthi singahle sikwenzele umusa.
- Kungachaza futhi ukuthi sikuyengela ophathe ngoba sifuna ugcine ususethemba bese siyakulimaza.
- Uma ukudla lokho kudla kungasho ukuthi sizama ukukudlisa.
Ukuphupha isitha sakho sigula:
- Kuwuphawu olubi olungabika umkhuhlane azoba nawo noma uzodlula kwizivivinyo ezinzima esikhathini esizayo ezizomlethela ukujabha.
- Kungasho ukuthi ngeke sisaba nawo amandla okukuhlukumeza noma okokuphatha kabi.
Ukuphupha ulwa nesitha sakho usehlula:
- Kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi uNkulunkulu ukunikeza amandla nesibindi futhi uzoyihlula yonke imizamo emibi yokukucekela phansi ezanywa isitha sakho.
- Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi uNkulunkulu uyakulwela futhi uyakunqobela izitha zakho.
- Kungachaza futhi ukuthi isidalwa sakho siyakuvikela futhi siyakunqobela, kanti uma kukhona amakhambi owasebenzisayo kungasho ukuthi ayakusebenzela.
- Kuwuphawu olubi uma sikwehlula okungasho ukuthi isitha sakho sikugadla ngemithi enamandla okungelula ukumelana nayo.
Uma uphupha ukuthi ulwa nezitha zakho uwine kungasho ukuthi uzoba nenhlanhla. Uma usaba noma uhlulwa kungasho ukuthi uzoba namashwa.
Uma uphupha isitha sakho sikudubula kodwa ubaleke singakufumani. Oko oko oko uphupha sona. Liyaphinda phindana iphupho
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngesibhamu
kusho ukuthini ukuphupha uphelezelwa umzala wakho ufike uthole umawakho elele celeni kwe stove . uma ekubona akugijimise uma engathi uzongifica ngibuthe itshe ngifuna ukumshaya kodwa ngizikhuze ngiqhubeke ngibaleke angangifici
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngomama/
Kusho ukuthini ukuphupha isitha sakho sikutshela ukuthi mlethe noma ini ugogo wakho
Kusho ukuthini ukuphupha ukhaliswa isitha sakho egcineni sikuzwele
Sawubona, nansi incazelo esinayo https://iafrika.org/amaphupho-ngezitha/?highlight=amaphupho%20ngezitha
Kuchaza ukuthink ukuphupha uncinzwa isithandwa samuntu wakho sakudala uthi uyasishaya sihleke singabuyiseli
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokuhleka
Kuchazani ukuphupha sitha sakho ongakhulumisani naso senikhulumisana
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokukhuluma
Kusho ukuthin if uphupha ubelethe ingane uwela umfula bese imukelwa isicathulo esisodwa
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokubeletha
Kusho ukuthini ukuphupha izitha zakho zombili zihlangene, zihlangene ngawe
Uma uphupha ukuthu ulwa nezitha zakho uwine kusho ukuthi uzoba nenhlanhla.
Kishore ukuthini ukuphupha ulwa nomutu umhlule bese akuzume akugwaze
Uma umuntu umahlulile nilwa, bheka iphuzu lesibili lapha ukuze uthole incazelo: https://iafrika.org/amaphupho-okunqoba/
Uma umuntu esekuzuma ekugwaza, incazelo ingafuza lena elandelayo – iphuzu lesibili lapha – noma lencazelo ikhuluma ngawe ubona omunye egwazwa, kodwa uma kunguwe ogwazwayo, lencazelo nalapho ingafaneleka: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlamvu/
Uma uziphuphela wena ushonile litsho ukuthini
Bheka ulwazi esinalo ngamaphupho athintene nokushona kulelikhasi: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/
Kusho ukuthini uphupha isitha sakho singena ezingubeni bolele kuzo ungakazindluli
Kusho ukuthini ukuphupha uhamba nesitha sakho ngathi biyathandana niya esontweni
Nalu ulwazi esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngesonto/
Uma uphupha ulwa nesitha sakho bese uyasihlula kusho ukuthini?