Amaphupho ngezitha

Ukuphupha isitha sakho sikunika ukudla:

  • Kungasho ukuthi sifuna nixolelane noma kungasho ukuthi singahle sikwenzele umusa.
  • Kungachaza futhi ukuthi sikuyengela ophathe ngoba sifuna ugcine ususethemba bese siyakulimaza.
  • Uma ukudla lokho kudla kungasho ukuthi sizama ukukudlisa.

Ukuphupha isitha sakho sigula:

  • Kuwuphawu olubi olungabika umkhuhlane azoba nawo noma uzodlula kwizivivinyo ezinzima esikhathini esizayo ezizomlethela ukujabha.
  • Kungasho ukuthi ngeke sisaba nawo amandla okukuhlukumeza noma okokuphatha kabi.

Ukuphupha ulwa nesitha sakho usehlula:

  • Kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi uNkulunkulu ukunikeza amandla nesibindi futhi uzoyihlula yonke imizamo emibi yokukucekela phansi ezanywa isitha sakho.
  • Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi uNkulunkulu uyakulwela futhi uyakunqobela izitha zakho.
  • Kungachaza futhi ukuthi isidalwa sakho siyakuvikela futhi siyakunqobela, kanti uma kukhona amakhambi owasebenzisayo kungasho ukuthi ayakusebenzela.
  • Kuwuphawu olubi uma sikwehlula okungasho ukuthi isitha sakho sikugadla ngemithi enamandla okungelula ukumelana nayo.

Uma uphupha ukuthi ulwa nezitha zakho uwine kungasho ukuthi uzoba nenhlanhla. Uma usaba noma uhlulwa kungasho ukuthi uzoba namashwa.

23 thoughts on “Amaphupho ngezitha”

  1. Uma uphupha isitha sakho sikudubula kodwa ubaleke singakufumani. Oko oko oko uphupha sona. Liyaphinda phindana iphupho

    Reply
  2. kusho ukuthini ukuphupha uphelezelwa umzala wakho ufike uthole umawakho elele celeni kwe stove . uma ekubona akugijimise uma engathi uzongifica ngibuthe itshe ngifuna ukumshaya kodwa ngizikhuze ngiqhubeke ngibaleke angangifici

    Reply
  3. Kuchaza ukuthink ukuphupha uncinzwa isithandwa samuntu wakho sakudala uthi uyasishaya sihleke singabuyiseli

    Reply
  4. Kusho ukuthini uphupha isitha sakho singena ezingubeni bolele kuzo ungakazindluli

    Reply

Leave a Reply