Amakhanda Amalobolo Amaphunga Imali Imicimbi Imicimbi yesintu Imifino Imililo Imishado Inyama Izaga Izikhathi Izilwane Izimbali Izinambuzane Izindawo Izinganekwane Izingubo Izinhlanzi Izinja Izinkomo Izinyoka Izinyoni Ukudla Ukufa Ukugula Ukuhamba Ukukhubazeka Ukuzwa Umshado

Sesha

Amaphupho ngesonto

Uma uphupha ukuthi usesontweni ngemvamisa kuwuphawu oluhle kuwe futhi uzothuthuka. Uma uzila ephusheni lakho kusho ukuthi wena noma umuntu omthandayo uzoshada maduzane ikakhulukazi uma uzwa insimbi yasesontweni ngaphezu kwalokho. Kodwa uma isonto livaliwe uma usufika khona kusho ibhadi. Uma ubona umbiko womshado esontweni kusho ukuthi labo bantu bazodivosa.

11 thoughts on “Amaphupho ngesonto”

  1. Kusho ukuthini ukuphupha uthandaza kakhulu umemeze uze umise isibhakela sengathi kunento ongafuni isondele kuwe

    Reply
  2. thokoza makhosi kusho ngiphuphe ngidlala iscratch card kodwa laveza igama elithi rich…kusho ukuthini?

    Reply
  3. Mhleli wekhasi ngyabingelela ngabe kushoni ukuphupha izompahla zomuntu zinegazi ezinye bezigqokiwe ezinye zibekiwe nje ngiqoqa endlin(ngiklina)

    Reply
    • Ngiyanibingelela lapha ekhaya kusho ukuthini ukuphupha umuntu obukade uthandana naye ephethe isibhamu edlula nomunye umuntu begijima egcekeni lapha engihlala khona nalo muntu esengihlala naye manje ngithi ngiyamphuthuma abaleke ngimbone esekude ngimmemeze ngegama ngithi sbanibani Uma ngibuyela endlini ngithole sekugcwele abantu ngithi ngiyabuza kwenzenjani bathi abantu bamdubulile umuntu wakho ngithi mangingena endlini ngithole Lona engihlala naye sengathi bamdubulile ulele ngecala ufinqile izinyawo kodwa angiboni lapho abamdubule khona ngakhala kakhulu

      Reply
      • Sawubona Ntokozo,
        Kuleliphupho lakho kuningi okwenzekayo kodwa okugqammayo ukuthi kunokulwa, kusetsheziswa isibhamu, futhi ngathi kunomuntu oshonayo (noma ungalibeki lelo ngembaba). Ngibhekile elwazini esinalo ngathola lolu olulandelayo engethemba lungaba usizo ukucubungula iphupho lakho. Ake ufunde lapha mayelana nokuphupha kulinyazwa ozwana naye ngenhlamvu yesibhamu: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlamvu/
        Uma unemicabango yokuthi iphupho lakho lingabe libikezela ukufa komuntu, uma ufunda lapha uzobona uhlobo lwamaphuphupho angase abikezele lokho. Funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/

        Reply

Leave a Reply

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.