Ukuchaza amaphupho kuyingxenye esemqoka osikweni lwe-Afrika. Umbuso wemimoya uyingxenye yansukuzonke empilweni yemiphakathi eminingi yama-Afrika, futhi amaphupho awumongo kulombuso. Izincazelo nemifanekiso okwakha izwe lamaphupho kuguquguquka ngokwehlukana kwimifanekiso yaseNtshonalanga, futhi kwenza uhlelo lwezincazelo olunothile noluvusa imizwa.
Osikweni lwe-Afrika, amaphupho axhumanisa abaphilayo nokhokho (namadlozi), kanjalo nabo okhokho (amadlozi) baxhumana kanjalo nabaphilayo. Kwesinye isikhathi amaphupho anikeza impendulo ezintweni umuntu azithandazele noma acele usizo lokuzixazulula, kodwa futhi angamane azifikele nje ukuzonikeza isiqondiso ezimpilweni zabantu. Amanye amaphupho acacile ngokuqondile, angachazwa kalula nje yilowo ophuphile, kodwa amaphupho ayinkimbinkimbi nangaqondakali angadinga usizo lwesangoma ukuwaqonda. Lokhu kuvamise lapho iphupho lihilela izenzo zabanye abantu noma lidinga ukuba ophuphile kube khona akwenzayo ukushweleza noma ukukhonza amadlozi.
Ukuphindaphinda kwephupho noma uphawu, kwenza indingeko ibenkulu ekuqondeni nasekuthatheni izinyathelo. Ukuphupha nje kanye kungebe ndabazalutho, kodwa uma iphupho liphindaphinda noma licace bha, kumele lichazwe futhi kuthathwe nezinyathelo.

Isetshenziswa kanjani lewebhusayithi
Lewebhusayithi ineziqondiso ezinzulu ngezimpawu zamaphupho ezahlukene, ezahlukaniswe imikhakha ebanzi: umzimba, abanye abantu kanye nomhlaba. Lemikhakha ibe isiphinda ihlukaniswa izingxenye ngazinye ezibhekene ngqo nezifundo ezithize, okusiza umfundi acwaninge uhlelo lwezindaba ezahlukahlukene nezincazelo ezifanele okungenzeka ukuba zihilelekile.
Kusemqoka ukuqonda ukuthi izwe lemimoya isikhathi esiningi aluqondakali futhi lunzima ukuqondwa ngeso labaphilayo. Izincazelo zezimpawu eziqoqelwe kulewebhusayithi ziyizincazelo ezejwayeleke kakhulu kodwa kungabakhona ukushiyana ngokwezifunda, ngokwemindeni kuhlanganise nangokomuntu ngomuntu.
Uma ufunda lewebhusayithi, khumbula ukuthi okushiwo ngamaphupho akusiwo unqamulajuqu. Izincazelo kule-website zingaba yikho kokubili okoqobo noma izingathekiso. Amaphupho ayithuluzi lokuqonda impilo, hhayi ukubikezela ngekusasa ngokunembile futhi kufanele athathwe njengezinsiza zokusetshenziswa kanye nomqondo wakho ohluzekile nalokho okwenza umqondo kuwena.
Amaphupho ngameva
Ngokwejwayelekile ukuphupha ameva kungasho inkinga, into engeyinhle noma ukugxila kowehluleka…
Amaphupho ngokudlwengulwa
Ukuphupha udlwengula kungasho ukuthi impilo yakho izodinga ukunakekelwa ngoba izoba…
Amaphupho ngesidoda
Ukuphupha isidoda kuvamise ukuba wuphawu olubi olungasho isichitho esikungcolisayo ukuze…
Amaphupho ngamaphela
Ukuphupha amaphela kungasho izinto ezahlukahlukene kuya nangesimo sephupho ukuthi lisuke…
Amaphupho ngokujolelwa
Ukuphupha umuntu wakho ekujolela kungaba wuphawu olusho ukuthi awumethembi futhi…
Amaphupho ngokucenta igceke
Ukuphupha ucenta igceke kungasho ukuthi sukuma ukhiphe izinto ezingalungile ezingcolise…
Amaphupho ngokuwasha izimpahla
Ukuphupha umuntu ewasha izimpahla zakhe ngesandla lokho kungachaza ukuthi usebenza…
Amaphupho ngezintethe
Ukuphupha izintethe kungasho izinto ezahlukahlukene kuya ngendawo ezikuyo nokuthi zenzani: