Ukuchaza amaphupho kuyingxenye esemqoka osikweni lwe-Afrika. Umbuso wemimoya uyingxenye yansukuzonke empilweni yemiphakathi eminingi yama-Afrika, futhi amaphupho awumongo kulombuso. Izincazelo nemifanekiso okwakha izwe lamaphupho kuguquguquka ngokwehlukana kwimifanekiso yaseNtshonalanga, futhi kwenza uhlelo lwezincazelo olunothile noluvusa imizwa.
Osikweni lwe-Afrika, amaphupho axhumanisa abaphilayo nokhokho (namadlozi), kanjalo nabo okhokho (amadlozi) baxhumana kanjalo nabaphilayo. Kwesinye isikhathi amaphupho anikeza impendulo ezintweni umuntu azithandazele noma acele usizo lokuzixazulula, kodwa futhi angamane azifikele nje ukuzonikeza isiqondiso ezimpilweni zabantu. Amanye amaphupho acacile ngokuqondile, angachazwa kalula nje yilowo ophuphile, kodwa amaphupho ayinkimbinkimbi nangaqondakali angadinga usizo lwesangoma ukuwaqonda. Lokhu kuvamise lapho iphupho lihilela izenzo zabanye abantu noma lidinga ukuba ophuphile kube khona akwenzayo ukushweleza noma ukukhonza amadlozi.
Ukuphindaphinda kwephupho noma uphawu, kwenza indingeko ibenkulu ekuqondeni nasekuthatheni izinyathelo. Ukuphupha nje kanye kungebe ndabazalutho, kodwa uma iphupho liphindaphinda noma licace bha, kumele lichazwe futhi kuthathwe nezinyathelo.

Isetshenziswa kanjani lewebhusayithi
Lewebhusayithi ineziqondiso ezinzulu ngezimpawu zamaphupho ezahlukene, ezahlukaniswe imikhakha ebanzi: umzimba, abanye abantu kanye nomhlaba. Lemikhakha ibe isiphinda ihlukaniswa izingxenye ngazinye ezibhekene ngqo nezifundo ezithize, okusiza umfundi acwaninge uhlelo lwezindaba ezahlukahlukene nezincazelo ezifanele okungenzeka ukuba zihilelekile.
Kusemqoka ukuqonda ukuthi izwe lemimoya isikhathi esiningi aluqondakali futhi lunzima ukuqondwa ngeso labaphilayo. Izincazelo zezimpawu eziqoqelwe kulewebhusayithi ziyizincazelo ezejwayeleke kakhulu kodwa kungabakhona ukushiyana ngokwezifunda, ngokwemindeni kuhlanganise nangokomuntu ngomuntu.
Uma ufunda lewebhusayithi, khumbula ukuthi okushiwo ngamaphupho akusiwo unqamulajuqu. Izincazelo kule-website zingaba yikho kokubili okoqobo noma izingathekiso. Amaphupho ayithuluzi lokuqonda impilo, hhayi ukubikezela ngekusasa ngokunembile futhi kufanele athathwe njengezinsiza zokusetshenziswa kanye nomqondo wakho ohluzekile nalokho okwenza umqondo kuwena.
- Amaphupho ngabantu
- Amaphupho ngamathuluzi
- Amaphupho ngamathuluzi okubhala
- Amaphupho ngefenisha nezinto ezisebenza ngogesi
- Amaphupho ngekamelo lokulala nezinto zasekhishini
- Amaphupho ngemali nobugwili
- Amaphupho ngemidlalo nobukhuphekhuphe
- Amaphupho ngemifino
- Amaphupho ngemisebenzana
- Amaphupho ngemisebenzi
- Amaphupho ngemizwa
- Amaphupho ngendlu nekhaya
- Amaphupho ngengcebo
- Amaphupho ngenhlanzeko
- Amaphupho ngenyama
- Amaphupho ngesimo sezulu nesibhakabhaka
- Amaphupho ngezikhali
- Amaphupho ngezilwane ezifuyiwe nemfuyo
- Amaphupho ngezilwane zasendle
- Amaphupho ngezimfijoli
- Amaphupho ngezindawo
- Amaphupho ngezindlela zokufa
- Amaphupho ngezingubo
- Amaphupho ngezinkolo zamasiko
- Amaphupho ngezinto zasendlini
- Amaphupho ngezinyoni izilwane nezinambuzane
- Amaphupho ngezinzwa
- Amaphupho ngezithelo
- Amaphupho ngobuKrestu
- Amaphupho ngokubeletha
- Amaphupho ngokubukeka kwezwe nezitshalo nezihlahla
- Amaphupho ngokudala izinto
- Amaphupho ngokufa
- Amaphupho ngokugubha umkhosi
- Amaphupho ngokugula
- Amaphupho ngokuhamba
- Amaphupho ngokukhanya nomlilo
- Amaphupho ngokukhuluma
- Amaphupho ngokulwa
- Amaphupho ngokupheka nokudla nokuphuza
- Amaphupho ngomndeni nezihlobo
- Amaphupho ngomsebenzi nesikole
- Amaphupho ngomthetho necala nesijeziso
- Amaphupho ngomzimba
- Amaphupho ngothando nomshado