Amaphupho ngemali nobugwili

Asho ukuthini amaphupho ngemali nobugwili? Lokhu kuhlanganisa amabhange, ukuboleka/ukubolekisa, ithusi, imali ewuhlweze, amasheke, umqhele, isikweletu, ukuhola imali, igolide, ubucwebe, isiliva, ukuthenga, igugu namawalethi.

Amaphupho ngamakhadi okukweleta nokuthi amele ukuthini

Ukuphupha ngamakhadi esikweletu kumela ukukwazi kwakho ukuthola noma ukwenza okuthandayo empilweni ngaphandle kokusebenza kanzima noma ukukhathazeka kakhulu. Kukhombisa izinga lokukhululeka kwakho ngokuba namandla, amathuba noma ubumnandi. Ukusebenzisa ikhadi lesikweletu kusho ukuthi wena noma okuthize ngawe kukwazi ukwenza noma yini ukufeza injongo ngaphandle kwezinkinga. Ukuphupha ngabantu ababi benekhadi lesikweletu kungasho izinto ezingathandeki ngawe njengomuntu ezenza kube … Read more

Isho ukuthini imali emaphusheni akho?

Ukuphupha imali – ukuphupha inkece kuya ngokuthi enjani, uma kuyinkece engamaphepha lokho kusho ishobolo, kodwa ke uma kuyimali emhlophe kusho inhlanhla. Ukuphupha ngemali ewukheshi kusho amandla okufeza izinjongo ngenkululeko ephelele. Ungakhetha ukwenza okuthandayo. Inani lemali onayo ephusheni lisebenzisa izifundo zezinombolo ukuchaza okukhethayo noma ukuzizwa sengathi unamandla. Ukuthenga ngemali ewukheshi kumela ukusebenzisa amandla noma amasu ukufeza … Read more

Kusho ukuthini ukuphupha ngesiliva?

Umbala wesiliva emaphusheni umele ukuzizwela ngenhliziyo, inhlanhla, noma izenzakalo eziziqondanelayo. Ukuzizwela ngenhliziyo noma ukuqondiswa ngaphakathi kukusiza ukhethe lokho okuzokuholela kulokho okudingayo empilweni, ukuqondisisa kabusha, amandla amasha noma inkululeko entsha etholakala ngokuvela ngethuba. Okubi wukuthi isiliva lingaba uphawu lokuthi unebhadi noma uzwa sengathi akukho okukusebenzelayo. Ukuphupha ngezinto zesiliva kumela ukuzizwela ngenhliziyo noma inhlanhla ehambisana nanoma yini … Read more

Ukuphupha ngemali ewuhlweza kusho ukuthini

Imali ewuhlweza

Ukuphupha ngokuthola imali ewuhlweza kumela imizwa emihle ngezinto ezizuzwayo empilweni uma uphapheme. Ukuzizwa ujabulile ngokuba unokungaphezu kwalokhu obunakho kuqala. Ukuqondidisa izinkinga, ukuba namandla engeziwe, noma inkulululeko ezuziwe. Kungamela nemizwa yokuba nenhlanhla. Ukuthola into ngenhlanhla noma ukuqondana ngendlela engajwayelekile empilweni lapho ophapheme khona. Amathuba agejiwe noma alahlekile asephinde abuya. Ukwazi ngokubaluleka kwento esempilweni yakho.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza enqwabelene kumela imizwa ngawe uba nokuningi kunalokhu obunakho kuqala. Kungaba futhi ukuthi ugcina amasu noma ulindile ukuthola usizo noma ithuba. Ukwazi ngokubalulekile okubekiwe okusengxenyeni ethize yempilo yakho.

Ukuphupha ngokuqhwabaza imali ewuhlweza ngendlela enganendaba kumela ukuzwa kokungabaluleki kwento ozibone uzuza ngayo. Inhlanhla noma okubalulekile onganendaba nakho. Ukuziphatha ngendlela enganendaba ngento eyinhlanhla eyenzekile kuwe. Ukuzizwa unenhlanhla engaphezu kwbanye abantu noma ukuzizwa umuhle ngaphezu kwabanye abantu.

Ukuphupha ngokudlala umdlalo wokukhetha inhloko noma umsila wemali ewuhlweza kumela ukuzizwa noma ukuziphatha ngendlela engenandaba ngesinqumo. Ukudedela impilo noma isimiselo sikukhethele into.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza eyisiliva kumela inhlanhla noma ukuqondana kwezinto  nawe ozibona ukuithanda. Ungazizwa unenhlanhla ukuba nokungaphezu kwalokhu obunakho ngaphambilini. Ithuba noma okungalindelekile okukulethele ukuqondisisa, amandla noma inkululeko.

Read more

Kusho ukuthini ukuphupha ngegolide kuwe?

Igolide

Ukuphupha ngegolide kumela imizwa yokubaluleka kwento esempilweni yakho. Imizwa yokuceba noma ukujabulela ukuba nento enokubaluleka ibe kuwe wedwa. Amathuba anokubaluleka atholaka sonke isikhathi. Ukuzizwa ulondekile ezingeni lakho lamandla noma inkululeko yokwenza umathanda. Isenzakalo noma inzuzo eqinisekisiwe. Umuzwa wokulondeka ngento ebalulekilekuwe.

Igolide lingamela nenhlanhla enhle, ingcebo, ukwelapheka, ukukhanyiseka, injabulo nempumelelo.

Noma, igolide ephusheni lingemela imizwa yokuqiniseka ngamandla. Cabanga umusho othi “Okuhle njengegolide”. Ukuzethemba okuphelele ngokuthi wena noma omunye umuntu ungumanqoba.

Okubi ukuthi ukuphupha ngegolide kungamela imizwa yenkohlakalo, ukwenza ngokweqile noma umuntu owonakele ngezinto eziningi. Kungakhombisa nemizwa yakho engeyinhle njengokukhungatheka noma umona ngenjabulo yomunye umuntu. Izitha ezinamandla alondekile.

Ukuphupha ngokuthola igolide kumela imizwa ngokuthola into ebalulekile ngawe noma esempilweni yakho.

Read more

Amaphupho mayelana namaBhange nokuthi asho ukuthini

Amaphupho mayelana namaBhange Ukuphupha ngebhange kumela amasu noma amandla owaqukethe ongawasebenzisa noma yinini. Amathalente, amakhono, ukusekelwa ngokwezimali, ukusekelwa ngokomzwelo, noma izinto ezikunikeza umuzwa wokulondeka. Yilokhu oyamela kukho ukuzigcina ulondekile noma uphumelela. Ibhange lingakhombisa futhi ukuthi ubudlelwane bakho nabanye noma ukusebenzisana kwakho nabantu kunamandla kangakanani futhi kulunge kangakanani. Amandla, amasu noma abantu obasebenzisayo ukufeza izinjongo zakho. … Read more

Ukuphupha ngemali kusho ukuthini ngempilo yakho

Ukuphupha ngemali Ukuphupha ngemali kumela amandla okufinyelela izinhloso noma izinjongo zakho. Izinjongo zingaba ezithinta ingqondo, okungokomzwelo, noma ukufinyelela lapho okwenzeka khona okuthandayo empilweni uma usuphapheme. Ukwazi ukucabanga, ukuzwa noma ukwenza okuthandayo empilweni. Imali ikhombisa ukuthi wena noma okuthize ngobuwena bakho bunamandla amangakanani. Kuwukuzazi. Okuhle ukuthi imali imela okungenzeka, amandla namathuba. Iseluleko esiwusizo. Ukuzizwa ukwazi ukwenza … Read more

Amaphupho ngewalethi

Uma uphupha ukuthi akunalutho kwiwalethi yakho yingoba osebenza nabo kungenzeka ukuthi bazama ukukukhohlisa. Uma uphupha ukuthi ubona iwalethi yakho igcwele imali uzothola imali maduzane. Uma ulahlekelwa yiwalethi yakho awusezoxhumana nomunye wabangani bakho noma omunye wezihlobo zakho.

Amaphupho ngesiliva

Uma uphupha ubona isiliva, imali eyisiliva, noma izinto ezenziwe ngesiliva; lokho kuwuphawu oluhle. Kusho ukuthi uzoba nenhlanhla futhi ube nomshado onenjabulo uma kunguwena owemukela izinto zesiliva. Uma omunye umuntu ethatha kuwe izinto zesiliva, lokho kusho ukuthi uzoba nebhadi kumbe nomshado ongenayo injabulo. ▪️Kusho ukuthini ukuphupha ngesiliva?    

Amaphupho ngegolide

Uma uphupha ukuthi ubona igolide ngemvamisa kuwuphawu olubi futhi lukhomba ubunzima ekusaseni lakho. Uma uphupha isithandwa negolide kubi kakhulu futhi kusho ukuthi nizoba nebhadi ndawonye. Qaphela uma uphupha lokhu ikakhulukazi uma unomsebenzi.