Amaphupho ngoKhisimuzi (ngoNcibijane)

Ukuphupha uKhisimuzi kumbe uNcibijana kuyafana nokuphupha unikezwa imvilophu noma ukuphupha ubona imvilophu. Incazelo yala maphupho ibika ukuthi uzothola abangani abasha osuke uzoba nobudlelwano obuhle kakhulu nabo. Umehluko ngaleli phupho uba sekutheni ukuhlangana nalabo bangani osuke uzobathola kusuke kuzokwenzeka endaweni yokujabula, imvamisa leyo ndawo kuba ngeyomcimbi othize onihlanganisayo.

Amaphupho Okunqoba

Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobungozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela khona uba nezinhlanhla futhi ayafika … Read more