Amaphupho ngokugubha umkhosi
Asho ukuthini amaphupho ngokugubha umkhosi? Lokhu kuhlanganisa izixuku, ukudansa, ukuphuza, ukuthola isipho, ukuya ephathini, ukuhleka, ukuhlukanisa unyaka namaphikhinikhi.
Asho ukuthini amaphupho ngokugubha umkhosi? Lokhu kuhlanganisa izixuku, ukudansa, ukuphuza, ukuthola isipho, ukuya ephathini, ukuhleka, ukuhlukanisa unyaka namaphikhinikhi.
Ukuphupha uKhisimuzi kumbe uNcibijana kuyafana nokuphupha unikezwa imvilophu noma ukuphupha ubona imvilophu. Incazelo yala maphupho ibika ukuthi uzothola abangani abasha osuke uzoba nobudlelwano obuhle kakhulu nabo. Umehluko ngaleli phupho uba sekutheni ukuhlangana nalabo bangani osuke uzobathola kusuke kuzokwenzeka endaweni yokujabula, imvamisa leyo ndawo kuba ngeyomcimbi othize onihlanganisayo.
Uma uphupha ukuthi unephathi noma iphikhinikhi nabantu egcekeni kusho ukuthi uzokwenza abangani abasha maduzane kodwa kungakuhle ukuthi ulinde uze ubone ukuthi bathembekile ngaphambi kokuthi ubatshele izimfihlo.
Uma uphupha ukuthi kunephathi eyenzelwe wena kusho ukuthi uzophumelela kulokhu ohlela ukukwenza.
Uma uphupha ukuthi ugubha ukuhlukanisa konyaka kodwa akukhona ekupheleni konyaka uzokwenza abangani abasha abangabantu abalungile maduzane.
Uma uphupha ukuthi uyahleka kusho ukuthi kuzoba nosizi empilweni yakho maduzane.
Uma uphupha ukuthi usendleleni uya ephathini kusho ukuthi uzothola izindaba ezimbi maduzane nje. Amaphupho ngezixuku.
Uma uphupha ukuthi ugubha umkhosi futhi umuntu ukunikeza isipho kusho ukuthi maduzane uzothola iseluleko esihle kakhulu okufanele usilalele.
Uma uphupha ukuthi uphuza utshwala noma iwayini ukugubha umkhosi kusho ukuthi uzoba nempilo nenjabulo ikakhulukazi uma unaye umuntu othandana naye. Kepha uma uphuza kakhulu kusho ukuthi kungenzeka ulahlekelwe umsebenzi wakho maduzane.
Uma uphupha ukuthi uyadansa kuwuphawu oluhle kakhulu. Uzothola usizo oludingayo noma uzoba nempumelelo ezimalini nasemsebenzini. Uma udansa ehholo nabanye abantu abaningi kusho ukuthi uzoba nodumo.
Uma uphupha ukuthi usesixukwini sabantu ephathini kodwa akekho ofuna ukukhuluma nawe kusho ukuthi awuzuthandwa ngabanye abantu. Amaphupho ngokuya ephathini.
Uma uphupha ukuthi ugubha umkhosi kuwuphawu olubi – ngemvamisa kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima empilweni yakho maduzane nje.
Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobungozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela khona uba nezinhlanhla futhi ayafika … Read more