isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngoKhisimuzi (ngoNcibijane)

Ukuphupha uKhisimuzi kumbe uNcibijana kuyafana nokuphupha unikezwa imvilophu noma ukuphupha ubona imvilophu. Incazelo yala maphupho ibika ukuthi uzothola abangani abasha osuke uzoba nobudlelwano obuhle kakhulu nabo. Umehluko ngaleli phupho uba sekutheni ukuhlangana nalabo bangani osuke uzobathola kusuke kuzokwenzeka endaweni yokujabula, imvamisa leyo ndawo kuba ngeyomcimbi othize onihlanganisayo.

Amaphupho ngemvilophu

Uma uphupha ukuthi usebenzisa imvilophu kusho ukuthi uzohlangana nabantu abasha maduzane. Kuyibikezela elikwazisa ukuthi uzothola umngani omusha empilweni yakho. Kanti uma uphupha umuntu ekunikeza imvilophu, lokho kungachaza ukuthi wena nalomngani omusha ozomthola nisuke nizohlanganiswa nguye lowomuntu okunika imvilophu ephusheni.