Uma uphupha ukuthi uyahleka kungaba izincazelo ezimbalwa ezihlukile. Ukuphupha uhleka kungasho ukuthi:
- Kuzoba nosizi empilweni yakho maduzane
- Uvakashelwe ithongo lakho futhi lithokozile ngawe.
- Isikhathi senjabulo, ukubusiseka kanye nokwaneliseka empilweni.
- Uzoba nokudumala, isikhathi sosizi.
- Uma uphupha uhleka omunye umuntu kungasho ukuthi uwumuntu obukela abanye abantu phansi, uyeyisa noma uzomlulaza loyo muntu.
Ukuphupha umuntu ehleka
Ukuphupha umuntu ehleka khona kungasho lokhu:
- Ukuphupha omunye umuntu ehleka wuphawu olubi olungasho ukuthi uyingozi futhi angakukhaphela uma ungamsondeza eduzane.
- Kungasho ukuthi mqaphele ngoba ungumkhohlisi futhi engalimaza isithunzi sakho ebe ezenza muhle kuwe.
- Kungasho ukuthi loyo muntu ungumaluma apholise, futhi uyakujabulela ukukubona ubhekekene nosizi nezinkinga. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi yena uqobo ubhekene nesikhathi esinzima futhi ugcwele ukudabuka.
Ukuphupha uhleka nomuntu ongasekho
Ukuphupha uhleka nomuntu ongasekho:
- Kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi lowo muntu ongaskeho uhlambulukile futhi uyithongo elihle elikubhekile.
- Kungasho ukuthi lindela ukuhamba kahle kwempilo noma ukufezeka kwamaphupho akho.
- Ukuphupha uxoxa naye nihleka kungasho ukuthi lindela injabulo nempumelelo noma kungasho ukuthi umufi ukuvakashele.
Uma uphupha uhlekwa
Kusho ukuthi