Amaphupho ngezindonga

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi ubona izindonga zomuzi wakho kusho okubi ekusaseni lakho. Uma zinopende omanzi kusho ukuthi uzontshontshelwa izinto zakho. Uma uhlukaniswe kumuntu omthandayo yizindonga kusho ukuthi uzoba nobunzima ikakhulukazi uma uzama ukuzigibela izindonga kodwa uhluleka.

Amaphupho ngamakhaya

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kusho okuhle ukuphupha ikhaya owazalelwa kulona futhi waphinda wakhulela kulona, futhi uphupha ulibona lelokhaya wenza nezinto owawuzenza khona; ngokwesibonelo, uma uphupha usekhaya elidala kukhona nezingane okhule nazo nidlala ndawonye. Uma uphupha ikhaya ube ungumuntu osemathandweni kukhona ohlekisana naye, lokho kusho ukuthi uthole umuntu oqotho, buzoba buhle ubudlelwane benu futhi bungaphetha ngomshado ozoba nenjabulo. Uma indoda … Read more