Amaphupho ngesitimela

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ugibele isitimela sihamba kuwuphawu oluhle olungasho inqubekela phambili kokwenzayo. Uma uphupha ukuthi unohambo ngesitimela ungahlangana nomuntu okade wagcina ukumbona. Uma uphupha isitimela simile wuphawu olubi okungasho ukuma, nokumbambezeleka kanye nokungathuthuki ngokwempilo.Ukuphupha isitimela usigibele kungasho isiphiwo sikamoya nokwembathwa abantu abadala.Ukuphupha isitimela usigibele wuphawu oluhle olungasho uhambo lwempilo nolwentwaso olukulindile.Ukuphupha ugibele isitimela wuphawu oluhle olungasho impumelelo, … Read more

Amaphupho ngebhanoyi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha uhamba ngebhanoyi kusho ukuthi uzoya kude empilweni, kodwa uma lishayisa lokho kusho ukuthi uzobhekana nobunzima obuningi nosizi. Uma uphupha uphakathi  ebhanoyini lihamba kahle nje, lokho kusho impumelelo. Uma uphupha uphakathi ebhanoyini kodwa bese liwa, lokho kusho izinkinga ozohlangabezana nazo empilweni Uma uphupha ubona ibhanoyi liwa, wena ungekho phakathi, lokho kusho ukuphoxeka okuzoba khonaempilweni.

Amaphupho ngenqola

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi ugibele inqola (ikalishi, ingqukumbane) kusho ukuthi kunebhadi elizayo. Kusho ukuthi uzolahlekelwa yizinto ozithandayo futhi uzobhekana nokukloloda namahloni futhi kubi kakhulu uma uphupha uyidonsa inqola. Uma uphuphe uyigibela inqola lokho kubika ukushona phansi empilweni, okuba ukwehla ezingeni obukulo. Kungaba ukwehla esikhundleni esiphezulu obukuso ngokomsebenzi, ukuphatha noma ngokwendima oyidlalayo kulokho okwenzayo futhi onothando lwakho. … Read more

Amaphupho ngokugibela

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi kunento oyigibelayo, kusho ukuthi uzophumelela kangakanani empilweni. Uma ufika phezulu, uzofinyelela izinhloso zakho empilweni, othandweni nasemsebenzini. Uma ungafiki, noma uwa phansi, kusho ukuthi uzodumala. Uma usugibelile wafika phezulu emaphusheni akho futhi usuyehla, kusho ukuthi kuzoba noshintsho oluhle empilweni yakho maduzane. Uma uphupha ukuthi ugibele ihhashi kusho ukuthi uzobhekana nosizi nokudumala empilweni yakho … Read more