Amaphupho ngenqola

Uma uphupha ukuthi ugibele inqola (ikalishi, ingqukumbane) kusho ukuthi kunebhadi elizayo. Kusho ukuthi uzolahlekelwa yizinto ozithandayo futhi uzobhekana nokukloloda namahloni futhi kubi kakhulu uma uphupha uyidonsa inqola. Uma uphuphe uyigibela inqola lokho kubika ukushona phansi empilweni, okuba ukwehla ezingeni obukulo. Kungaba ukwehla esikhundleni esiphezulu obukuso ngokomsebenzi, ukuphatha noma ngokwendima oyidlalayo kulokho okwenzayo futhi onothando lwakho. Kepha uma uphupha ukuthi udonswa ngabantu abaningi kungaba yiphupho elihle elingasho ukuthi uzokhushulwa emsebenzini uphathe izisebenzi eziningi. Uma uphupha uyishayela inqola, lokho kubika ubumpofu obuzayo obuzofika nobunzima obukhulu.

10 thoughts on “Amaphupho ngenqola”

  1. Ngyabingelela ngcela ukubuza kuchazani ukuphupha ugibele inqola kodwa ingashayelwa uwena uliftiwe yehla endaweni eshonaphansi isahamba ujombe wena

    Reply
  2. Ngisacela ukubuza ukuthi ngabe kuchazani ukuphupha ugibele inqola izihambela endaweni ekhuphukayo until ugcine ufikile phezulu ?

    Ngobonge ithuba

    Reply
  3. San’bonani ngicela ukubuza incazelo yephupho lam. Ngiphuphe ngisenqoleni igijima ngiphethwe ingane, safika emfuleni ongenawo amanzi saqala ukugijima nezingane zika sis wam, saqala ukugijinyiswa wumuntu omude kakhulu kodwa kasibambanga. Sengena ensimini ebekade inezihlahla eziluhlaza bese ngabona umgwaqo nekhaya elinabantu abaningi kodwa bengisanazo izingane Malena encane. Saqamuka sesilinde itexi kungathi ngishaywa wuvalo, ngingafuni ukubuyela ngemva kodwa itexi ebesigibelile ayifikanga lapho ebesiya khona.

    Ngyabonga

    Reply
  4. min ngcela ukubuza ukuthi kuchazan ukuphuph wopha sengathi ukhulelwe ekubeni kusolakala vele ukuthi ukhulelwe kutkuth kuthiwa umntwana akabonakali

    Reply
  5. Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha ujahwa amaphoyisa, nokuphupha unqunu ngoba ayangihlupha lamaphupho.

    Reply
  6. ngiyakhuleka emathogweni ngicela ukubuza ndlondlo kuchaza ukuthini ukuphupha amaphoyisa ezosesha ekhaya kodwa aphuma engatholanga lutho avalelisa ahamba

    Reply

Leave a Reply