Amaphupho ngesitimela

Ukuphupha ugibele isitimela sihamba kuwuphawu oluhle olungasho inqubekela phambili kokwenzayo. Uma uphupha ukuthi unohambo ngesitimela ungahlangana nomuntu okade wagcina ukumbona. Uma uphupha isitimela simile wuphawu olubi okungasho ukuma, nokumbambezeleka kanye nokungathuthuki ngokwempilo.
Ukuphupha isitimela usigibele kungasho isiphiwo sikamoya nokwembathwa abantu abadala.
Ukuphupha isitimela usigibele wuphawu oluhle olungasho uhambo lwempilo nolwentwaso olukulindile.
Ukuphupha ugibele isitimela wuphawu oluhle olungasho impumelelo, inqubekela phambili nokuthuthuka empilweni.

Uma uphupha isitimela sikushiya wuphawu olubi olungasho ukufulathelwa isidalo esikwembethe.
Uma uphupha isitimela sikushiya uphawu olubi olungasho ukuthi ungase uphuthelwe ithuba elingcono nokubambezeleka empilweni.

Ukuphupha isitimela siphukile kuwuphawu olubi olungasho ukuthi uhambo lwakho lukamoya noma uhambo lwempilo lukhungethwe izinkinga ezenza ukuthi ungabi nenqubekela phambili kanye nokuthuthuka.

3 thoughts on “Amaphupho ngesitimela”

Leave a Reply