Amaphupho ngebhanoyi
Uma uphupha uhamba ngebhanoyi kusho ukuthi uzoya kude empilweni, kodwa uma lishayisa lokho kusho ukuthi uzobhekana nobunzima obuningi nosizi. Uma uphupha uphakathi ebhanoyini lihamba kahle nje, lokho kusho impumelelo. Uma uphupha uphakathi ebhanoyini kodwa bese liwa, lokho kusho izinkinga ozohlangabezana nazo empilweni Uma uphupha ubona ibhanoyi liwa, wena ungekho phakathi, lokho kusho ukuphoxeka okuzoba khonaempilweni.