Amaphupho ngocansi

Leli yiphupho elingelihle, likhomba ukuba khona kwemimoya emibi ekuzungezile empilweni yakho noma kuleyo ndawo olala kuyona. Lokhu kungaba wumphumela wokusetshenziswa kwemithi yobumnyama kuwena noma imimoya emibi eyasala kuleyo ndawo okuyo. Ngakho-ke ukulwisana naleliphupho elivamise ukuba ngeliphindaphindayo kumele usebenzise isisekelo okholelwa kuso. Leso sisekelo singaba wusizo olutholakala kubelaphi besintu noma kungaba ukuthandaza uma ukholelwa kuNkulunkulu. Kepha-ke … Read more

Amaphupho ngomlingo

Uma uphupha ukuthi umuntu wenza umlingo kusho ukuthi kuzoba noshintsho empilweni yakho maduzane. Uma abantu kade bekukhohlisa uzokwazi maduzane futhi ngeke besakwazi ukucasha.

Amaphupho ngenyoni yombani

Uma uphupha ukuthi ubona inyoni yombani kuzoba nobunzima emndenini wakho maduzane ikakhulukazi uma inyoni ihlala phezu kwendlu yakho. Qaphela ukuduma kwezulu nombani okwesikhashana ngoba kungenzeka ukuthi usenkingeni. Amaphupho ngezinyoni. Amaphupho ngezinyoni zokuzingelwa.