Amaphupho ngezinkolelo zesintu
Asho ukuthini amaphupho ngezinkolelo zesintu zaseAfrika? Lokhu kuhlanganisa amadlozi, iziqalekiso, izinganekwane, imicimbi, izindawo ezingcwele, izinyoni zombani, umlingo nezintombi zasolwandle.
Asho ukuthini amaphupho ngezinkolelo zesintu zaseAfrika? Lokhu kuhlanganisa amadlozi, iziqalekiso, izinganekwane, imicimbi, izindawo ezingcwele, izinyoni zombani, umlingo nezintombi zasolwandle.
Leli yiphupho elingelihle, likhomba ukuba khona kwemimoya emibi ekuzungezile empilweni yakho noma kuleyo ndawo olala kuyona. Lokhu kungaba wumphumela wokusetshenziswa kwemithi yobumnyama kuwena noma imimoya emibi eyasala kuleyo ndawo okuyo. Ngakho-ke ukulwisana naleliphupho elivamise ukuba ngeliphindaphindayo kumele usebenzise isisekelo okholelwa kuso. Leso sisekelo singaba wusizo olutholakala kubelaphi besintu noma kungaba ukuthandaza uma ukholelwa kuNkulunkulu. Kepha-ke … Read more
Uma uphupha ukuthi ubizwa yintombi yasolwandle kusho ukuthi amadlozi azokunikeza umyalezo maduzane futhi uzoba nenhlanhla.
Uma uphupha ukuthi umuntu wenza umlingo kusho ukuthi kuzoba noshintsho empilweni yakho maduzane. Uma abantu kade bekukhohlisa uzokwazi maduzane futhi ngeke besakwazi ukucasha.
Uma uphupha ukuthi ubona inyoni yombani kuzoba nobunzima emndenini wakho maduzane ikakhulukazi uma inyoni ihlala phezu kwendlu yakho. Qaphela ukuduma kwezulu nombani okwesikhashana ngoba kungenzeka ukuthi usenkingeni. Amaphupho ngezinyoni. Amaphupho ngezinyoni zokuzingelwa.
Uma uphupha ukuthi usendaweni engcwele kusho ukuthi uzoba nenjanbulo esikhathini esizayo. Kungasho nokuthi uzoshada usemusha uma ungowesifazane.
Uma uphupha ukuthi uyingxenye yomcimbi ongcwele kusho ukuthi maduzane isihlobo sakho sizodinga usizo lwakho.
Uma uphupha ukuthi kunomuntu okuxoxela inganekwane kusho ukuthi izinto ebezikuhlupha zizophela maduzane.
Uma uphupha ukuthi ubona udeveli kunengozi ezayo kuwe. Kungenzeka ube senkingeni nomthetho maduzane.
Uma uphupha ukuthi uqalekisiwe kusho ukuthi uzolahlekelwa yinto ebalulekile kuwe.
Uma uphupha ukuthi ubona amadlozi uzobhekana nenkathazo empilweni wakho maduzane.