Amaphupho ngezinzwa

Asho ukuthini amaphupho ngezinzwa? Lokhu kuhlanganisa imisindo ehlukahlukene nokunuka kwezinto ezihlukahlukene.

Amaphupho ngamakha

Ukuphupha amakha, noma ngabe uyaziqhola ngawo, noma ngabe unukelwa yiphunga lawo elimnandi, konke kusho okuhle empilweni, emsebenzini noma kwezothando. Ray Nkonyeni LibrariesThis article was brought to you by Ray Nkonyeni Libraries, which offers a free public library service at 13 libraries across the municipal area. Click HERE to learn more about Ray Nkonyeni Libraries, their … Read more

Amaphupho ngokuzwa ucingo

Uma uphupha ukuthi uzwa ifoni/ ucingo lukhala kusho ukuthi abantu bahleba ngawe futhi kuzoletha izinkinga ebudlelwaneni bakho nabanye. Uma uphupha ukuthi ubona ucingo lokubiyela kusho ukuthi uzoba yisigwili ekusaseni lakho kodwa kungathatha isikhathi.

Amaphupho ngokuzwa umculo

Uma uphupha ukuthi uzwa umculo ojabulisayo ephusheni lakho lokho kusho ukuthi uzothola izindaba ezimnandi maduzane nje. Kodwa uma uzwa umculo ongemnandi kusho ukuthi uzothola izindaba ezimbi.