Amaphupho ngelulwane

Uma uphupha ubona ilulwane kuyishwa ngakho kufuneka uqaphele okwesikhashana. Ilulwane yisilwane esimbaxambili, sakheke saba nomzimba wenyoni kepha ikhanda lingelegundwane. Emaphusheni ilulwane lisho ukubakhona komuntu oyixoki ngobumbaxambili kuwena nasetheni zakho. Lomuntu uba muhle uma ephambi kobuso bakho kepha uyingozi ngemva kwakho. Angeke kwambuleleke ukuthi umazi lowomuntu ngokwephupho, kodwa okuyaye kubaluleke yindawo osuke ukuyo wena ophuphayo okuyiyona … Read more

Amaphupho ngezinkonjane

Leli ngelinye lamaphupho amahle kakhulu elingafaniswa nokuphupha amajuba, amadayisi noma idayimane. Leliphupho liyibika lenhlanhla nokuhamba kahle kwezinto empilweni yomuntu. Kafushane nje, singasho sithi likhomba ukuphakama nokudlulela esigabeni esilandelayo kwalokho okwenziwa yilowo ophupha izinkonjane – kungaba ukudlulela esigabeni esilandelayo ngokwemfundo, ukukhushulelwa esikhundleni emsebenzini, ukuwina kakhulu lapho kugembulwa, noma ukwamukelwa kwesicelo ebesifakwe ndawanathile – lezi yizibonelo nje, … Read more

Amaphupho ngenyoka

Ukuphupha inyoka noma izinyoka Ukuphupha izinyoka akusiyo neze into ethokozisayo, kuchaza ukuthi kusuke kukhona isitha esikulandelayo. Futhi kuya ngokuthi iyiphi inyoka oyiphuphile. Isibonelo nje uma uphupha inhlwathi – lelophupho lisuke liqondene nabantu abadala, amathongo noma phecelezi amadlozi. Ukuphupha imfezi khona kusho ukuthi kukhona umuntu ozenza umngani kuwe ebe ekuxokizela, okusho ukuthi kunomuntu oseduze kwakho oyinyoka. … Read more

Amaphupho ngenyoka eluhlaza

Uma uphupha ubona inyoka eluhlaza enkulu kusho ukuthi kunesitha esifuna ukukulimaza. Kungenzeka sibe ngisho ngaphakathi emndenini wakho. Ukuphupha inyoka eluhlaza kungaba wuphawu lwenjabulo, ukuchuma kanye nenhlanhla. Ukuphupha imamba eluhlaza kuhambisana nedlozi, ngoba yinyoka elungile kumele nasephusheni ilunge, uma inolaka ephusheni kungachaza ukuthi abantu abadala abajabule noma amadlozi aweneme. Kuchazani ukuphupha inyoka eluhlaza encane, kuchaza idlozi … Read more