Amaphupho ngezinyosi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha izinyosi kungaba wuphawu oluhle, lungasho ukubumbana komndeni nokukwazi ukubambisana. Uma uphupha izinyosi zithuthezela uju zingakwenzi lutho kungasho ingcebo ezayo. Uma uphupha izinyosi zingakwenzi lutho olubi kungasho abadala. Ukuphupha izinyosi zikutinyela kungaba wuphawu lolaka lukaNkulunkulu, lwamathongo noma lolaka nje oluvela ebantwini. Kungasho futhi ukuthi kunesidalwa esesithukuthele esizokudalela izinkinga.Uma uphupha izinyosi zikutinyela bese kuqhamuka umuntu ongasekho … Read more

Amaphupho ngelulwane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona ilulwane kuyishwa ngakho kufuneka uqaphele okwesikhashana. Ilulwane yisilwane esimbaxambili, sakheke saba nomzimba wenyoni kepha ikhanda lingelegundwane. Emaphusheni ilulwane lisho ukubakhona komuntu oyixoki ngobumbaxambili kuwena nasetheni zakho. Lomuntu uba muhle uma ephambi kobuso bakho kepha uyingozi ngemva kwakho. Angeke kwambuleleke ukuthi umazi lowomuntu ngokwephupho, kodwa okuyaye kubaluleke yindawo osuke ukuyo wena ophuphayo okuyiyona … Read more

Amaphupho ngezinkonjane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Leli ngelinye lamaphupho amahle kakhulu elingafaniswa nokuphupha amajuba, amadayisi noma idayimane. Leliphupho liyibika lenhlanhla nokuhamba kahle kwezinto empilweni yomuntu. Kafushane nje, singasho sithi likhomba ukuphakama nokudlulela esigabeni esilandelayo kwalokho okwenziwa yilowo ophupha izinkonjane – kungaba ukudlulela esigabeni esilandelayo ngokwemfundo, ukukhushulelwa esikhundleni emsebenzini, ukuwina kakhulu lapho kugembulwa, noma ukwamukelwa kwesicelo ebesifakwe ndawanathile – lezi yizibonelo nje, … Read more

Amaphupho ngenyoka emnyama enebala elimhlophe

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha inyoka emnyama enebala elimhlophe ngenzansi yiphupho elimele abadala noma amadlozi, lisho inhlanhla ezokwenzeka emndenini. Kanti ke uma uphupha ushawa inyoka ensundu kusho ulaka lwabadala phecelezi abaphansi. Amaphupho ngenyoka ensundu. Amaphupho ngenyoka eluhlaza. Amaphupho ngenyoka.

Amaphupho ngenyoka

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha inyoka noma izinyoka Ukuphupha izinyoka akusiyo neze into ethokozisayo, kuchaza ukuthi kusuke kukhona isitha esikulandelayo. Futhi kuya ngokuthi iyiphi inyoka oyiphuphile. Isibonelo nje uma uphupha inhlwathi – lelophupho lisuke liqondene nabantu abadala, amathongo noma phecelezi amadlozi. Ukuphupha imfezi khona kusho ukuthi kukhona umuntu ozenza umngani kuwe ebe ekuxokizela, okusho ukuthi kunomuntu oseduze kwakho oyinyoka. … Read more

Amaphupho ngenyoka eluhlaza

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona inyoka ehlaza/ eluhlaza enkulu kusho ukuthi kunesitha esifuna ukukulimaza. Kungenzeka sibe ngisho ngaphakathi emndenini wakho. Ukuphupha inyoka eluhlaza kungaba wuphawu lwenjabulo, ukuchuma kanye nenhlanhla. Ukuphupha imamba eluhlaza kuhambisana nedlozi, ngoba yinyoka elungile kumele nasephusheni ilunge, uma inolaka ephusheni kungachaza ukuthi abantu abadala abajabule noma amadlozi aweneme. Kuchazani ukuphupha inyoka eluhlaza encane, kuchaza … Read more

Amaphupho ngeselesele (ixoxo)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ngexoxo (iselesele) kuyinto engeyinhle, imvamisa leli phupho liba ukuphupha umuzi kababa wakho noma lapho kuzalwa khona ubaba wakho ugcwele amasele. Lokhu kusho ukuthi kunomuntu okushaya ngesichitho esiphehlwa ebusuku nasekushoneni kwelanga sesahlukaniso sothando.