Leli ngelinye lamaphupho amahle kakhulu elingafaniswa nokuphupha amajuba, amadayisi noma idayimane. Leliphupho liyibika lenhlanhla nokuhamba kahle kwezinto empilweni yomuntu. Kafushane nje, singasho sithi likhomba ukuphakama nokudlulela esigabeni esilandelayo kwalokho okwenziwa yilowo ophupha izinkonjane – kungaba ukudlulela esigabeni esilandelayo ngokwemfundo, ukukhushulelwa esikhundleni emsebenzini, ukuwina kakhulu lapho kugembulwa, noma ukwamukelwa kwesicelo ebesifakwe ndawanathile – lezi yizibonelo nje, inqubekela phambili ingaba maqondana nalokho umuntu nomuntu akuphokophelele.
Ngiphuphe amakati amncane emhlophe emzimbeni emnyama kancane ebunzini ngiwafaka ku bheseni
Ngithe ngibona abesenyamalele
Thola nalu ulwazi esinalo mayelana nokuphupha ngamakati: https://iafrika.org/amaphupho-ngekati/ Kulenkundla sesinengosi entsha sha! Lengosi izeka konke okumayelana nokwelapha ngokwesintu. Siqale ngesonto eledlule sakuthi phohlo ngesihloko sokuqala sokwendlalela, bheka lapha: https://iafrika.org/abelaphi-ngokuhlukana-kwabo/ Ezinsukwini ezingengaki sizokunika ulwazi olunzulu mayelana nokwelapha ukuphathwa yisisu, step by step.
Ngobingelele
Ngiphuphe umuntu eshada umbhedo wesintu kuthi ngibona wabe esenzimimi engikhelela imufino
Nalu ulwazi lapho uphupha ushada noma usemshadweni: https://iafrika.org/amaphupho-ngomshado/ Imifino yona uma uyiphupha kuthiwa ichaza lokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngemifino/ Kulenkundla sesinengosi entsha sha! Lengosi izeka konke okumayelana nokwelapha ngokwesintu. Siqale ngesonto eledlule sakuthi phohlo ngesihloko sokuqala sokwendlalela, bheka lapha: https://iafrika.org/abelaphi-ngokuhlukana-kwabo/ Ezinsukwini ezingengaki sizokunika ulwazi olunzulu mayelana nokwelapha ukuphathwa yisisu, step by step.