Amaphupho ngezinkonjane
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Leli ngelinye lamaphupho amahle kakhulu elingafaniswa nokuphupha amajuba, amadayisi noma idayimane. Leliphupho liyibika lenhlanhla nokuhamba kahle kwezinto empilweni yomuntu. Kafushane nje, singasho sithi likhomba ukuphakama nokudlulela esigabeni esilandelayo kwalokho okwenziwa yilowo ophupha izinkonjane – kungaba ukudlulela esigabeni esilandelayo ngokwemfundo, ukukhushulelwa esikhundleni emsebenzini, ukuwina kakhulu lapho kugembulwa, noma ukwamukelwa kwesicelo ebesifakwe ndawanathile – lezi yizibonelo nje, … Read more