Uma uphupha izinyosi kungaba wuphawu oluhle, lungasho ukubumbana komndeni nokukwazi ukubambisana. Uma uphupha izinyosi zithuthezela uju zingakwenzi lutho kungasho ingcebo ezayo.
Uma uphupha izinyosi zingakwenzi lutho olubi kungasho abadala.
Ukuphupha izinyosi zikutinyela kungaba wuphawu lolaka lukaNkulunkulu, lwamathongo noma lolaka nje oluvela ebantwini. Kungasho futhi ukuthi kunesidalwa esesithukuthele esizokudalela izinkinga.
Uma uphupha izinyosi zikutinyela bese kuqhamuka umuntu ongasekho emhlabeni ayibulale leyo nyosi kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi ithongo lakho lizokumela, likuvikela ezimweni eziza kabi nangolaka kuwe.
Uma uphupha izinyosi zikutinyela bese kuqhamuka umuntu osaphila noma ongamazi ayibulale, kungasho ukuthi izingelosi zikaNkunkulu zizokuvikela ezitheni zakho, kwesinye isikhathi kungasho ukuthi uzothola umuntu ozokwelekelela ebunzimeni obhekene nabo.
Kwesinye isikhathi ukuphupha inyosi ikutinyela kungasho ukugadlwa ngemithi emibi, okungaba isichitho kodwa kuba kuhle uma kuvela umuntu wakini ongasekho akulamulele.
Uma uphupha uju lwezinyosi ugcotshwa ngalo kungaba wuphawu oluhle, kungasho ukwesekwa ozokuthola, kanti futhi kungasho inhlanhla kanye namathuba angcono azayo empilweni. Kwesinye isikhathi kungasho ukuhanjelwa kahle yizinto kwezothando.
Uma uphupha uju luluningi kungasho ukuthi lindela ukuthola izibusiso, nentuthuko kanye nengcebo empilweni.
Uma uphupha uju uludla futhi uluthokozela kungasho ukubusiswa ngobuhlakani nokuthi uzokwazi ukuzakhela intokomalo nezikhathi ezimnandi empilweni.
Ukuphupha udla uju kungasho ukuthi uzojabula futhi weneliseke nangezikhathi ezinzima ngenxa kaNkulunkulu.
Uma uphupha uju ludliwa ngomunye umuntu ekubuka kungasho ukuthi qaphela ngoba kunomuntu ozama ukukuholela ophathe, ekukhohlisa esebenzisa amazwi ahehayo.
Uma uphupha izinyosi zikuhlasela zikutinyela kungasho ukuthi kumele uqaphele ngoba kunabantu abahlangene ngawe abangakulimaza mabengathola ithuba.
Uma uphupha izinyosi zikuqaqele kungasho ukuthi uzungezwe abantu abaningi abangakufiseli okuhle futhi abahlangene ngawe.
Kusho ukuthi ukuphupha ugijinyiswa zinyosi
Kukhona ku athiliki ukuthi kuchaza ukuthini uma zingakutinyeki. Sicela ubheke.