Amaphupho ngokubeletha (ukuthola umntwana)

Uma ungumuntu wesifazane uphupha ubeletha umntwana, lelo phupho lingaba nezincazelo ezahlukahlukene. Izincazelo zivela ekutheni ubelethe kanjani ephusheni lakho. Uma uphupha ubeletha kabuhlungu noma umntwana enqaba ukuphuma, lokho kuyibika lokuthi kukhona izinto okungezakho (imvamisa inhlanhla) okufanele ngabe sezifikile kuwena kepha kunomuntu okuvimbile lokho. Kanti uma uphupha ubeletha kahle nomntwana aphume ekhala ngengokujwayelekile, lokho kubika ukuthi kunenhlanhla … Read more

Amaphupho ngokukhulelwa

Athini amaphupho okubika isisu noma ukukhulelwa? Ungathola izincazelo ngaphansi. Amaphupho okubika isisu noma ukukhulelwa Uma uphupha izithelo eziningi ezahlukene. Kuyenzeka uphuphela umuntu wakini noma umngane wakho okhulelwe. Uma uphupha udla izithelo kusuke kunguwena ozokhulelwa noma kanti vele usukhulelwe. Uma uphupha ubhukuda emanzini angcolile noma udaka olunamanzi ubisha kulona kusuke kunguwena okhulelwe. Uma uphupha ukuthi ukhulelwe … Read more

Amaphupho ngokuzala

Uma ukhulelwe noma ushadile bese uphupha ukuthi uyazala, lokho kusho ukuthi uzobeletha kalula. Uma uphupha uzala kodwa ungakhulelwe, lokho kusho ukuthi kunenkathazo esendleleni. Uma uyindoda uphupha ukuthi uphathina wakho uyazala, lokho kusho ukuthi ukhulelwe.