isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngesibuko

Uma uphupha ukuthi usebenzisa isibuko kusho ukuthi abantu obethembayo bangakujikela maduzane futhi kufanele usebenze kanzima uma ufuna ukuphumelela emsebenzini.

Amaphupho ngelambu

Uma uphupha ukuthi usebenzisa ilambu noma isiketekete kuyinhlanhla uma isibani sikhanya. Uzophumelela othandweni nasempilweni. Uma ilambu lingasebenzi kuzoba nezikhathi ezinzima ezizayo kuwe. Uma kunguwena olikhanyisayo kusho ukuthi uzothola isimanga empilweni yakho maduzane.

Amaphupho ngombhede

Uma uphupha ukuthi usembhedeni ukuthi lokho kusho ukuthini kuya ngokuthi uwenzani. Uma uphupha nje ngombhede ongenamuntu phakathi izinkinga zakho zizophela maduzane. Uma uwendlala umbhede uzothatha uhambo maduzane. Uma ulele embhedeni uzoshada maduzane mawungashadile.