Ukuphupha uhlela ifenisha kungasho uphawu oluhle, inqubo yokulungisa amaphutha osuke wawenza ngaphambilini. Kwesinye isikhathi kungasho imizamo yokuqala kabusha empilweni noma ungasiza omunye umuntu ashintshe impilo yakhe.
Uma uphupha ubona umbhede kwifenisha yakho kungasho ukuthi izinkinga obhekene nazo zizodlula, kwesinye isikhathi ukubona umbhede kungasho ukuthi kukhona isifo esizayo noma kukhona osondelene naye ozobanjwa ukugula.
Ukuphupha umbhede uhleli kuwo kungasho ukuthi uzobusiswa ngomshado, noma uzothenjiswa umshado. Uma ushadile umbhede obukuwo kungowomlingani wakho, lokho kungasho ukuthuthuka kobudlelwane benu.
Ukuphupha ifenisha entsha kungasho izinguquko ezinhle ezizokwenza impilo yakho ibe ngcono.
Uma uphupha umbhede wendlaliwe kahle kusho ukuthi ubunzima obhekene nabo buzodlula.
Ukuphupha ikhabethe kungasho ukuthi umlingani wakho uzondlondlobala enze kahle ezintweni ezithinta izimpahla.
Ukuphupha ikhabethe livaliwe khona kungasho ukuthi ungalokothi uzame ukuveza izimfihlo noma ufune ukuphenya izimfihlo.
Ukuphupha ibhokisi lomshado khona kungasho ukuthi kukhona ofihlelwa khona abasondelene nawe. Kanti kwesinye isikhathi kungasho isifo esingase sivele emndenini.
Ukuphupha ukhipha umbheda phandle kodwa engathi sudabukile ispontshi
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngombhede/