Amaphupho ngokweshelwa

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha weshelwa wuphawu oluhle, lungasho inhlanhla kanti uma ungamazi lowo muntu kungasho ukuthi uyena odalelwe wena ozofika ngelinye ilanga azokweshela.Uma uphupha umuntu ekushela kungasho ukuthi kunesidalo esihle esifuna usamukele uma uwumuntu kamoya. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi qaphela ngoba kunomoya ongcolile noma isilwane esizama ukunamathela kuwe.Uma uphupha umuntu ekushela kodwa ukwazi ukwenqaba kungaba wuphawu oluhle olungasho ukuthi … Read more

Amaphupho ngothando nomshado

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Asho ukuthini amaphupho ngothando nomshado? Lokhu kuhlanganisa ukuthandana nomuntu ngaphandle komshado wakho, amadoda angaganiwe, omakoti, omkhwenyana nezimpelesi, ukuhlukumeza, idivosi, ukuthembisa umshado, ukuqabula, ukucela umshado, ukwaliwa, imishado, umcimbi nendandatho yomshado.

Amaphupho ngomqhele

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ugqoke umqhele, unikezwa umqhele, noma omunye oyilunga lomndeni wakho okanye umuntu othandana naye egqoke umqhele; lokho kuyinto engeyinhle. Imvamisa leli kuba iphupho elijwayelekile kubantu asebeshadile. Lisuke libika ukuthi kumalungiselelo omshado okungaba amalobolo, umembeso, izibizo noma okunye, kusuke kukhona okungahambanga ngendlela ebifanelekile okwenze umshado wabo wangamukeleka ngokuphelele emadlozini. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi umuntu ophuphe ngomqhele ahlaziye … Read more

Amaphupho ngomcimbi womshado

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi uyashada kuyibhadi ikakhulukazi kwabesilisa. Kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima empilweni yakho maduzane. Uma omunye wabantu ephusheni lakho begula noma bekhubazekile kusho ukuthi uzoba nomshado ongenayo injabulo. Kuyinhlanhla kuphela uma umuntu wesifazane eziphupha eshada nekhehla.