Amaphupho ngothando nomshado

Asho ukuthini amaphupho ngothando nomshado? Lokhu kuhlanganisa ukuthandana nomuntu ngaphandle komshado wakho, amadoda angaganiwe, omakoti, omkhwenyana nezimpelesi, ukuhlukumeza, idivosi, ukuthembisa umshado, ukuqabula, ukucela umshado, ukwaliwa, imishado, umcimbi nendandatho yomshado.

Amaphupho ngomqhele

Ukuphupha ugqoke umqhele, unikezwa umqhele, noma omunye oyilunga lomndeni wakho okanye umuntu othandana naye egqoke umqhele; lokho kuyinto engeyinhle. Imvamisa leli kuba iphupho elijwayelekile kubantu asebeshadile. Lisuke libika ukuthi kumalungiselelo omshado okungaba amalobolo, umembeso, izibizo noma okunye, kusuke kukhona okungahambanga ngendlela ebifanelekile okwenze umshado wabo wangamukeleka ngokuphelele emadlozini. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi umuntu ophuphe ngomqhele ahlaziye … Read more

Amaphupho ngomshado

Uma uphupha ushada noma usemshadweni, lokho kuchaza ukuthi emndenini kukhona ozoshona noma ozovelelwa yinkinga embi. Kodwa uma umuntu ephupha akuvamisile ukuthi aziphuphele yena, iphupho lisuke limayelana nomunye umuntu.

Amaphupho ngengubo yomshado

Iphupho ngengubo yomshado lisho isifo esiwumkhokha omubi ekhaya noma ukushona komuntu aye kwelokhokho. Leliphupho lisondelene nabantu abaseduze nawe noma abayizihlobo zegazi kuwe. Amaphupho ngomshado.  

Amaphupho ngamadoda angaganiwe

Uma uphupha ukuthi uyindoda eseyintsha engaganiwe kusho ukuthi uzohlangana nomngani omdala noma isihlobo maduzane. Ukuphupha ukuthi uyindoda esikhulile engaganiwe kusho ukuthi awuzushada noma ukuthi umshado wakho uzoba nezinkinga.

Amaphupho ngomcimbi womshado

Uma uphupha ukuthi uyashada kuyibhadi ikakhulukazi kwabesilisa. Kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima empilweni yakho maduzane. Uma omunye wabantu ephusheni lakho begula noma bekhubazekile kusho ukuthi uzoba nomshado ongenayo injabulo. Kuyinhlanhla kuphela uma umuntu wesifazane eziphupha eshada nekhehla.

Amaphupho ngokuqabula

Uma uphupha ukuthi uqabula uphathina wakho, kuyibhadi ngoba ubudlelwane benu buzophela maduzane. Uma kungumyeni noma unkosikazi wakho, kungenzeka bathandane nomunye umuntu. Uma nje kungumuntu omuhle, kuyinhlanhla futhi kusho ukuthi kukhona ozokusiza uphume enkingeni maduzane.