Ukuphupha ugqoke umqhele, unikezwa umqhele, noma omunye oyilunga lomndeni wakho okanye umuntu othandana naye egqoke umqhele; lokho kuyinto engeyinhle. Imvamisa leli kuba iphupho elijwayelekile kubantu asebeshadile. Lisuke libika ukuthi kumalungiselelo omshado okungaba amalobolo, umembeso, izibizo noma okunye, kusuke kukhona okungahambanga ngendlela ebifanelekile okwenze umshado wabo wangamukeleka ngokuphelele emadlozini. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi umuntu ophuphe ngomqhele ahlaziye konke ngendlela okwenzeke ngayo noma uthole usizo kubantu ababona ngeso labaphansi ukuze bamndlalele iphutha noma inkinga bese futhi benikeza nendlela izinto ezingalungiseka ngayo.
- Amaphupho ngokugqoka umqhele.
- Amaphupho ngomcimbi womshado.
Kusho ukuthini ukuphupha uvunuliswa ngumuntu ongasekho.
Nansi incazelo uma uphupha ngabantu abangasekho: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/