Ukuphupha weshelwa wuphawu oluhle, lungasho inhlanhla kanti uma ungamazi lowo muntu kungasho ukuthi uyena odalelwe wena ozofika ngelinye ilanga azokweshela.
Uma uphupha umuntu ekushela kungasho ukuthi kunesidalo esihle esifuna usamukele uma uwumuntu kamoya. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi qaphela ngoba kunomoya ongcolile noma isilwane esizama ukunamathela kuwe.
Uma uphupha umuntu ekushela kodwa ukwazi ukwenqaba kungaba wuphawu oluhle olungasho ukuthi ukwazile ukunqoba isilwane ebesizama ukunamathela kuwe.
Ukuphupha uqonywa
Ukuphupha uqonywa yintombi ongayeshelanga kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi lindela ukufezeka kwezifiso zakho.
Uma uphupha uqonywa intombi oyishelayo vele kungasho ukuthi izokuqoma.
Ukuphupha uqonywa intombi ungakaze uyishele kungasho ukuthi isidalo sakho sikuthandela yona.
Uma uphupha intombi oyishelayo ikuqoma kungaba wuphawu olubi olungasho ukuthi izokuchitha.
Ukuphupha intombi uyishela ikuqoma kungaba wuphawu olubi olungasho ukuthi unamathelwe isilwane esizovala izinhlanhla zakho, sikwenze ungathandeki nakwabesifazane waliwe.