Amaphupho ngezitho zomzimba

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Asho ukuthini amaphupho amayelana nezitho zomzimba? Lokhu kuhlanganisa amaphupho ngeminyaka yobudala, izingalo, umgogodla, izintshebe, izinqe, isifuba, amashiya, amehlo, ubuso, izinyawo, iminwe nezandla, izinwele, ikhanda, inhliziyo, imilenze, udevu, umlomo, izinzipho, ikhala, ukushefa, isikhumba, ukulala, indle nomchamo, kanye nesisindo.

Amaphupho ngomgogodla

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ngomgogodla wakho, kungase kube wuphawu olubi. Kungasho ukuthi maduzane ungahlulwa ngomunye umuntu emncintiswaneni noma emsebenzini, ikakhulukazi uma umgogodla wakho ulimele ephusheni. Kepha, uma umgogodla wakho unamandla futhi uqondile, kungasho ukuthi ikusasa lakho linenjabulo.

Ukuphupha usesikhathini noma uya esikhathini

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Leli yiphupho elibhekene nabantu besifazane kuphela ngoba umuntu wesilisa akayi esikhathini. Lihle kakhulu kumuntu osuke ebhekene nenkinga noma izinkinga, libikezela ukudlula kulobo bunzima noma izingqinamba asuke ebhekene nazo. Imvamisa umuntu usuke engasiboni isixazululo futhi eselahle nethemba, kepha esikhathini esingeside isixazululo sisuke sizozifikela futhi aphume kuleyo nkinga kalula. Usizo lokuphuma kuleyo nkinga lusuke luzoqhamuka kumuntu obelungalindelwe … Read more

Amaphupho ngesikhumba

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi isikhumba sakho sinezinduna kusho izinto ezinhle ngobudlelwane bakho nothandana naye. Uzohlangana nomuntu maduzane noma uzoba nenhlanhla nophathina wakho wamanje. Kodwa uma uphupha isikhumba sakho sisikwa kufanele uqaphele. Kusho ukuthi umuntu omethembayo kungenzeka abe yisitha.

Amaphupho ngemilenze

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi imilenze yakho noma amadolo akho aphelelwa amandla uzoba namashwa ikakhulukazi uma uwa phansi ngenxa yalokho. Kodwa uma inamandla nawe uzoba namandla nempilo – ikakhulukazi uma ungowesilisa. Uma ungowesifazane ngenjwayelo kusho ukuthi umyeni wakho uzokunakekela futhi akuphathe kahle.

Amaphupho ngemilomo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ngomlomo kungasho izinto eziningi ezithinta impilo yakho kanye nabantu ophila nabo. Umlomo onukayo– lokho kusho ukuthi abantu sebephonsa ithawula ngawe ngenxa yezinto ozenzayo. Amazinyo – lokho kusho ukuthi uzomenywa endaweni ejabulisayo maduzane kodwa uma likhishwa izinyo kusho ukuthi uzolahlekelwa umngani. Umlomo  ugxaza amathe – lokhu  kusho ukuthi uzolahlekelwa yimali maduzane.