Amaphupho ngobuso

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi ubuso bakho bukhulu futhi buvuvukele uzozithola ucebile futhi uthole udumo ekusaseni lakho kodwa uma buphaphathekile noma bunciphile ungaba senkingeni maduzane nje. Uma ubugeza udinga ukuphenduka ulungise into oyenzile. Uma ubona ubuso bakho kubukeka njengomunye umuntu kungenzeka ukuthi uzothuthela emzini omusha noma emsebenzini omusha maduzane.

Amaphupho ngezinzipho

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi izinzipho zakho sezikhulile zaba zinde kusho ukuthi inhlanhla nengcebo kusendleleni. Kungcono kakhulu uma uphuphe umyeni noma unkosikazi onezinzipho ezinde ngoba lokhu kusho ukuthi bazosebenza kanzima futhi bakusekele. Kepha uma uphupha ngezinzipho ezimfushane kusho ukuthi kukhona okuzokulahlekela maduzane. Kodwa ke uma zimfushane ngoba uzigunda noma uzidla ephusheni lakho kusho ukuthi uzoxabana nelungu lomndeni … Read more

Amaphupho ngeminwe nezandla

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi izandla zakho zingcolile kusho ukuthi ubhekene nokulingeka ukwenza into embi. Uma zingagcolile nje kuphela kodwa zinamfuka futhi kusho ukuthi uzohlupheka ngokwezimali ubempofu ngenxa yalento olingekayo ukuyenza. Uma isandla sakho noma iminwe yakho ilimele uzolahlekelwa umsebenzi maduzane futhi uma umuntu enqume umunwe wakho noma isandla sakho kusho ukuthi maduzane uzolahlekelwa yinto oyisebenzele kanzima. … Read more

Amaphupho ngamakhala

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi ikhala lakho alikho kuwuphawu lebhadi (ikakhulukazi uma ugula). Uma uphupha ukuthi likhulu kakhulu uzoba yisigwili kodwa ube nobunzima ekutholeni uthando futhi uzojwayela ukuxabana nabanye. Uma lilihle lolu uphawu lenhlanhla futhi kusho ukuthi uzothandwa emsebenzini. Uma ubona ikhala lakho nje kuphela futhi ungazi ukuthi kungani kungenzeka ukuthi kusho ukuthi ukusebenza kwakho kanzima akuzukuba … Read more