Amaphupho ngezinwele

Incazelo yawo wonke amaphupho ngezinwele isuke ibikezela ngamandla akho noma lowo osuke esephusheni lakho, bese ihlukaniswa ilokho okusuke kwenzeka kuzo noma ngazo izinwele.

  • Ukuphupha uzibuka – kusho ukuthi uzothola uthando maduzane kodwa lowo muntu kungenzeka ukuthi uthanda omunye umuntu.
  • Ukuphupha uzikama – kusho ukuthi uzolahlekelwa yinto ebalulekile kanti ukushintsha umbala wezinwele zakho kusho ukuthi kunenkathazo ezayo.
  • Ukuphupha izinwele ezinde / sezikhule kakhulu zizinde – kusho ukuthi usungumqambimanga futhi uma sezibomvu kufanele uqaphele izitha empilweni yakho. Uma ziphuma izinwele zakho kusho ukuthi ukhathazekile ngenxa yabanye abantu.
  • Ukuphupha zikhula – Lokhu kusho okukhula kwamandla onawo, kungaba ngokwesikhundla kumsebenzi owenzayo, ukudlondlobala ngokwebhizinisi onalo, ukunyuka ngokwezinga lwempilo oyiphilayo njalo njalo.
  • Ukuphupha unempandla –  kusho ingcebo nempilo kwabesilisa nokuhlupheka ngokwezemali kwabesifazane. Uma owesilisa ozwana naye enempandla ephusheni lakho akufanele ngabe nindawonye futhi nizoba senkingeni maduzane.
  • Ukuphupha ugunda izinwele  – Lokhu kusho ukulahlekelwa amandla onawo noma ukuncipha kwawo. Kubalulekile ukuba uqaphele lowo osuke ekugunda izinwele Kanye nendawo osuke ukuyo, ngoba lawo mandla usuke uzowalahlekelwa ngenxa yakhe nakuyo leyondawo osuke ukuyo.

77 thoughts on “Amaphupho ngezinwele”

  1. Cela ukubuza ngabe kusho you think ukuphupha izimpahla zakho zokugqoka zingasakuneli noma sezincane kunawe

    Reply
  2. Sawubona kusho ukuthi ukuphupha ucwele izinwele emlomeni kanti futhi leliphupho libuya kwesibili?

    Reply
  3. Bengicela ukubuza kuchaza ukuthini umuntu osebenza naye ekuphuphe ufika emsebenzini ugude zonke izinwelwe

    Reply
  4. Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ugeza izinwele empompini ngeshampoo bese uzihlambulula uthi uyagcoba kuvele isishebo senyama yenkukhu esihle ugeze ngaso ikhanda?🙏

    Reply
  5. Kunomuntu esolukhu ngimphupha, inkinga ukuth umuntu wakithi, kanye neyngane zakhe, lento isiyangikhathaza ngoba yenzeka njalo, today nje ngimphuphe ebusy ekhanda lami, angazi lento idalwa yini, nengane yakhe ngiyphupha njalo, and amaphupho awamahle neze. sekuneminyaka emibili manje, akusiyo impilo, ukphupha abantu ababodwa njalo, zonke iynsuku??

    Reply
  6. Sawubona ngcela ukubuza ngiphuphe ubaba wengane yam ethi ucela ukungigunda izinwele ngingakaphenduli ube esengishemula lapha phezulu

    Reply
    • Lokhu kusho ukulahlekelwa Amandla onawo noma ukuncipha kwawo. Kubalulekile ukuba uqaphele lowo osuke ekugunda izinwele Kanye nendawo osuke ukuyo, ngoba lawo mandla usuke uzowalahlekelwa ngenxa yakhe nakuyo leyondawo osuke ukuyo.

      Reply
  7. Ngcela ukubuza uma uphupha u thenge izonywele ezintsa( weave) ugeze futh unanezingubo ezintsa ulungisele ukuhlobo uphuthuma eskoleni. Kuchazan

    Reply
    • Uzoba isizathu sokulahlekelwa kwakhe amandla akhe nomad into ebimnikeza ukuzethemba nesthunzi njengomuntu

      Reply
  8. Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha umzala wakho ongazwani naye ekungcothula izinwele zakho ekhanda ethi ezakhe ziyaqothuka angimuphe

    Reply
  9. Ngiphuphe umuntu engingazwani naye ngimuqaqa ikhanda cela ukwazi ngaleliphupho ngisheshe ngizisize

    Reply
  10. Kusho ukuthini ukuphupha isihlobo sakho sesilisa sizigunda izinwele iAfro sizifaka epuletini sizidla.

    Reply
    • Liyaphindaphinda yini leliphupho noma uphuphe kanye nje? Yini enye oyibonayo noma eyenzakalayo kuleliphupno lakho? Impendulo yakho ingasiza ukunemba incazelo yephupho lakho.

      Reply
    • Sawubona Nosipho,
      Ulwazi esinalo ngokuphupha izinwele yilo lolu osulufundile. Mhlawumbe kungasiza uma ungathi xaxa ngokuthi yini enye oyibonayo ephusheni lakho. Liyaphindaphinda yini noma waphupha nje kanye? Singajabulo ukuzwa kabanzi futhi lokho hleze kube nemiphumela yosizo ekuchazeni iphupho lakho.

      Reply
        • Liyaphindaphinda yini leliphupho noma uphuphe kanye nje? Yini enye oyibonayo noma eyenzakalayo kuleliphupno lakho? Impendulo yakho ingasiza ukunemba incazelo yephupho lakho.

          Reply
          • Aliphindaphindi ngaphupha nje engath sihleli endlin enguround owesilisa engicwala ikhanda engikuso inkwethu ,izolo ngaphuma ngathi ngika boyfriend lo boyfriend uyiwele ngageza sigezela ukulala ngithe ngiqeda ukugeza ngaphaphama

            Reply
  11. Siyabonga kakhulu ngezochazi maphupho kuyasisiza kakhulu thina abanye,kusho ukuthini uku phupha amaphela endlini amaningi.nokuphupha imana nomumtu okhuluphele,nezitshalo ezi fresh

    Reply
  12. ngiyayithanda lendawo youkchazwa kwamaphupho ngoba isenza sivuleke ingqondo
    ezintweni eziningi esingazazi

    Reply
  13. ngicela ungichazele amaphupho nginezinkinga eziningi,ngiphuphe ngilele kunomuntu owangithinta isiphongo ethi nawa amndla ngiyakunika.kuchazai?

    Reply

Leave a Reply