AbaseMbo Bhengu Buthelezi Chamane Dlamini Dubazana Dube Gatsheni Gumede Gwala Hlengwa Imiphakathi Izibongo Izigodi Mabhida Majola Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Myeni Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Shembe Shezi Zondi Zulu

Sesha

Izithakazelo zakwaKhanyile

Sothole,
S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl’isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

7 thoughts on “Izithakazelo zakwaKhanyile”

  1. Mhlampe lokhu konisiza boNgwane. ” Yini Izithakazelo?
    Izithakazelo ziyigugu nendlela lokuzigqaja kulowo osuke ebizwa ngolibo lwamaqhawe akubo. Ngisho kungathiwa umuntu usethukuthele wagana unwabu, uma uke wambiza ngesithakazelo samhlaba siye siyithunge maphakathi inhliziyo uzibone izihlathi zivakashela izindlebe. Zonke izizwe zabeNguni zinezibongo. Izibongo lezo zihambisana nezithakazelo. Izithakazelo zehluka ngokuthi zona zihambisana nesibongo sabantu abanenkaba yozalo. Izithakazelo lezi zisuselwa emagameni nasezibongweni zokhokho besibongo esithile. Uma umuntu ethakazela uyaye aqale kokhokho, kokunye athinte nomlando walowo esuka emthakazela. Empeleni isithakazelo yigama likakhokho othile ohlotsheni lolo. Lokho kwenza ukuba isithakazelo sifane nesibongo. Phela isibongo naso igama lomuntu, kwesinye isikhathi isithakazelo noma isibongo siqhamuka ngesenzo esithizeni. “

  2. Cha, mina ngazi ooKhanyile ,Ngwane, Bhabha, Nduvane, Fukuza, Cholo, Mabhuqa, Mthiyane. Lezezinye ai angizazi

Leave a Reply

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.