isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngokugeza

Uma uphupha ukuthi uyageza kungasho izinto ezinhle noma ezimbi. Uma amanzi emile noma esendlini yokugeza kusho ukuthi uzoba nenhlanhla maduzane noma uzoya endaweni ezokulethela injabulo.

Uma uphupha ugeza ngaphandle kwendlu noma emanzini agelezayo kusho ukuthi uzoba nebhadi futhi uzodumala.

Ukuphupha ugeza umuntu wesilisa uma ungowesimame lokho kusho ukuthi loyomuntu osuke umphupha usuke enesilwane athweswe sona okwenza izinto zakhe zingamhambeli kahle.

Ukuphupha ugeza emfuleni uwedwa noma nibabili kusho ukuthi kumele uhlambuluke noma nihlambulukelane nalowomuntu ovele ephusheni lakho obugeza kanye naye. Leli phupho limele inhlambuluko.

 

38 thoughts on “Amaphupho ngokugeza”

  1. Sawubona ngicela incazelo …
    Uma umuntu wakho ekuphupha ubhukuda esizibeni esinezingwenya enye ufuna ukukhuluma yena akudonse uphunyule

    Reply
  2. Ngicela ukubuza ukuza ukut kusho ukuthini ukuphupha umuntu osewashona engcwatshwa and engasenamehlo kuphuma igazi emehlweni akhe⁷

    Reply
  3. Sanibonani ngiphuphwe mama ngigeza emfuleni ohambayo ngimufuthele ngabe lokhu kuchazani ngingumuntu ophelelwe umsebenzi ngendlela engaqodakali

    Reply
  4. Sawubona Admin, ngicela ukubuza ukuthi kuchzani uma uphupha ingane yakho inensila, uthi kuyo kumele ngikugeze ngechopho, umntwana wami uneminyaka ewu 10

    Reply
  5. Hello please assist on this dream. I dream my cousin taking a bath with me but in different dishes n we at my grandma’s then my uncle comes in looking for his shoes but we only find one instate of 2.me n my cousin we naked she was inside the water n was washing my face in my water but they were dirty water like someone has already used this water to bath n mine were clean they changed as she entered the room where I placed the water to bath.

    Your response will be highly appreciated

    Reply
  6. Sawbona

    Ngiphuph ugogo wami ozala ubaba elunywa yi black mamba khepha imluma sika gogo khabo mama ngabe kusho ukuthini

    Reply
  7. Sanibonani

    Ngicela ukubuza ukuthi kuchaza ukuthini ukuphupha umuntu owawuthandana naye umquma izinzipho, umuwasha Izinyawo???

    Reply
  8. Ngiphupha umfowethu engihlasela ngobhushu wafohloza nemoto yami ngamatshe kodwa angilimalanga

    Reply
  9. Ngiyanibingelela
    Ngikhulelwe ngiphuphe ngigeza igazi ngaphansi ngamanzi engiwanikwa umuntu kungathi ngiseskolweni kodwa

    Reply
  10. ngenze amabingelelo , ngihlushwa yiphupho la udadewethu ogasekho ucela ngimewashele izimpahla zokugqoka ngiziwashe bese kuba sengathi ngezendodakazi yami kube sekufika owesimame ezolanda ilambu ngibe sengizibona ngixova udaka lokwenza izitini kusho ukuthini lokho.

    Reply
  11. ngiyanibingilela. Ngicela ukubuza uma uphupha kushoniwe ekhaya kwesinye isikhathi uyalibona ibhokisi kwesinye isikhathi ungaliboni uthi uyabuza ukuthi kuzothunwa nini bakushalazelele, bese uyahlesthelwa ukuthi sekuthuniwe ithuna liphambi komnyango womuzi inhlabathi imnyama ivundile. ngabe lichazani?

    Reply
  12. Ngicel ukbuza ukphupha ugezwa inyawo ubaba wengane yakho kodwa amanzi angancoli futhi angawachithi awabeke ngabe kusho ukthini

    Reply

Leave a Reply