Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashaywa uvalo kodwa bungekho ubungozi.
Ukufa
- Uma uphupha udwendwe noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada umuntu noma umbone ukuthi ngubani oshadayo kuyenzeka ukuthi kushone lowo osuke umbonile.
- Uma uphupha kunesivunguvungu somoya omnyama kube sengathi kuyabophana esiswini. Noma kanjani kukhona ozohamba, umuntu wakini ozalwa naye esiswini esisodwa.
- Uma uphupha ukhokhela umuntu wemoto imali kodwa imoto ihambe njalo ingami uze uphaphame. Usuke uphuphela umuntu wakini kungaba yingane yakho oyizalayo.
- Uma uphupha umuntu omaziyo ehamba ngemoto engehliki kuyona, lowomuntu uyahamba emhlabeni.
- Uma uphupha kunabantu abaningi behlanganyela umuzi bewakha ngokushesha. Kuba ngumakhelwane wakho, umngani wakho omkhulu noma umuntu omjwayele nje.
- Uma uphupha ibhokisi lomngcwabo nemoto yasemakhazeni. Kungashona umuntu wakini noma umakhelwane.
- Uma uphupha izimpahla eziningi zokugqoka nempahla yasendlini endala. Kukhona ozohamba emhlabeni.
- Uma uphupha amanzi amaningi ekungaba ahlanzekile noma angcolile kuchaza isifo. Amanzi angcolile ayasibika isisu noma umuntu okhulelwe.
Kusho ukuthi I Una uphupha boyfriend yakho inomuzi omusha and uyamtshela nijabule
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngothando
Ukuphupha umuntu eqgoke inzila.
Sawubona sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngenzilo/
NGICELA UKUBUZA UKUTHI KUSHO UKUTHINI UKUPHUPHA UPHETHE IBHOKISI LOMNCWABO KUBE SENGATHI PHAKATHI KUNOMALUME WAKHO OSANDA KUDLULA EMHLABENI
Sawubona, sicela ubheke lapha:https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/
Ukuphupha ngiphum umphefumulo
Sawubona, sicela ubheke lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokufa-2
Kuchaza ukuthin ukuphupha ingane yomuntu omaziyo ishona
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngezingane-ezincane/
Kushoni ukuphupha kunesifo ekhaya??
Ungabheka lapha: Amaphupho ngesifo
Ngiphuphe umyeni wami ethi sengiyahamba eyozijabulisa nabangani bakhe
Sanibonani, bengicela ningichazele ngiphuphe engathi ngishonile ngi kwindawo engathi ngilinde ukuya kwenye indawo kunomunye umuntu engingamazi ngilinde naye
Ngiphuphe sis wam elungisa itende elimhlophe
Sanibonan bengisacel ukubuz ukuthi Uma uphupha umuntu wakini eshonela ezandlen zakh kuchaza ukuthin?
Ndiphuphu ndikhanywa gabantu endibajwayele kondwa andibazi ndavuka Xa ndisohluleka ndisifa go 12:5 ebusuku
Ukuphupha unkosikazi wakho engena ebhokisini lishone phansi endlin umumemeze lize liyosithela kusho ukuthini
Ukuphupha unkosikazi wakho engena ebhokisini lishone phansi endlin umumemeze lize liyosithela kusho ukuthini
Uma uphupha make lokutalako kepha sewashona akhuluma nawe angatsetsi kushoni
Sawubona, nansi incazelo esinayo https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/?highlight=amaphupho%20ngabantu%20abangasekho
uma ngiphupha kwakhiwa umuzi ngokushesha ngabe imina ozohamba emhlabeni ?
Ngicela ukubuza mawuphupha kunomuntu okupha ama 5rnd Nama 1rnd amaningi kusho ukuthini
Uma uphupha isoka lakho lishayisa indlu yakini ngemoto
Ngiphuphe umyeni wami okade washona kwangathi usanda kushona ngikhipha impahla zahle
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukuphupha abantu abangasekho emhlabeni
Ndicela ukubuza
Xa uphupha umntu ongasekho
Kubengathi kukhona atshonayo
Sawubona, nansi incazelo esinayo https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/?highlight=amaphupho%20ngabantu%20abangasekho
Sanibona cela ningichazela leliphupho lichazani ngiphuphe umama elele phansi ephuze amapills okuzibulala usisi wami omndala emqhokisa ingubo emhlophe
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngomfowenu noma udadewenu