Amaphupho ngenzilo

Ukuphupha umuntu egqoke inzilo kuvamise ukuba wuphawu olubi olubika usizi noma isifo esingahle senzeke emndenini.

Uma uphupha umuntu osewashona egqoke inzilo kungasho ukuthi kumele usukume uzigeze ususe amathunzi amnyama noma ukususa isithabezi eligubuzele impilo yakho.

Uma uphupha umuntu ongasekho emhlabeni egqoke inzilo kungasho ukuthi qinisa emkhulekweni ngoba ungahlangabezana namabhadi empilweni.

Uma uphupha umuntu ongasekho emhlabeni egqoke inzilo kungasho ukuthi kungenzeka ukuthi loyo muntu usanethunzi, akagezwanga ngendlela efanele ngemuva kokushona. Kusuke kumele kwenziwe umsebenzi wokukhumula.

Kwesinye isikhathi ukuphupha inzilo kungasho ukuthi umufi washona ekade ezilile engakhunyulwanga, ngakho-ke kumele kwenziwe umsebenzi wokumgeza.

Ukuphupha ufake inzilo kungasho ukulahlekelwa noma ukusokola ozobhekana nakho.

Ukuphupha uzilile kungasho ukuthi kunento yesikhathi esedlule esakuphethe kabi futhi engumthwalo kuwena.

Ukuphupha uzilile kwesinye isikhathi kungasho ukuthi udinga ukuxola ngento eyenzeka engakuphethe kahle, kodwa ukuze uxole kumele uthole iqiniso ukuze kuphole amanxele wedlule kukho.

Ukuphupha uzilile kungasho ukuthi ulahlekelwa yithemba ngenxa yokungakwazi ukwedlulisa izinto ezibuhlungu ezikwehlele, uyehluleka ukuqhubekela phambili nempilo.

Leave a Reply