Amaphupho ngomama

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi unengxoxo emnandi nomama wakho kusho ukuthi uzoba nenjabulo nempumelelo. Kungenzeka futhi uthole izindaba ezimnandi maduzane. Uma umama wakho eshonile ephusheni lakho kungenzeka agule maduzane. Mkhuthaze ukuthi ashintshe indlela enza ngayo. Amaphupho ngomamezala Amaphupho ngobaba

Amaphupho ngabantwana

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona umntwana kusho ukuthi wena noma uphathina wakho nizoba nengane maduzane. Uma usukhulelwe vele kuwuphawu oluhle ngokubelethwa kwengane. Uma uphupha ngabantwana abaningi uzophumelela emsebenzini nasempilweni. Amaphupho ngezingane ezincane. Amaphupho ngamawele.  

Amaphupho ngezingane ezincane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma ubona ingane encane ephusheni lakho ilele ngamadolo kungasho ukuthi uzoba nesivakashi maduzane. Uma ingane izichamela noma izingcolisa uyibambile, lokho kungakhomba inhlanhla uma wena ingakungcolisi kodwa kukhombe ibhadi uma ingane ikungcolisile. Uma uphupha umuntu obuthandana naye elethe ingane yenu kuwe, lokho kungasho ukuthi kukhona inkulumo esele noma loyomuntu usenesifiso sokuthi niwuqale phansi umlilo wothando niwubase. … Read more

Amaphupho ngonkosikazi noma umyeni

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona umyeni noma unkosikazi wakho, kusho ukuthi uzophumelela ezintweni ozenzayo – ikakhulukazi emsebenzini. Uma ungowesifazane oshadile uphupha ukuthi ulwa nomunye wamakhosikazi omyeni wakho, kusho ukuthi uzama ukunihlukanisa nomyeni wakho. Uma uwina manilwa, kusho ukuthi imizamo yakho ayisebenzi noma umuthi wakhe awunawo amandla anele.