Amaphupho ngezimfijoli
Asho ukuthini amaphupho ngezimfijoli? Lokhu kuhlanganisa insimbi ekhencezayo, izigubhu, imitshingo, izigingci, opiyano, amaxilongo namavayolini.
Asho ukuthini amaphupho ngezimfijoli? Lokhu kuhlanganisa insimbi ekhencezayo, izigubhu, imitshingo, izigingci, opiyano, amaxilongo namavayolini.
Uma uphupha ukuthi udlala ivayolini kusho ukuthi ngelinye ilanga uzophumelela ube nodumo.
Uma uphupha ukuthi uzwa kudlala ixilongo kusho ibhadi elizayo kuwe. Kuzoba nokukhohlisana nezinkinga ebudlelwaneni bakho nabanye futhi kungenzeka kube nokungaqondani kahle okungakudalela inkinga.
Uma uphupha ukuthi uzwa upiyano noma uyawudlala kusho ukuthi uzophoxeka maduzane uma ungaqapheli.
Uma uphupha uzwa kudlala isigingci kusho ukuthi uzoba nenhlanhla maduzane. Kodwa uma kunguwena odlala isigingci kusho izinto izimbi ekusaseni lakho.
Uma uphupha ukuthi uzwa kudlala umtshingo kusho ukuthi uzobhekana nobunzima maduzane. Kodwa uma kunguwena odlala umtshingo kusho ukuthi uzophumelela uthuthuke.
Uma uphupha ukuthi uzwa izigubhu kusho ukuthi kuzoba nokuxabana emzini wakho maduzane.
Uma uphupha ukuthi uzwa kukhala izinsimbi ezikhencezayo kusho ukuthi inhlanhla enhle iyeza kuwe.