Amaphupho ngamathuluzi
Asho ukuthini amaphupho ngamathuluzi? Lokhu kuhlanganisa amaketanga nezintambo, izinsimbi, amageja, amasaha nemlalazi.
Asho ukuthini amaphupho ngamathuluzi? Lokhu kuhlanganisa amaketanga nezintambo, izinsimbi, amageja, amasaha nemlalazi.
Amaphupho ngeladi (isitebhisi) ahlukena kabili, kanjalo futhi nezincazelo ezifihlakele kuwona zahlukene kabili. Ukuphupha ugibela iladi uze ufike phezulu lokho kuhle futhi kuchaza impumelelo kulokho okwenzayo empilweni yakho. Ngakolunye uhlangothi uma uphuphe ugibela iladi kodwa ugcine ngokuwa kulona, lokho kubi, kungase kubike ukuza kwesifo (ukufa) komunye oyilunga lomndeni wakho.
Uma uphupha ukuthi usebenzisa umlalazi kusho ukuthi uzoba nempumelelo empilweni yakho.
Uma uphupha ukuthi usebenzisa isaha kusho ukuthi inkathazo isizokuthola kodwa ungayihlula uma usebenza kanzima.
Uma uphupha ukuthi usebenzisa igeja incazelo incike ngokuthi uyaphumelela noma cha. Uma ukwazi ukulima insimu uzoba nenhlanhla ebudlelwaneni bakoh nabanye kodwa uma uzabalaza kusho ukuthi uzoba nebhadi futhi uzoba nenkathakazo emsebenzini.
Uma uphupha ukuthi ubona insimbi kujwayele ukusho ukuthi ingozi iseduze ngaphandle uma ukwazi ukuphula insimbi. Lokhu kusho ukuthi uzokwazi ukunqoba izinkinga zakho. Amaphupho ngengozi nokulimala.
Uma uphupha ukuthi usebensiza amaketango noma izintambo, izinto ezikuhluphayo zizokushiya. Uzoba nempumelelo kodwa mhlawumbe kuzodingeka ukuthi usebenze khona izinto ezinhle zizokwenzeka. Uma kukhona amafindo kwiketango noma intambo, inhlanhla enhle uma ungakhipha ifindo kodwa uma ungakwazi yinhlanhla embi. Uma ungumuntu olibophayo ifindo, kusho ukuthi ubudlelwane bakho kuzoba namandla.