Ukuphupha ingulube yasendle

Ukuphupha ingulube yasendle kuyefana nokuphupha izimpisi kumbe izinyoka ngoba wonke la maphupho axwayisa ngokuba khona kwesitha empilweni yakho. Ukuphupha ingulube yasendle kuhluke kulawa amanye amaphupho ngokuthi ukuphupha ingulube yasendle kusho ukuba khona kwesitha esesabekayo futhi esiyingozi kakhulu ngenxa yonya leso sitha esinalo.

Amaphupho ngofudu

Ufudu yisilwane esaziwa ngokuba yisinokwe uma sihamba futhi siphila isikhathi eside kakhulu kunezinye izilwane eziningi. Kanjalo nasemaphusheni siyibika lobunjalo baso kulokho umuntu asuke ekuzama. Ukuphupha ufudu kuchaza ukuthi lokho ophokophelele ukukufeza ngemizamo yakho, imvamisa okuba yibhizinisi, izithelo zokuzikhandla kwakhko zizoza kancane, kodwa-ke kuyogcina kucacile ngemuva kwesikhathi eside ukuthokozele ukuzikhandla kwakho. Abanye bathi uma uphupha ubona … Read more

Amaphupho ngengonyama

Leli yiphupho elingajabulisi neze. Ukuphupha ingonyama kuyibika lokuthi esikhathini esingeside uzozithola ulinyazwa ngumuntu onamandla kakhulu ngokwesikhundla akusona empilweni yakhe; isibonelo – lowomuntu kungaba yinkosi, yinduna, umongameli. Lezi yizibonelo nje, esimweni somuntu ngomuntu, kuya ngokuthi ngubani onesikhundla esinamandla owenza impilo yalowo ophupha ingonyama ibe engajabulile.

Amaphupho ngezimpisi

Njengokuphupha inyoka, ukuphupha impisi kubika ukuba khona kwesitha esiyingozi kuwena. Lesisitha kusuke kungumuntu omkhonzile kakhulu, wena ozitshela ukuthi ubudlelwano benu naye buhle kakhulu. Kungaba yilunga lomndeni wakho, kungaba ngomunye wabangani bakho, kungaba ngumakhelwane wakho, noma futhi kube ngumuntu osebenza naye – lezi yizibonelo nje ezimbalwa. Uma uphuphe izimpisi ezingaphezu kweyodwa, lokho kuchaza ukuthi kuneqembu labantu … Read more

Amaphupho ngamabhubesi

Uma uphupha ubona ibhubesi kusho ukuthi kunengozi eza kuwe. Uma ulehlula ibhubesi ephusheni lakho kusho ukuthi uyovuzwa ngokuzikhandla kwakho okungaba ngodumo noma impumelelo emsebenzini. Ukuphupha ubulala ibhubesi kungasho ukunqoba, namandla okubhekana nezingqinamba obhekene nazo. Uma uphupha ibhubesi kungasho ukuthi uzokwembathwa yidlozi, noma ube ngumuntu odumile nohlonishwayo emkhakheni okuwo ngenxa yamagalelo akho. Uma uphupha ibhubesi lihlasela … Read more