Amaphupho ngezilwane zasendle
Amaphupho ngembila
Uma uphupha imbila yeqa endleleni yakho kusho ukuthi uzoba nenhlanhla.
Amaphupho ngezingwenya
Uma uphupha ubona ingwenya kuwuphawu olubi. Uma uphupha ingwenya kusuke kuzokwenzeka into embi, kokunye ukuphupha ingwenya kusho isifo, umshophi noma umonakalo ozokwenzeka. Kubangcono uma kuwukuthi ekuyiphupheni kwakho ayikulumanga, ngoba lokho kusho ukuthi noma ungavelelwa umshophi kodwa umonakalo ngeke ube mkhulu ngaleyondlela noma wona uzoba khona. Ukuphupha ingwenya kungathi uyakhohliswa – kungaba abathandiweyo bakho noma abangani … Read more
Amaphupho ngekameli
Uma uphupha ubona ikameli kuyinhlanhla enhle ekusaseni lakho.
Amaphupho ngenyamazane
Uma uphupha ubona inyamazane ngokujwayelekile kuwuphawu olubi. Ukuyibulala noma ukuyizingela kusho ukuthi uzolahlekelwa okusemqoka maduze – okungaba ngisho umsebenzi wakho. Isikhathi esiningi kusho ukuthi uzohlangabezana nempikiswano enkulu nomunye umuntu khona maduze.
Amaphupho ngemfene
Uma uphupha ubona izimfene kufanele uqaphele ngoba kunabantu abafuna ukukudla izithende.
Amaphupho ngesilwane esidla izintuthwane nomuhlwa
Uma uphupha ubona isilwane esidla izintuthwane nomuhlwa uzobhekana neshwa ikakhulukazi izinkinga obungazilindele lapho osebenza khona.