Skip to content
- Uma uphupha ubona indlovu kusho ukuthi uzothuthuka empilweni futhi ube nempilo enomdlandla. Kuphakathi kokuthi uzothola imali obungayilindele noma uzothola umvuzo ngokusebenza kwakho kanzima.
- Ukuphupha indlovu kungachaza umoya wethongo kubantu kwabakwa Ndlovu, kantike uma uphupha indlovu ikuhlasela kungasho ukuthi ithongo liphenduliwe.
- Uma uphupha ubona indlovu kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi lindela impilo enempumelelo, ukufezeka kwamaphupho akho nokukwazi ukuzimela.
- Ukuphupha ubona indlovu kungasho ukuthi uzothola izikhundla ezziphambili ngokomkhakha okuwo, ukwazi ukubeka imithetho.
- Uma uphupha izindlovu zikhwelana kungasho isimo senhlanhla, senjabulo nothando uma usebudlelwaneni kanti kungasho inqubekela phambili emkhakheni osuke ukuwona.
- Uma uphupha indlovu emhlophe wuphawu oluhle olungasho ukuthula, ubumbano, injabulo noma amandla okumela into okholelwa kuyona.
- Ukuphupha indlovu ensundu kuwuphawu oluhle olungasho isimo sothando, ubudlelwane obuhle obunozinzo obuzayo.
- Uma uphupha indlovu ethukuthele uphawu olubi olungakwexwayisa ukuthi cela uxolo kumuntu omkhulu owamcasula okungenzeka ukubambele igqubu futhi uzokujezisa kanzima, noma kumomuntu oyisitha okumele uyozehlisa kuye ngoba unamandla kunawe, uma ungakwenzi lokho ungajeza kanzima.
- Ukuphupha ugibele indlovu kungasho ukuthi uzonqoba zonke izinkinga obhekene nazo ezingakuphethe kahle.
- Uma uphupha indlovu ikushaya ngomboko wayo lokho kungasho inhlanhla nempumelelo ezayo.
- Uma uphupha ubona indlovu efile kungasho izinkinga nobunzima obuzophazamisa impilo yakho kwenze kube nzima ukufezekisa amaphupho akho.
San’bonani
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ngime ngasemfulen oncolile nogogo ababili
Bese indlovu iyaqhamuka sithi syotshela ogogo ukuth nayi indlovu iza igijima sifike sebelele
Sivele sibathathe kubengath sithath izingondo sibaleke singene ehlathini …. sofice isilwane esinoboya obuning njengegusha esi Grey umbala
Sanibonani ngicela ukubuza ngabe kushoni ukuphupha ukakelwa yindlovu
Nali ulwazi esinalo, https://iafrika.org/ukuphupha-indle-noma-indlu-yangasese/
Kushoni ukuphupha indlovu ingena endlini ifike ikujonge ukujonga kwayo ndaqhwaba izandla ndibulela
Sanbona besacela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphupha ujahwa izimfene ezuwu2 nomngani wam kodwa Mina nithi mangibaleka ngibhabhe ngigibele emthini kepha umngani wam yena akakwazi ukubhabha ubaleka emhlabeni?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngemfene
Sanibonani, cel kubuza kusho kuthi ukuphupha uhujwa indlovu enkulu ingafuni omunye umuntu ijaha wena
Ngiphuphe umhlambi wezindlovu ezinkule nezincane zisemfuleni omkhulu nami ngikuwona bekungathi kusembukisweni
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngomfula
Ngiphuphe izibungu ziphuma ebeleni lami ngiputshuza,kwelinye uhlangothi ibele lami belingasekho.Kuchazhani lokho?
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho asho isichitho noma isinyama
Sanbona ngcela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ugijimiswa iziNdlovu ezimbili zifuna ukukudla wena nezingane zakini
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngezingane ezincane
Sawubona, ngiphuphe ngisethoyilethi, kwakhala indlovu, kwadansa nomuthi wokugquma.
Isho ukuthini lento.
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukuphupha indle noma indlu yangasese
Sanibonani kusho ukthini ukphupha ujahwa I ndlovu nomawakho
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngomama
Uma uphupha indlovu enkulu ihamba nezincane ezine kuzona kukhona nemhlophe
Kisho ukuth I ukuphupha ugibele indlovu?
Nakhu ulwazi esinalo mayelana nokugibela: https://iafrika.org/amaphupho-ngokugibela/
Ukuphupha inkomo eziningi ezinye enye ike yang huba ngayishiya nendlovu
Nalu esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/
uma uphupha udlala nabantwana bendlovu kuchazani
Nalu ulwazi esinalo oluhlobene nokudlala kanye nezindlovu – luholela ezithakazelweni zakwaMadlala, funda lapha: https://iafrika.org/tag/madlala/
Sanibona
Ngicela usizo ngamaphupho
Ngihlezi ngiphupha amasimba, izinja ezingulumayo, ngidla ngaze ngathola incazelo kule website ukuthi akhulumani laphupho…. Ngiyabonga lapho
Namuhla ngivuka nephupho lezibungu ezinkulu kabi… Ezinye nje lapho ungazilinganisa nenyoka… Lezibungu zilethwa umngani ka mfowethu nge plastic bag enkulu…. Umfowethu wasuka wazithela lapha egcekeni ekhaya kithi ukuthi zidliwe izinja…izinja zidlile, ngibona indlovu Lana ithukuthele kodwa nayo iyazidla lezibungu.
Ngiphaphama uma umfowethu engidlalisa engigijimisa ephethe lezibungu… Ngagijima ngayongena kumama endlini, umama sewashona
Bheka iphuzu lokugcina kulesisigaba: https://iafrika.org/amaphupho-asho-isichitho-noma-isinyama/