Uma uphupha ubona ingwenya kuwuphawu olubi. Uma uphupha ingwenya kusuke kuzokwenzeka into embi, kokunye ukuphupha ingwenya kusho isifo, umshophi noma umonakalo ozokwenzeka. Kubangcono uma kuwukuthi ekuyiphupheni kwakho ayikulumanga, ngoba lokho kusho ukuthi noma ungavelelwa umshophi kodwa umonakalo ngeke ube mkhulu ngaleyondlela noma wona uzoba khona. Ukuphupha ingwenya kungathi uyakhohliswa – kungaba abathandiweyo bakho noma abangani bakho – futhi uzoba sempini kungekudala.
kuchaza ukuthini ukuphupha ulwa nosbali bakho bekuhlanganyela
Ungabheka kule ngosi mayelana nokuphupha ngokulwa: https://iafrika.org/tag/ukulwa/
sanbonani kuchazani ukuphupha ingane yakho idliwe isilwane ngendlela obekungayo bekungathi esasendle ngoba ngithe mengimthola ngathola engathi usele isingenhla kuphela kodwa esakhuluma ngethuke ngaze ngavuka ngisathukile ngiyabonga.
Kusho ukuthini ukuphupha ubona izalukazi nekhehla bethetha bethi Kade belindile angizwa sebeze balamba asambe sawela umfulu benengwenya ngayigudluza saphuma kahle siphephile ingasilumanga
Kachaza ukthini ukuphupha ingwenywa isendlini ungayazi ukuthi ingene kanjani,kuthi kusenjalo uzibone sezihamba esbhakabhakeni zintathu uzibuke zize ziyosithela???
Usufundile ngokuphupha ngengwenya, nalu ulwazi esinalo lapho iphupho lakho lithinta isibhakabhaka, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngesibhakabhaka/
Ukuphupha ugcotshiswa ngokuthile ekhanda ngumuntu othandana naye ingabe kuchazani?
Kungenzeka ukuthi uma ufunda nalu ulwazi esinalo, ungacabangisisa ube nokuqonda ukuthi cishe leliphupho lisho ukuthini ebudlelelwaneni benu. Funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-okuphonswa/