Amaphupho Okuphonswa

Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

  • Uma uphupha umuntu ekubiza ekubizela emaholweni noma ezitebhisini akumbele zona. Uthi uyahamba nangu ephethe okuthile, nilwe nigcine seniwele endlini. Kulendlu uma uthi ufuna ukuphuma akuvalele umnyango. Uthi uma usuthole indlela yokuphuma ugcine usuphumile. Akukhombe ngomunwe athi uyoze akuthole: Lowomuntu ombonile ekukhomba ngomunwe usuke ekuphonsa efuna ukuthi ufe. Akukhatheleki ukuthi owakini noma umngani wakho kodwa yena usuke efuna ufe. Ngoba uma ungakwazanga ukuphuma noma wawa kulawo maholo uyafa.
  • Uma uphupha ingane yakho uyiphethe bese iyakungcolisa ngokuzikhulula, ingane esuke ilinganiselwa eminyakeni ewu 5: Kusuke kukhona umuntu okuphonsa ngotikoloshe. Ukuthi uhlale emzini wakho noma kube indoda yakho. Kumuntu wesifazane kuthi uma ulele ebusuku ulokhu uphupha sengathi ulele nomuntu wesilisa. Kuphinde ungathandwa muntu uthi uyahleka nabantu ube nesidina. Usuke esekuphonsele ngawo. Ngoba akufanele akuthinte nhlobo amakaka engane yakho ngoba kuseke kungesiyona ingane yakho leyo esephusheni.
  • Uma uphupha kunomuntu okushaya ngamatshe uthi uyabaleka akulandele ngamatshe. Uze uphaphame engakushayanga uwavikela. Kuyingozi uma like lakushaya: Kusuke kukhona umuntu ekuphonsa ngesiphonso samatshe, unetshe akhuluma kulona. Ebusuku athi hamba uyoshaya usibanibani.
  • Uma uphupha umuntu ekulengise eweni elishona phansi elimnyama: Usuke efuna ukuthi ufe. Kulokhu kusuke sekufanele nawe uzibhekele ngokuthola usizo kubelaphi bendabuko ngoba ngelinye ilanga uyokulengisa akudedele.

Iziphonso zensizwa uma ifuna ukuthandwa yintombi

Kuyenzeka kube khona insizwa ethanda intombi kanti iyayesaba ize isabe ngisho ukukutshela ngemizwa yayo. Noma intombi ayiyithathi njengomuntu abangathandana nayo. Noma intombi iyasatshwa izinsizwa ithi insizwa uma ikhuluma nalentombi ivele isabe ubuqhikiza bayo ngoba kukhona izintombi emakhaya ezizikhulumela uze usabe ngisho kwawena uyinsizwa. Insizwa ibone kungcono ukuthi iyiphonse intombi ngoba isuke ifuna ukuthi igcine isingumakoti ohamba egcekeni lakubo. Insizwa isebenzisa umuthi, ukukhafula intombi. Intombi izolokhu iphupha ithandana nalensizwa kwakheke nothando entombini. Noma ingasaphuphi ithi ikha amanzi emfuleni ibone ibuso bale nsizwa. Isuke leyonsizwa iphonsa intombi kodwa kahle. Ngoba ayingenwa imimoya emibi ihambe iyolala kubo kwensizwa.

145 thoughts on “Amaphupho Okuphonswa”

  1. Nginenkinga yokuphupha umuntu engizwana naye ehlezi engitshela noma engilethela intombi yakho emaphusheni ami ngabe kuchazani?

    Reply
  2. Sizani bahlaziyi

    Ngiyabingelela … Ngiphuphe abantu ababili engike ngathandana nabo. Owokuqala ngathi ubengibika emndenini kudliwa abomndeni bebeka amashumi bethi Cha siyeneliseka engathi eceleni kwami kuhleli Lona omunye kwaright wami ucasukile kodwa anginendaba ngisho ngenhliIyo ngoba wangihlukumeza…. Ngibone sebengibanga but babiki Lona obecasukile ubelwa ngamawala athi angihambe naye nalona omunye naye asho njalo ngavele ngadikila ngazihambela ngazibona ngizolwadle phakathi engathi luyangigeza…

    Kuthe emva kweviki sengiphinda ngiphupha Lona owayecasuka kakhulu manje engifonela … Hhayi sizani bakwethu ngoba nje umuntu ebengingasamcabangi nje angisenanamba yakhe … Hawu kodwa ngehlelwa yini…

    Reply
  3. Kusho ukuthini ukuphupha umuntu othandana naye ehleli kini kukhona nabakini abangasekho kuphithizela

    Reply
  4. Sanibonani, ngaleskhathi ngiphupha leliphupho ngangikhulelwe……ngaphupha ngikababa womtwana wami lo engangimuthwele esiswini so, sasihleli egcekeni nobaba womtwana sasukake sangena endlini ewurawondi kukhona abantu bakuboo benginakile nje bangibingelela bangixhawulisa kukhona nobaba kababaomtwana wami ongasekho emhlabeni wangixhawulisa ejabulile nje…hayi ngaxhawula ke….kusho ukuthini???

    Reply
  5. Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha isoka lakho elikade lashona ukukhombisa isthombe lomuntu kumele uthandani naye?

    Reply
  6. Kuchaza ukuthini ukuphupha umuntu othandana naye efika Kini uthi uyamazisa bangamamukeli bathi mudala avele adube ahambe, elinye lithi uphuphe yena umuntu othandana naye ngathi ulele Kini kdw wena awuzazi ugcine ufike kanjani khona

    Reply
  7. Ukuphupha uvakashele umngani wakho esibhedlela mase efonelwa indoda yakho mase uyabuza ukuthi bakhulumani mase ethi bayaxoxa nje mase ngiphatheka kabi ngimdikile ngimshiye esibhedlela ngiphume nemthwalo ngiyo gibela i taxi ngiye ekhaya

    Reply
  8. Sawubona ngsacela ukubuza ukuth kushoni ukuphupha usekhaya kube engath kunomsebenz okhona ebese ulethelwa inyama muthi uyayibuka ngath khona into efakwe kuyona, vele ngithathe ngichithe kuqhamuke ilunga lomndeni lithi ungadli lutho, hamb uyozithengela noma uyoziphekela, ngikwenze lokho kube engath ngibulale inkukhu yesizulu ngiphaphame sength ngyoziphekela mina bese ngiyibulele yona ngayiqhutha ngiyifake ku plastic

    Reply
  9. Nginomuphupha umtwana wam engena e manzini agcolile, okokqala wa phoseka esizibeni esigcokile, ngaphinde ngaphupha izikhukhula zingena endlini sisobabili, kwabuye kwaba ukuphupha enethiwe but lingasani I Zulu

    Reply
  10. Cela ukubuza kuchazani ukuhlezi ngiphupha ugogo wami osewashona, sisuke sihleli naye emzini wakhe emakhaya. Usuke ezithulele kodwa futhi akadiniwe. Ngyabonga

    Reply
  11. Kusho ukuthini uma uphupha useclassin, kunomncintiswano, bese kubekhona umuntu okubizayo ongamboni akuphephethe indlebe.

    Reply
  12. Sanibonani, Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha uxabana nomuntu othandana naye njalo. Okokuqala ngaphupha sixabana, ngamgwaza nge pen, kodwa wangaphuma igazi. Okwesibili saxabana ngamshaya inyawo laphuka. Ngaphinda futhi ngamshaya ngesibhakela, eloko engihleka. Njalo mangiphaphama kulamaphupho intliziyo isuke ishayela phezulu ngathi kuyenzeka ngempela.

    Reply
  13. Cela ukubuza kusho ukuthini uma uphupha umuntu ethela umuthi la uzonyathela khona. Mase unyathela kuvele kubebuhlungu imilenze ungasakhoni ngisho ukuhamba.

    Reply
  14. Yaz umangilale ngigqoke ipyjam lebhulukwe ngiphupha ubabezala wami besengizama ukulifihla lingafihleki ngoba ngiba namahloni ngesabe ngabe Kusho ukuthin ngoba usaphila ubabaezala

    Reply

Leave a Reply