Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.
- Uma uphupha umuntu ekubiza ekubizela emaholweni noma ezitebhisini akumbele zona. Uthi uyahamba nangu ephethe okuthile, nilwe nigcine seniwele endlini. Kulendlu uma uthi ufuna ukuphuma akuvalele umnyango. Uthi uma usuthole indlela yokuphuma ugcine usuphumile. Akukhombe ngomunwe athi uyoze akuthole: Lowomuntu ombonile ekukhomba ngomunwe usuke ekuphonsa efuna ukuthi ufe. Akukhatheleki ukuthi owakini noma umngani wakho kodwa yena usuke efuna ufe. Ngoba uma ungakwazanga ukuphuma noma wawa kulawo maholo uyafa.
- Uma uphupha ingane yakho uyiphethe bese iyakungcolisa ngokuzikhulula, ingane esuke ilinganiselwa eminyakeni ewu 5: Kusuke kukhona umuntu okuphonsa ngotikoloshe. Ukuthi uhlale emzini wakho noma kube indoda yakho. Kumuntu wesifazane kuthi uma ulele ebusuku ulokhu uphupha sengathi ulele nomuntu wesilisa. Kuphinde ungathandwa muntu uthi uyahleka nabantu ube nesidina. Usuke esekuphonsele ngawo. Ngoba akufanele akuthinte nhlobo amakaka engane yakho ngoba kuseke kungesiyona ingane yakho leyo esephusheni.
- Uma uphupha kunomuntu okushaya ngamatshe uthi uyabaleka akulandele ngamatshe. Uze uphaphame engakushayanga uwavikela. Kuyingozi uma like lakushaya: Kusuke kukhona umuntu ekuphonsa ngesiphonso samatshe, unetshe akhuluma kulona. Ebusuku athi hamba uyoshaya usibanibani.
- Uma uphupha umuntu ekulengise eweni elishona phansi elimnyama: Usuke efuna ukuthi ufe. Kulokhu kusuke sekufanele nawe uzibhekele ngokuthola usizo kubelaphi bendabuko ngoba ngelinye ilanga uyokulengisa akudedele.
Iziphonso zensizwa uma ifuna ukuthandwa yintombi
Kuyenzeka kube khona insizwa ethanda intombi kanti iyayesaba ize isabe ngisho ukukutshela ngemizwa yayo. Noma intombi ayiyithathi njengomuntu abangathandana nayo. Noma intombi iyasatshwa izinsizwa ithi insizwa uma ikhuluma nalentombi ivele isabe ubuqhikiza bayo ngoba kukhona izintombi emakhaya ezizikhulumela uze usabe ngisho kwawena uyinsizwa. Insizwa ibone kungcono ukuthi iyiphonse intombi ngoba isuke ifuna ukuthi igcine isingumakoti ohamba egcekeni lakubo. Insizwa isebenzisa umuthi, ukukhafula intombi. Intombi izolokhu iphupha ithandana nalensizwa kwakheke nothando entombini. Noma ingasaphuphi ithi ikha amanzi emfuleni ibone ibuso bale nsizwa. Isuke leyonsizwa iphonsa intombi kodwa kahle. Ngoba ayingenwa imimoya emibi ihambe iyolala kubo kwensizwa.

Ngcela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha ulala nowesilisa ongamboni aze achame
Nansi incazelo yamaphupho ngocansi: https://iafrika.org/amaphupho-ngocansi/ Nalapha futhi ungabheka kulencazelo yamaphupho ngokuqabula ukuthi awuzukuyithola yini incazelo oyidingayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuqabula/
Ngicela ukubuza Uma uphupha ingane iminza or icwila emfuleni kuchazani
Lapho uphupha uminza emfuleni, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuminza/
Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha uwa ugingqika
Nansi incazelo esinayo lapho uphupha uwa, bheka lapha: https://iafrika.org/ukuphupha-uphonseka-eweni/
Kusho ukuthini ukuphupha ngiyobona umuntu wesintu bese kuthi ngisalindile ngaphandle, kuvuke umoya/idlozi lingi phose phezulu na phansi ka thathu be lingijikijela phakhathi lapho ngizohlola khona. Emva kwalokho, angisanalo iphimbo lokukhuluma???
Nansi incazelo lapho uphupha ngamadlozi: https://iafrika.org/amaphupho-ngamadlozi/
Ngicela ukbuza, kusho ukthini ukuziphupha ushada? Angimbonanga engishada naye, bengisasendlini ngifake iVeyili nengubo emhlophe yomshado, uBaba wam esaqedela ukugqoka ukuze angikhiphe siye phandle lah engzoshadela khona?
Ake ubheke nansi incazelo ngokuphupha ushada: https://iafrika.org/amaphupho-ngomcimbi-womshado/
Kusho ukuthini ukuphupha uxhawulwa umuntu owumakhelwane wakho kodwa kade wamgcina ,usekuxhawula nihlangane endaweni esamcimbi efake ijazi elibomvu leli leziqu zobudokotela(proffesor). Dankie
Incazelo esinayo yilapho kunguwe ophuphayo othwele iziqu, yile: https://iafrika.org/amaphupho-ngeziqu/ Nansi incazelo lapho ubona umakhelwane ephusheni lakho: https://iafrika.org/amaphupho-ngomakhelwane/
Cela Ukubuz kusho ukuthini ukuphupha umuntu othandana naye elele nomuny munt wesfazane
Uma ephusheni kungathi kukhona obangisana naye, nansi enye yezincazelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokubangisana/ Uma usola ukwaliwa, ake ubheke nalapha futhi: https://iafrika.org/amaphupho-ngokwaliwa/ Ubuwazi nje ukuthi sinezithakazelo zakho zakwaChili, bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwachili/
Kusho ukuthin ukuphupha umamawakho ongasekho engamfuni umakoti
Lapho uphupha ngabantu abangasekho emhlabeni, nansi incazelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abasebafa/ Ubuwazi nje ukuthi kulenkundla sinomlando nezithakazelo zakini kwaHlubi/Radebe? Bheka lapha: https://iafrika.org/umlando-nezithakazelo-zesizwe-samahlubi/
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha nihlakula nitsha nonke niwundeni ensimini
Nansi incazelo esinayo ngokuphupha uhlakula, ungabheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuhlakula/
Ndicela ubuza kukuthini uphupha ukulomfana uthandana naye
Nansi incazelo yamaphupho ngocansi: https://iafrika.org/amaphupho-ngocansi/ Nalapha futhi ungabheka kulencazelo yamaphupho ngokuqabula ukuthi awuzukuyithola yini incazelo oyidingayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuqabula/
Ngicela ukubuza ukt kusho ukuthini ukuphupha udla bese ubona izibungu ezigcwele ebondweni nasezitsheni?
Lapho uphupha izibungu, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-asho-isichitho-noma-isinyama/
ukuphupha amafu ayizikwele ewu 4.esibhakabhakeni kodwa kungathi izinkanyezi
Nansi incazelo yamaphupho ngamafu: https://iafrika.org/amaphupho-ngamafu/ Kanye namaphupho ngezinkanyezi: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinkanyezi/
Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha Sengathi unyuka intaba ezansi kwayo umfula koda osaludaka uthi masewuzophumela ngale ushibilike uyowa odakeni kodwa ugcine sewuphumelile ngale uthi usahamba ubone umfula omncane owehlayo ogcwele ama grapes uwathathe uwadle.
Uma uphupha intaba, nalu ulwazi esinalo: https://iafrika.org/amaphupho-ngentaba/ Lapho uphupha udaka, kungasho lokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngodaka/
Ngisacela ukubuza ukuthi uma uphupha kushada wena nesoka lakho kuchaze ukuthini ngoba futhi akubanga umshado nje bekuyinto enkulu kodwa ngaphambi kokuba wenzeke bekunezingqinamba eziningi kodwa nigcine seninqobile nishade okungixakayo futhi ukuba ngivuke inhliziyo ibuhlungu futhi nginosizi ngifuna ukukhala.. ngicela ningichazela?
Nansi incazelo esinayo lapho uphupha ngomshado, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngomshado/
Sanibonani, ngicela ukubuza kusho ukthini Uma uphupha bekushisa ngomlilo uvuthe bese uyawuphephetha uphele, uphinde uvuthe futhi? Ngiyabonga
Lapho uphupha ngomlilo, nansi incazelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngomlilo/
Ukuphupha umental ekhanda ulalisiwe esibhedlela
Lapho uphupha sengathi uyagula ngekhanda, ulahlekelwa wumqondo, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulahlekelwa-wumqondo/
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha u sinda endlini ekhishi lika rawondi ngobulongwe sekukabili ngiphupha into eyodwa
Nansi incazelo lapho uphupha ngendlu yotshani, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngendlu-yotshani/
Cela ukbuza kusho ukthin Ukuphupha uxabana nomzali. Selibuye kathathu leliphupho .
Iphupho elinokulwa nokungezwani phakathi, nansi incazelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Ngiyakhuleka khaya ngithanda ukubuza lana ngiphuphe amanzi esiyalu ahlanzekile phakathi kule siyalu kune nyoka izigoqile osebeni laso siyalu kuno tshani obuhlaza.
Wena owashisa umuntu ngesikhuni kwaze kwasa eyobayoba! Funda lapha ngokuphupha ngamanzi: https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/ Ufunde lapha ngokuphupha ngezinyoka: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka/ Kulenkundla sinazo njalo nezithakazelo zakho kwaDlamini, bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwadlamini/
Uma uphupha kunombani kuchaza ukuthinu
Ulwazi esinalo lapho uphupha umbani yilolu, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoni-yombani/
Kuchazani ukuziphupha amabele egcwele imthambo eluhlaza egqamile
Kuchazani muphupha uphuma ubisi(milk) emabeleni?
Ulwazi esinalo ngokuphupha ubisi yilolu: https://iafrika.org/amaphupho-ngobisi/
Ukuphupha umuntu elahlekile ephambanelwe umqondo
Zwide kaLanga! Ndwandwe! Mkhatshwa! Bheka nalu ulwazi esinalo lapho uphupha umuntu ogula ngokulahlekelwa wumqondo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulahlekelwa-wumqondo/ Kulenkundla sinazo njalo nezithakazelo zakwaNdwandwe, nazi:https://iafrika.org/izithakazelo-zakwandwandwe/
Ngisacela ukubuza kusho kuthink ukuphupha izingane ezikhubazekile inqwaba kanye nevandla lama zion nabahlengikazi inqwaba
Wena waseGadunkomo! Wena owasezikhotheni ezingakhothi ngamlomo ezikhotha ngomkhonto kaZulu! Ulwazi esinalo ngokuphupha ngokukhubazeka yilolu: https://iafrika.org/amaphupho-ngokukhubazeka/ Abahlengikazi uma ubaphupha kungasho lokhu, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngabahlengikazi/
Ngisacela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha umunt owawuthandana. naye ekusola ukuth wamyeka
Nalu ulwazi esinalo lapho ubona owawuthandana naye ephusheni, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuthandana-nomuntu-ngaphandle-komshado-wakho/ Uma lowo ohlukene naye efuna nibuyelane, kuyaye kube yiloluhlobo olulandelayo lwephupho, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezingane-ezincane/
Sanibonani ,ngicela ningisize ngaleliphupho .Ngiphuphe ulwandle oluhle kakhulu ngendlela eyisimanga lunamagagasi amancane amuhlophe qwa ,phakathi kulo kuvele uNtomb’fishi evele uhhafu ngokwesiqu sakhe sangasenhla okuyisiqu somuntu esho ngezinwele ezinhle ezibanzi ,eceleni kwami kukhona ugogo wami ,sibhekene naye uNtombifishi kukhona asixoxela kona abuye akhombe ulwandle kepha ngingezwa ukuthi ingxoxo yakhe ithini kahlekahle. Ngiyabonga
Nalu ulwazi esinalo lapho uphupha ngolwandle, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngolwandle/ Uma ephusheni lakho kunentombi yasolwandle, kungasho lokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngentombi-yasolwandle/
Ukuphupha iqulu lamadoda evunulile ephethe amahawu ezodlula kuwe egijima ehaya isaga ube phakath nendawo umile?
Ake ubheke nansi enye incazelo yamaphupho: https://iafrika.org/amaphupho-ebhadi/
Ngicela ningichazele leli phupho Ngisendaweni engingayazi kodwa kunabantu engibaziyo abanye angibajweyele. Uma ngibabuze indlela eya ekhaya bayangiyalela ngize ngiyibone manje Inkinga ikude futhi Ile phezulu entabeni . Kunewa Kanye nedolobha ngaphambi kwakhona . Endleleni ngyahlangana nezigebengu kepha zigcina sezingiphelezela. Kunanemifula esabekayo kepha ngivele ngindize kuye ngyohlala ngapgesheya..
Lapho uphupha ngezigebangu, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngesigilamkhuba/ Ubonile nje ukuthi sinezithakazelo zakho zakwaMadlala, bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamadlala/
Kusho ukuthini ukuphupha ulele ( ucansi) nomuntu owawukade uthandana naye kdala
Nalu ulwazi esinalo oluthintana nephupho lakho, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngesekisi/
Kuchazani ukuphupha umuntu wakho sengath um’bamba elele nomfwenu emvakwalokho ngamshaya
Kuchaza ukuthini uuphupha isele likunombela uthi uzama ukulisusa lilokhu linqaba
Isele liyischitho mtakamah
Ndiphuphe abantwana bam belele endlini enodaka bondlele ingubo phezukodaka olumanzi phantsi
ngicela ukubuza ngiphuphe okewaba ngumngani kudala bemmemeza ngegama bethi why engikhuluma kabi kubantu wavele wangijikijela ngamatshe maqede wathi sengathi ungathola ingozi yemoto njengoba uzohamba ngemoto ukuya kini. sengathi uphendulana nami not labantu abambuza umbuzo. Kanti phambilini sengike ngamphupha ezakimi enolaka ethi why eloku ephuphana nami ngiphethe amagundane sengathi kunogogo owayeseduze nathi owaphendula wathi ukuphupha kahle zinhle inhlanhlayakho leyo kusho logogo eshokimi so lo okewaba ngumngani waphelelwa ngamandla ngamshiya lapho. Manje ngimphupha engijikijela ngamatshe engifisela nengozi yemoto
Kuchazan ukuphuph umuntu ophilayo emuke nomfula ecelen kwalowo mfula uthole osewashona
Kuchazani ukuphupha uthandana nobhuti wasemzini wakho ube ushadile naye eshadile kodwa uhlale umphupha fthi asijwayelene nangaleyondlela sinaya help plz
Kumele ngenzen ukuze ngingakhohlwa amaphupho wami?
Kuchaza ukuthini ukuphupha udriver imoto
Ngibe nephupho lamasimba kucazani lokho
Uma uphupha usolwandle umi esihlabathini ,luzengenjwayelo esihlabathini bese uyalubalekela ,Uma usuthi uyabaleka ngalapho okujwayele ukuthi kunezindlu zivele ungaziboni ubone sengathi indawo seyulwandle yonke oluthuli lubuhlaza. uvele uphaphame usadidekile ukuthi uzokwenzenjani ,kuchazani ?
Uma uphupha inyoka enkulu ensundu ,kube sengathi futhi inezinyawo ngemuva bese kuqhamuka inja iyibambe ngomlenze kwasa kuyi luma.Kuchaza ukuthini?
uma uphupha uvakashela not bona abaphantsi bekuvakashesha.ngisho Mina ngibavakashela ngikhalaza ngibabuza kungani bengandivakasheli ndibatshela ngiyabakhumbula
kusho ukuthini kuphupha umuntu ekunika nyama yenkukhu ebilisiwe
My comments I want to know more about dream I like your page
Kuchachaza ini ukuphupha ulele nendoda yakho
Nalu ulwazi esinalo olusondelene nombuzo wakho: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuqabula/
Kusho ukuthini ukuphupha ubulala inja bese ezinye zibaleke eyodwa uyishaye ife
Ulwazi esinalo oluthinta izinja lapho uphupha yilolu: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinja-nezinkomo/
I lyk to understand more about dreams
Uma uphupha nidla inyama yenkomo
Umaphupha umuntu othandana naye egawula isihlahla aze akhiphe nencambu zakhona
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukupbupha umuntu othandana naye ephethe izihlahla zesundu
Yilolu ulwazi esinalo lapho uphupha isihlahla, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngesihlahla/
Ngisacela ukubuza uma uphupha umuka emfuleni nomuntu othandana naye nimuka emfuleni ongenisayo kodwa nizame ukuwela ngaphesheya uma seniphuma ngaphesheya uphaphamr. Lichazani lelophuphp
Ngcela lingisize uma uphupha unyathela isbankwa sinabantwana abaningi …mangikunyathelile nakho kusala kungene enyaweni ngizame ukukukhupha ngikukhiphe ngibone ngabanywana besbankwa abanye baphuma emazwaneni ami sebefile abanye bayaphila ngacina ngigeza inyawo zami sizani
KuchAzani ukuphipha umama wakho epheka amazambane ne ntombi yakho yenza kanjalo bese umama ithi ” mos nginikile umtwana”
Ngcela ukbuza uma uphupha unqamula emfulen onamanzi acwebile ubona phansi uth mawuphakath aphakame eze njengegagasi bese ubaleke uphindele emuva?
Sawubona, nansi incazelo esinayo
https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/?highlight=amanzi
Ngcela ukbuza uma uphupha uphiwa imali emhlophe kusho ukthin.nokuphuma ulele nomuntu wesilisa omaziyo kodwa ongathandani naye
Uma uphupha umuntu othandana naye ehleli momndeni wakho sihleli naye kubo ekunika imali
Sawubona, nansi incazelo esinayo
https://iafrika.org/isho-ukuthini-imali-emaphusheni-akho/?highlight=imali
ngicela ukubuza uma uphupha imali eningi kusho ukuthini
Uma phupha muntuwakho noma isokalakho Likusekubo kanty linonkoskazi lapho nkosikazi udiniwe uyafa kanty umnden ujabule nesoka lijabule
Mhlawumbe izincazelo ungazithola lapha: https://iafrika.org/?s=imali
Sawubona, nansi incazelo yakho
https://iafrika.org/isho-ukuthini-imali-emaphusheni-akho/?highlight=imali