AbaseMbo Bhengu Buthelezi Chamane Dlamini Dubazana Dube Gatsheni Gumede Gwala Hlengwa Imiphakathi Izibongo Izigodi Mabhida Majola Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Myeni Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Shembe Shezi Zondi Zulu

Sesha

Izithakazelo zakwaChili

Chili!

Mthuli,

Mnguni!

Qwabe kaNozidiya,

Khuzwayo! Mlamlankunzi

Ungaziyeka zibulalane

Mthatathu kaGumede,

Nin’ enigovuzela umuntu ngehemu lakhe.

Isigogo esisind’ abatshathi.

Donga olulal’ amankentshane

Nina bas’ Ongoye.

Mbuse, Malinda

Lushaba lwenkosi

Ntseka

Wena owashaya insimbi ngomlenze.

Mgcwalisi wethusi,

Kholose, Ngwenya

Madlangalusuku abafokazana abadla nsukwana zonkana

Nin’ enakhahlel’ udonga kwavuleka indlela.

Nin’ enehla ngesilulu maqede kwavel’ ilanga

Mgwazi kaQhaqhela,

Mcwashi,

Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,

Bhebheza wena wasezilovini!

Tags

1 thought on “Izithakazelo zakwaChili”

Leave a Reply

Joyina mahala, uthole i-ringtone yezithakazelo.