Madlala!
Bhengu,
Mpumuza,
Umsengana omncane,
Kophela amabele sidle inyama,
Abadondolozela ngozipho kwabasesiNyameni,
Abakwanzipho zinde ngokucwebana,
AbaseMkhomazi abaphuma oPhatheni;
AbakwaSothulase.
Abakwambabala eyagweba igijima,
Ukuba ayigwebanga ngabe asikho
EsiPhahleni sakwaLokothwayo.
Abakwasithole asisengwa ngabezizwe,
Sisengwa ngabasekhaya;
Abakwamadlala ngendlovu
Zonke izizwe zingakwazi ukudlala ngendlovu.

Ngyacela ukwazi ngoMadlala eMnambithi kuth bona bathakazela bethin
BoMadlala baseMnambithi sizani bo nizazise kunansi iNkosazana yakwenu.
madlala
sishi
hlokohloko lamajola eladli insimi liylilela amakhabaldaka
Ncamisile Madlala oqhamuka emnambithi
Mna ngazi ukuthi kwakukhona inkosi uMadlala yathola amadodana okuwu Sishi no Mphephethe. Wathi angakhothama uMadlala uSishi n Mphephethe base bebanga ubukhosi ingakho base behlukana phakathi, ingakho ke sino Mphephethe n Sishi nje mesithakazela mna ngithakazela knje;
Mphephethe
Nina enahlaba udadewabo
Nithi akanamhlwehlwe
Kanti unomhlwehlwe bhabhakadi
Nina anahlabana ngotji
Umkhonto usuwile
Nina enabakashwaphana bukhona ubunzima
Maphephethe nibiziwe ebulonjaneni
Nathi imizi iyagegwa
Nina enakoMngayi no Maphalala
Mlipha!!!
Luyabongeka ulwazi olunikezile, luzosiza abaningi!
Monwabisi Madlala,
Mina ngu Sishi, Sdlobeni khabal’daka, Amahlokohlo amnyama adla Amasimu endoda Ayililela thina abakwa Manxele
Madlala, Mlipha, Mphephethe,shawushawu, (mkhono ubovu). Wena wase Ngidi Name Ngwavuma. Ukhokho Lana wuNgongodo..(wayeshade nomlungu ubabakho) Laba bafaka Umzilikazi kamashobane, ngoba kuthiwa babaleka kwaZulu bahamba nebutho likaMzilikazi,
Bese bayela eMpumalanga lapho bafikile kwaVilakazi(yiko nabo see Phephetha).
Thina ikhaya lomkhulu lise Gwane eMpumalanga (between Standerton and Magasoni)
Mina ngithakazela ngith Madlala, Sishi, Sozabe, Hlokohloko, Khabalidaka, Mcikili
Siphamandla Madlala eNqutu
Mina engizaziyo izithakazelo zithi:
Sishi
Vezi, kayiKhali, Sandindi, Khabalidaka
Amahlokohloko adla insimu yendonda ayililela
Amalanda amhlophe
Busi no Nelly (Ngithakazela Njengani)
Madlala
Mphephethe
Mlipha
Nina baseNgede ne Ngwavuma
Nina enajezisa umntaka’dadewenu
Nathi akanamhlehlo, kanti
Umhlehlo ulibhabhakazi
Nina enaphephetha impi yase Mhlangavula
Amadoda abuya endleleni athi
UMhlangavula udilikile kanti
Anamanga asaba ukuya empini
Nina betshebulo ebabayo
Nina enatshebula amafu namasibalo phezulu
(Kulokhu lapha phezulu abanye obaba bathi)
Wena Sende lezitha
Sende lokukhalipha
Mphephethe
Mphephethe
Mphephethe
Madlala,
Mphephethe wase Ngede ne Ngwavuma, wena owadla umka dadewenu
wathi akanamhlehlo kanti
umhlehlo ulibhabhakazi,
sende lezitha sende lokukhalipha,
Mlipha,
Wabizwa eMabinzeni………kwesikamNgayi obiyela ngamakhanda amadoda
Abanye baqhubeka bathi (this has the same meaning as above)
Wena wentshebula
Intshebulo ebabayo
Wena Owema engcekeni lendoda
Amathanga agcalingana
Bheki Madlala ( Empendle)
Ulwazi lwami ngabakwa Madlala ukuthi sizalwa ikhehla Igama lakhe kwakungu Nongane waye nama khosikazi angu 13
ngatshelwa ukuthi langcwatshelwa e Curry Post (Howick),
Now ingakho ubona izithakazelo zingefani abanye bagcina sebengama Pedí Baba ngo Matlala. its a Long history.
Sonke Singabakwa Madlala.
Bhuti Bheki ushyile lapho sishi kumele sazi ukusuka kuNongane kuya phezulu kuMadlala
Kuyiqiniso okushiwoyo, uBhuti Bheki ngabe usizile uma enaba ngoba kuyabonakala ukuthi uyalwazi loludaba. Vele kwesinye isikhathi izithakazelo zihamba zishiyane. Ulwazi lukaNongane owaye namakhosikazi awu-13 sengathi lungasiza abaningi- impela baningi abangasizakala uma kunganenezelwa olwazini lukaNongane owangcwatshelwa e-Howick.Nalomkhakha wamaPedi – oMatlala – kunganokondisa ukutholwa ulwazi olwengeziwe.
Madlala sishi khabaldaka sozabe
angimuboni uMadlala mphehethe
wena wasengede enengovuma
owajeza umkadadewabo wathi akanamhlahlo
kanti umhlahlo ulibhabha kazi …………
mina ngyabazi no SISHI bt mina ngthakazela ngithi MADLALA, GCWABAZA , MAKHANYA , OMFENE , ABAHLEKISA ABANTU BENGAHLEKI………….
Kodwa thina madodakaz akaMadlala singagcina singaganile mangas kulandelwe izthakazelo
Labo Madlala abaningi kanje kungabe bahlobene noma cha?
Thina sithi madlala sishi hlokohloko,khabal’daka,sozabe sinqa esincane made kuba nehlamba ….angazi noma khona yini ozaziyo lezo
Kubonakala sengathi uyazazi impela, baningi abangasizakala uma ungacobelela ngolwazi olwengeziwe lwezithakazelo zakwaMadlala, lezo wena ozaziyo.
MADLALA ,SOZABE ,MCIKILI ,SOMAGODLA INGWE NENGONYAMA ,SCUBI KASIPHEKWA MASIBUYA EMZINI , S’BIYA NGAMATHUMA ,ABANYE BEBIYA NGAMAHLAHLA ……. UBUKHOSI BAKWA MADLALA ….. BUSEKHONA E PORTSHESTONE EMZUMBE
yithi labo ayeyeyeeeeeeeee
Enter your comment here…ngyajabula ukuzwa lokho engfsa ukukwaz ngb omadlala bebangaka kishukut umendo syowthola kbona ngb phela abangathakazel ngendlela yethu
oMADLALA abaqhamuka ezansi nezwe ,lapho kusabusa khona uBUKHOSI BAKWA MADLALA … PORTSHESTONE EMZUMBE , izithakazelo MADLALA , SOZABE , MCIKILI ,SOMAGODLA OWAGODLA INGWE NENGONYAMA , S’BIYA NGAMATHUMA ,ABANYE BEBIYA NGAMAHLAHLA, SCUBI KASIPHEKWA MASIBUYA EMZINI
Mna Ndingu Madla emaXhoseni
Madlala
Ngwane
Hlongwane
Phephetha
Ndaba
Onduku zinobulongwe inkonjane ziwela umlambo uzele Kuba zibhabha phezulu
Thina siwo Madlala abavela e Free State uthin umlando ngoba kukhon izithakazelo ezivela zibe oMphephethwa Songidi uthin umlando lapho
Madlala,Mlipha,Mphephetho,Osengedo neNgovuma,owadla umka dadewabo wathi akananyongo,wathi akanamhlehlo,umhlehlo isibhabhakadane.
Ngicela ukwazi izithakazelo zakwa Madlala laba abangagcabi kanye nomlando wabo
Madlala
Sishi
Hlokohloko
Mduka
Nzimase
Khaba’ldaka
Khanda mancane njengeNyalothi
Yithike labo hlokohloko ‘mduka’nzimase
Besicela izithakazelo zaMadlala esesiyizwe ezindaweni ngokuhlukana kwazo. Isibonelo. OMadlala baseMzumbe abathakazelwa njengoMadlala abaseMsinga Nkandla Ulundi burg njalonjalo. Kodwa bayavumelana ngezinye izithakazelo.
Ngiyacela ukwazi izithakazelo kanye nomlando woMadlala abadabuka eMooiriver kanye nase Estcourt.