Amaphupho ebhadi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo.

  • Uma uphupha usendaweni emnyama ungakwazi ukuphuma kuyona. Kusuke kuyibhadi ongeke uphume kulona. Uma ujwayele ukuphupha leliphupho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu okholelwa ezintweni zesintu uhambe uye kulabo ababonayo noma izangoma. Usuke utshengiswa ukuthi izinto zakho zimnyama azilungile. Ibhadi liyenziwa ngumuntu owumthakathi enza ukuthi ungalungelwa yilutho empilweni. Kuthi noma uzama izinto ezikuyisa empumelelweni kungalungi lutho. Kumuntu okholwayo uyathandaza aze aphumelele.
  • Uma uphuphe ubhukuda emanzini angcolile, kuwona ubone ingane enqunu uthi uyayibamba ingabambeki. Ugcine usendaweni emnyama. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane abaphuphunyelwa yisisu. Kusuke kuyingane yakho leyo eyaphuphumayo. Leliphupho lisuke likutshela ukuthi ubumnyama bakho benziwa yini. Ingane isuke ikutshengisa ukuthi isikhulile ifuna ukwenzelwa izinto eziqondene nayo. Ngenhlanhla leliphupho liyakwazi ukuphumelela uma lowo ezolandela izigaba ezifanele. Umuntu wesifazane uyakwazi ukugeza lesinyama. Imithi itholakala kubantu abalaphayo ngokwesintu. Okubalulekile ukuthi nengane kufanele yenzelwe umsebenzi wayo owaziwa ngokuthi ukuyigqokise nokuyetha nokuyiqamba igama. Uma umuntu elandele lezigaba ezingenhla isinyama siyasuka.
  • Uma uphupha umuntu ekudunusela engagqokile okungabe uyamazi noma awumazi: Lokhu kuchaza ibhadi elihambisana nesichitho eliza kuwena. Kokunye kuyenzeka kuvele umuntu omaziyo kwenzeke kube uyena okuphosa ngesichitho. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane ababanga isoka.
  • Uma uphupha uphucwa imali umuntu noma uphuphe uphiwa into bese kuba khona umuntu okuphucayo: Kusuke kuyibhadi lokuthi uzophucwa isipho sakho ositholile noma osazosithola. Noma kusuke kukhona umuntu owathatha izinhlanhla zakho wazenza ezakhe. Esikhathini esiningi kuvamise ukuthi kube ngumuntu womndeni. Ngoba noma umuntu wangaphandle angakwenza kodwa akawazi amadlozi akini. Uthi noma ekwenza owangaphandle kungalungi kahle. Ngoba amadlozi akini ayakwazi ukuvulela inhlanhla. Kodwa uma kumuntu wakini kuba nenkinga ngoba ukhuluma nalo idlozi leli nawe okhuluma nalo. Ungakulungisa lokhu kodwa ngoba ungumuntu oseduze nawe angakwazi ukukubona uma wenza izinto eziqondene nalokhu bese yena egadla kakhulu kunakuqala. Ugcina ubona ukuthi zonke izinto oziphuphayo zenzeka kumuntu wakini.
  • Uma uphupha umuntu ekupha izingubo ezindala noma ekuwashisa izimpahla zakhe ezindala. Amanzi owasha ngawo engcolile nezingubo ezichilizela ngakuwena: Kusuke kuyibhadi kukhona umuntu okulethela ubumnyama emzini wakho. Kokunye uke uphuphe uphiwa imali emnyama noma uwathole endleleni. Imali emnyama ichaza ibhadi. Kusuke izinto zakho zingeke zikuhambele kahle empilweni. Noma kwesinye isikhathi usuke utshengiswa ukuthi kukhona izinto ezingahambi kahle. Umuntu ongumthakathi uyakwazi ukuthi akulethele ibhadi lokufa emzini wakho. Lokho ukubona ephusheni ngokuthi akulethele ingubo emnyama. Uma lengubo uyinqabile ephusheni lowo obekunika yona uzovelelwa okubi. Kodwa ngedlozi lakini ube usuyaboniswa ebusuku ukuthi kunezinto ezimbi ezizokwenzeka nezisa zokwenzeka. Amaphupho abalulekile ukuthi ungawakhohlwa uma usuvukile ukwazi ngisho ukuwachaza. Uma ungakwazi buza kubantu abadala ngoba kuyenzeka ukuthi kunento otshelwa yona.
  • Ukuphupha ibhokisi lomgcwabo – Isifo sasekhaya

180 thoughts on “Amaphupho ebhadi”

  1. Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha uqoqa izimpahla nezingubo zokulala eziningi ezindala ngizifaka emabhokisini? Loku ngikwenza ngiphinde ngihlole ukuthi angifaki izimpahla zami nazengane yami kulawo mabhokisi.

    Reply
  2. Ngicela ukubuza. Kuchazani ukuphupha umoya wakho uvalelwe endaweni emnyama kodwa ukwazi ubona umzimba wakho uphila emhlabeni?

    Reply
  3. Ngicela ukubirza kushoni ukuphupha umuntu wesifazane engibonisa isitho sakhe somzimba nami ngingowesifazane

    Reply
  4. Cela ukubuza, kusho ukuthini ukuphupha uklinywa yintombazana ngamathawula akho owashiye esokeni lakho. Ngingawasebenzisa futhi noma ngiwalajle

    Reply
  5. Uma uphupha izingane eziningi ezihluphekayo zigqoke izingubo ezindabukile zicela indawo yokulala bese uyazithatha zonke uzifake endlini uthi usulele ubone ilangabi lomlilo lirawunda udonga emnyango bese uyathandaza kakhulu kuvele kunethe kucishe umlilo. Ngabe lichaza ukuthini leliphupho.

    Reply
  6. Cela kubuza kuchazani kuphupha umyeni wami elwa bamshaye kakhulu alimale kube ukuthi mina mangfika lomuntu omlimazayo ngyamazi ngamucelela uxolo??

    Reply
  7. Ndicela ukubuza kuthetha ukuthini ukuphupha isipoki somntu omaziyo njengomntu owashona kodwa abe esaphila. Kwaye nokuthetha nabantu abashonileyo ngokwasephupheni bebonwa ndim ndedwa nokuba nemibono ngabangasekhoyo bethetha izinto phambili kokuba zenzeke kodwa ephupheni

    Reply
  8. Kuchsz ukthin ukuphuph uhlel kumatransi kdwa engekho amakhandlel Beth buqhamuk abant abathath bepheth drink beth sekuphind kwanjalo indab ubhut omncan edlal Ngoma lapho vel akekh egceken hambil uqhelil nje nekhay..

    Reply
  9. Kuchazani ukuphupha into eyodwa njalo, seliyangikhathaza leliphupho; ngiphupha omzala bami abangenza izinto ezimbi ngibatshela zonke izinto abazenzayo Kimi bese beyashalaza kwamanye amalanga omunye wabo exolisa khona ephushweni.

    Reply
  10. Ngabe kusho ukuthini ukuphupha inyanga yakho ikutshela ukuthi ukhulelwe. Kokunye ikuvikela ekushelweni abafana.

    Reply
  11. Kusho ukuthini ukuphupha ugogo ozala ubaba sewashona ephuma ebhokisini enqunu

    wasikubha sawela umfula wangifica wabhuquza phezu kwami

    Reply
  12. Ngicel ukbuza ngabe lichazani iphupho lami

    Ngiphuphe ugogo engingamaz enginikeza Ibhodwe elimnyama lokupheka phakathi linomchamo.abesethi logogo kim manghambe nvyowchitha lomchamo nangempel ngahamba ngayowchitha.

    Reply
  13. Kusho ukuthini ukuphupha indoda yakho ushonile wafihlelwa kubo kwayo wangtshela uze uzwe isiyafihlwa ocansini kuthiwe kwakuhleli I ntombi yakhe obungaz nokuth unayo wena wafihlelwa ngisho nengane yakho I ingekho emgcwaben kababa wayo… Uze utshengiswe ithuna lakhe esagcwatshwa limbozwe ngengubo nangoSeyili ngaphezulu… Uphambana nabantu abazobona okuqinisekisa ukuth washona ngempela… Uze uchazelwe ubhut wakhona ukuthi wadutshulwa etaxin ehamba nomndeni wakhe kwashona yena… Lingibelesele kwaze kwasa leli phupho?

    Reply
  14. Kusho ukuthini ukuphupha uXamu okhulumayo? Ukuphupha uphethe ingane encane ngathi eyakho? Kant nokuphupha ukhishwa yisisu kubekhona othi toileta eduze nomlilo ebese yena ethatha imnqatha yakho ayiphose emlilweni

    Reply
  15. Sawubona, ngicela ukubuza uma uphupha umuntu ethi bhosha ebhakedeni bese ngale aphinde futhi asho lokho. Bese ngiyaphaphama ngihanjiswa isisu, singiphutheme njimpela.

    Reply
  16. SBU

    Ngiphupha sinqunu sizama ukulalana nomuntu wesifazane engingamazi, kodwa kwangenzeka warhi yena akuvumi wafuna ukuphalaza.kuthe kusenjalo warhi kungcono silale uma esekuma periods (esikhathini).

    Reply
  17. Uma uphupha izinkunzi ezibomvu eziwu2 endlini uzilawula bese kube ngathi ezinye izinkomo ezisemnyango ezakho,kuchaza ukuthini?

    Reply
  18. Kusho ukuthini ukucaca intaba base usuzofika phambili kungabe kusanyukeka ….. mase u dilika uhambe ubuza enantwini kungalungi nix

    Reply
  19. Kusho ukuthini ukuphupha ngibuyela eskole ngithi ngizolungisa metric wami uthisha engimficile wangibuza ukuthi bengisahlaleleni sonke lesiskhathi

    Reply

Leave a Reply