Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo.
- Uma uphupha usendaweni emnyama ungakwazi ukuphuma kuyona. Kusuke kuyibhadi ongeke uphume kulona. Uma ujwayele ukuphupha leliphupho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu okholelwa ezintweni zesintu uhambe uye kulabo ababonayo noma izangoma. Usuke utshengiswa ukuthi izinto zakho zimnyama azilungile. Ibhadi liyenziwa ngumuntu owumthakathi enza ukuthi ungalungelwa yilutho empilweni. Kuthi noma uzama izinto ezikuyisa empumelelweni kungalungi lutho. Kumuntu okholwayo uyathandaza aze aphumelele.
- Uma uphuphe ubhukuda emanzini angcolile, kuwona ubone ingane enqunu uthi uyayibamba ingabambeki. Ugcine usendaweni emnyama. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane abaphuphunyelwa yisisu. Kusuke kuyingane yakho leyo eyaphuphumayo. Leliphupho lisuke likutshela ukuthi ubumnyama bakho benziwa yini. Ingane isuke ikutshengisa ukuthi isikhulile ifuna ukwenzelwa izinto eziqondene nayo. Ngenhlanhla leliphupho liyakwazi ukuphumelela uma lowo ezolandela izigaba ezifanele. Umuntu wesifazane uyakwazi ukugeza lesinyama. Imithi itholakala kubantu abalaphayo ngokwesintu. Okubalulekile ukuthi nengane kufanele yenzelwe umsebenzi wayo owaziwa ngokuthi ukuyigqokise nokuyetha nokuyiqamba igama. Uma umuntu elandele lezigaba ezingenhla isinyama siyasuka.
- Uma uphupha umuntu ekudunusela engagqokile okungabe uyamazi noma awumazi: Lokhu kuchaza ibhadi elihambisana nesichitho eliza kuwena. Kokunye kuyenzeka kuvele umuntu omaziyo kwenzeke kube uyena okuphosa ngesichitho. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane ababanga isoka.
- Uma uphupha uphucwa imali umuntu noma uphuphe uphiwa into bese kuba khona umuntu okuphucayo: Kusuke kuyibhadi lokuthi uzophucwa isipho sakho ositholile noma osazosithola. Noma kusuke kukhona umuntu owathatha izinhlanhla zakho wazenza ezakhe. Esikhathini esiningi kuvamise ukuthi kube ngumuntu womndeni. Ngoba noma umuntu wangaphandle angakwenza kodwa akawazi amadlozi akini. Uthi noma ekwenza owangaphandle kungalungi kahle. Ngoba amadlozi akini ayakwazi ukuvulela inhlanhla. Kodwa uma kumuntu wakini kuba nenkinga ngoba ukhuluma nalo idlozi leli nawe okhuluma nalo. Ungakulungisa lokhu kodwa ngoba ungumuntu oseduze nawe angakwazi ukukubona uma wenza izinto eziqondene nalokhu bese yena egadla kakhulu kunakuqala. Ugcina ubona ukuthi zonke izinto oziphuphayo zenzeka kumuntu wakini.
- Uma uphupha umuntu ekupha izingubo ezindala noma ekuwashisa izimpahla zakhe ezindala. Amanzi owasha ngawo engcolile nezingubo ezichilizela ngakuwena: Kusuke kuyibhadi kukhona umuntu okulethela ubumnyama emzini wakho. Kokunye uke uphuphe uphiwa imali emnyama noma uwathole endleleni. Imali emnyama ichaza ibhadi. Kusuke izinto zakho zingeke zikuhambele kahle empilweni. Noma kwesinye isikhathi usuke utshengiswa ukuthi kukhona izinto ezingahambi kahle. Umuntu ongumthakathi uyakwazi ukuthi akulethele ibhadi lokufa emzini wakho. Lokho ukubona ephusheni ngokuthi akulethele ingubo emnyama. Uma lengubo uyinqabile ephusheni lowo obekunika yona uzovelelwa okubi. Kodwa ngedlozi lakini ube usuyaboniswa ebusuku ukuthi kunezinto ezimbi ezizokwenzeka nezisa zokwenzeka. Amaphupho abalulekile ukuthi ungawakhohlwa uma usuvukile ukwazi ngisho ukuwachaza. Uma ungakwazi buza kubantu abadala ngoba kuyenzeka ukuthi kunento otshelwa yona.
- Ukuphupha ibhokisi lomgcwabo – Isifo sasekhaya
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ukhala bese ududuzwa umzala wakho ongasekho emhlabeni sewashona ngiyabonga
Sanibonani ngicela ukubuza kusho kuthini ukuphupha ukhala ngoba kuthiwa umuntu ozwana Naye isithandwa sakho akasekho emhlabeni ushonile ngiyabonga
Ngicela ningichazele kabanzi ngephupho, Uma uphuphela umuntu ukuthi uyahlanya kuchazani lokho
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokulahlekelwa-wumqondo/
Kusho ukuthini ukuphushwa umunutu ukhala ugqoke izingubo ezimnyama.
Nalu ulwazi esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngezingubo-ezindala-noma-ezingcolile/
Cela ukubuza kusho ini ukuphupha icelebrity ijima inqunu bese iyogeza kwi shower mayiqeda ngathola kulenga ingane ingathi igcwele amanzi e isteam Ijulukile
Lisho ukuthini leli phupho: bengibaleka abantu abafuna ukungibulala bathi ngibakolota imali. Ngi jumpa ama fence amande
Uphupha mntu oyindoda kuqhwaba ngempama
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa/
Ngicela ukubuza kuth kuchazani ukuphupha uphuma izinwele emlomeni?
Ulwazi esinalo ngalokho ungaluthola lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezinwele/
Camagu🙏🏼
Ndcela ukubuza xa uphupha amagqirha ekunikeza imithi esithi enye yigwade (sniff) uzothandeka ngumthi oBrown ogutyiweyo. Neminye imithi ezi sticks like a biltong sticks.
Nokuphupha ubaleka abantu abafuna ukukubulala but abade bakubulale.
Nokuphupha amanzi acwengileyo olwandle nomfula ne shower all the time,and once ayemdaka.
Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho amanzi: https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/
Ngicela ukubuza ukuphupha ungagqokile isingenzansi
Ngibingelele kuchazani ukuphupha ucinga izimpahla zokugqoka zakudala (vintage). Selibuye kabili njalo Uma ngiliphupha kuseke kukhona uKhulu wami ongasekho.ngike ngaphupha ngilinganisa izimpahla zakhe ngaphinda ngamphupha egqoka eshintsashintshisa izingubo nezicathulo
Ulwazi esinalo mayelana nesicelo sakho lukule ndaba yamaphupho ngabantu abangasekho emhlabeni: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/
Kusho ukuthini ukuphupha izintuthwane ezimnyama ziyiqulu ndawonye
Ungabheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngentuthwane/
Kusho ukuthini ukuphupha ujaha abantu kodwa ungabafici, ngoba uqale ushibilike uma uthi uqala ukugima
👌👌✌️🤞
Ukuphupha uphuma kini uyochama kamakhelwane uthi usuyabuya ubone umuntu wakini esemgwaqeni eyosithela engagqokile enqunu
Lapho uphupha ngomakhelwane incazelo kungaba yilena: https://iafrika.org/amaphupho-ngomakhelwane/
Ngisacela ukubuza uma uphupha uhamba entaben bese uzobona uphusheka ewen kodwa kukhona amanzi phansi agcwebile ..
Lapho uphupha uphonseka eweni, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/ukuphupha-uphonseka-eweni/
Njn ukuphupha udukile nengan yakho nigcine ngafikanga lapho niya khona nayo iphuphe ntefana neyakho ngisuku olulodwa
Kuchaza ukuthini ukuphupha umuntu ehlanya?
Nansi incazelo yokuphupha ukugula ngokulahlekelwa wumqondo, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokulahlekelwa-wumqondo/ Kulenkundla sesinengosi entsha sha! Lengosi izeka konke okumayelana nokwelapha ngokwesintu. Siqale ngesonto eledlule sakuthi phohlo ngesihloko sokuqala sokwendlalela, bheka lapha: https://iafrika.org/abelaphi-ngokuhlukana-kwabo/ Ezinsukwini ezingengaki sizokunika ulwazi olunzulu mayelana nokwelapha ukuphathwa yisisu, step by step.
Ngicela ukubuza ukuth kuchazani uma jphupha ushaya ingane yakho eno5 years kodwa ingashayeki. Sekukaningi ngiba nalephupho, isuke yenze something wrong kodwa uma ngiyshaya kuvele kube ngathi ngiyaythinta nje kodwa ngakesoskhathi ngisuke ngifuna ukuyshaya.
Nansi incazelo lapho uphupha ngokushaya: https://iafrika.org/amaphupho-ngokushaya/
Ngisacela ukubuza uma uphupha usendaweni ongayazi kodwa uzama ukugoduka kodwa ugcine ungafikanga ekhaya kusho ukuthini leliphupho liyaphindaphinda
Kusho ukuthi ukuphupha kuphakama ulwandle igagasi lashitsha laba umuntu langimboza ngak wazi ukuphefumula umuntu wesilisa obethi uyangisiza lwamuthatha bt ngikhiphile kwavele kwangena ubuhlalo ezandleno nasezinyaweni
Nalu ulwazi esinalo lapho uphupha ngolwandle namagagasi, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngolwandle/
Ngcela ukubuza kuchazani ukuphupha ushanela emsebenzini
Ungase uthole impendulo kuleli khasi: https://iafrika.org/amaphupho-ngokushanela/
Ngicela ukubuza la. Namuhla ekuseni ngivuke nephupho elithi umunye wabantu engisebenza and owumngani neManager yami ubefunwa amaphoyisa ehamba nami nabanye sabaleka futhi lapho ephusheni sibaleka siyangaseskoleni then amaphoyisa asibambe bese athi siya enkantolo ngalelo langa and sifike khona enkantolo ngibone sekukhona umawami nabanye engibaziyo and umama wam akasekho kahle ufuna ukukhala. Bengicela incazelo ngiyabonga
Ake ubheke nazi izincazelo ezilandelayo lapho uphupha ngendawo yomsebenzi, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngendawo-yokusebenza/ Ukubona amaphoyisa ephusheni lakho kungasho lokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngamaphoyisa/ Lapho uphupha ngomama wakho, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngomama/
Kusho ukuthini ukuphupha ungena emanzini n khona abantu besifazane ongabakhumbuli kuyisemfuleni onamanzi akhakhi (angbolike) but umvula engenalo ulaka lokuthi nizomuka or nihambe nawo
Bheka lapha ngezizathu zokuthi uphuphe ngamanzi: https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/ Bheka futhi nalapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/ Ukuphupha imvula khona kunalencazelo: https://iafrika.org/amaphupho-ngemvula/ Ubonile nje ukuthi sinezithakazelo zakho zakwaMsomi lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamsomi/
Sanibonani, ngicela ukubuza ngalamaphupho… Nginokuphupha umuntu ebengithandana naye, sinomntwana. Kuleli lok’qala wayekhuluma nami, engitshela ukuthi akangizondi… Kodwa mina ngingamphenduli. Kuleli lesibili, sasihamba naye ngemoto yakhe, ku driver umngani wakhe. Kodwa futhi kuleliphupho sixabane, angehlise estobhini thize.. Kuthe kusenjalo imoto ihlehlele kimi, ingilimaze idolo.. Aphume ngokushesha ezongi checka ukuthi ngi right yini. Elinye nje eliseceleni, ngihlezi ngiphupha ngijahwa abantu beslisa, ngezinye izinkathi ngibaleke, ngibalekele komakhelwane. Kwelokugcina nje indoda yagqogqoza efasteleni ngilele, yangena ngaphakathi ekhaya… Kodwa mina ngayidubuka ngesbhamu esiphuma into esamanzi abomvu. Ngiyabonga
Bheka nazi izincazelo, lapho uphupha ngengane,funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezingane-ezincane/ Lapho ubona umakhelwane ephusheni kungasho lokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngomakhelwane/ Uma udubula ephusheni kungasho lokhu: https://iafrika.org/amaphupho-ngesibhamu/
Bengisacela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ubaleka ujahhwa abantu emgaqweni.
Nalu ulwazi lapho uphupha usengozini https://iafrika.org/amaphupho-ngengozi-nokulimala/
Ingabe kusho ukuthin udla u-ice cream unikwe ugogo ongamazi bese emveni kwalapho ukhishwa isisu uphaphame ngenpela sikukhipha
kusho ukuthini ukuphupha ingane yomfana ena (4YRS) iminza kwi pool bese ihlengwa ugogo ngendwangu emhlopfe
Ulwazi esinalo ngokuphupha ngokuminza yilolu: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuminza/
Kishore ukthin ukphuphwa umuntu othandana naye ungagqokile kuthi kanjalo akbone uphuma ufishi ophilayo nenyoka ephilayo
Ufishi ngesiZulu yinhlanzi. Nalu ulwazi esinalo lapho uphupha bese phakathi kwezinye izinto kuvela ufishi. Bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngenhlanzi/ Bheka lapha ngamaphupho ngenyoka: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka/
Kusho ukuthini ukuphupha unodade wenu asebashona bese ubona isihlahla samajikijolo mawuthi yasondela izinyosi
Ake ubheke nalu ulwazi esinalo lapho uphupha ngodadewenu, bheka lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngomfowenu-noma-udadewenu/ Nalu olunye ulwazi lapho uphupha ngesihlobo esesashona, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngezihlobo-ezikude/
Ngicela ukubuza Ingabe kulungile ukuthi uhambe izinyanga ezimbili ezehlukile zingazi
Thato othandekayo,
Kunzima ukusho noma ungazihamba izinyanga ezimbili ezahlukene noma qha. Nguwena okumele wenze lesosinqumo ngoba nguwena onomlando nobudlelwano nalezo zinyanga, nguwena owaziyo ukuthi udingani kuzo, nguwena futhi owazi imbangela nesizathu sokucabanga ukuzihamba zombili lezozinyanga. Kodwa sengathi indaba ilele ekutheni awufuni ukuthi zona lezozinyanga zazi ukuthi uzisebenzisa zombili – kungani? Mhlawumbe kungakusiza ukuthatha isinqumo esinobuhlakani uma ungaqala ngokucabanga ngobungozi obungenzeka kuwe uma usebenzisa izinyanga ezimbili ngesikhathi esisodwa zibe zona zingakwazi lokho.
Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha abantu abadumile(celebrities) uhamba nabo
Ingabe leli yiphupho eliphindaphindayo yini noma uphuphe kanye nje? Yini enye oyibonayo noma eyenzekalayo ephusheni lakho? Izimpendulo kulemibuzo zingasiza ukuholela encazelweni yephupho lakho.
Ngicela ukubuza. Ngiphuphe kanye , ngihamba neCelebrity endaweni engihlala kuyona wabe engiphathisa iPhone yakhe. Kungabe kuchazani?
Kusho impumelelo uzayo empilweni yakho
Nawu amaphupho asho isichitho nesinyama: https://iafrika.org/amaphupho-asho-isichitho-noma-isinyama/
Kuchazani ukuphupha kusha indlu ubona umuntu wangiki ongasekho kulelophupho
Ngiyabingelela.Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha umuntu ophilayo egqoke isudu emhlophe?
Sanibona,
Ngicela ukubuza ukuthi kuchaza ukuthini ukuphupha . . .?
Sawubona Zenande, uke wazibona nje izithakazelo zakini kwaDlamini? Bheka lapha:
https://iafrika.org/izithakazelo-zakwadlamini/
hi. ngicela ukubuza kuchaza ukuthini, ngphuphe ngihamba nosis wam siya esontwen siphethe imithwalo emningi sibuye sihlale phansi sidle inyama yangaphakathi.
Ake ubheke nazi izincazelo lapho uphupha ngesonto: https://iafrika.org/amaphupho-ngesonto/ nalapho uphupha udla inyama yenkomo: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyama-yenkomo/
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha umuntu wesilisa.
Nokuphupha uthelwa ngesihlabathi sase mathuneni ebusweni
Bheka lapha, kukhulunywa ngamaphupho okuphonswa lapho insizwa ifuna intombi: https://iafrika.org/amaphupho-okuphonswa/ Nakhu okudingeka ukuqonde mayelana namaphupho osikweni lwase-Afrika nolwesiZulu https://iafrika.org/mayelana-namaphupho-osikweni-lwesizulu/
Kusho ukuthini ukuphupha ubona izimoto eziningi simile phakathi kwazo kukhona nemoto ethwala izidumbu bese kuqhamuka umuntu efuna ukukubamba umshaye avuvuke umzimba wonke
Nalu ulwazi esinalo oluthinta imoto ethwala izidumbu: https://iafrika.org/amaphupho-ngezimoto-ezithwala-izidumbu/
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha kukhona. Amalulwane amanengi ekhanda lakho uma ukama aphuma nezinwele
Nalu ulwazi esinalo ngokuphupha amalulwane: https://iafrika.org/amaphupho-ngelulwane/
Kuchaza ukuthini umuntu mayeku phupha uhamba nabantu abaqoke izimpahla ezimnyama
Ngiyabona ukuth kade ufunda incazelo yamaphupho ebhadi, umbuzo wakho wona usuthinta izingubo ezimnyama, inzilo. Kuyacaca ukuthi ucabanga ukuthi amaphupho akho akhomba isifo. Nalu ulwazi esinalo olungasiza ukuba uhlaziye amaphupho akho ukuthi kazi aqondene nani: https://iafrika.org/amaphupho-okufa/
ngicela ukubuza uma uphupha umuntu ekusikaza ngomumese kusuke kwenzenjan
Ulwazi olungakusiza esinalo uma uphupha iphupho elinesikhali nokuhlaselwa yilolu: https://iafrika.org/tag/ukugwazwa/
Sanibona ngicela ukubuza ngiphuphe ngidlala igazi lomuntu ochithekelwe yisisu Uma ngivukwa ngyaphala za ngicela ukubuza lichaza ukuthin
Nalu ulwazi esinalo oluthinta ukuchitheka kwesisu: https://iafrika.org/amaphupho-ngokuphuphuma-kwesisu/
ukuphupha ubheke emafini bese kuba khona izwi elithi’yithi abakwamvelase buyela ekheya uyogezwa
Nalu ulwazi esinalo ngokugezwa. Noma lencazelo ingeyamaNazaretha kodwa izimo zokugezwa zinezinjongo nomongo ofanayo. Siyethemba lolulwazi luzoba usizo kuwe uqonde kangcono ngokugezwa: https://iafrika.org/ukuhlambulula-idlozi-ngenkolo-yamanazaretha/
Min cela ukubuza ukuthi kuchszsni ukuphupha indoda yakho ikulethela umemulo
Sawubona Nombuso,
Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho alabo abathandanayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngothando/
Uke wawubona nje lomlando wemvelaphi yabantu bakwaMkhize? Funda lapha: https://iafrika.org/umlando-wakwamkhize/
Nalu olunye ulwazi esinalo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokucela-umshado/
Ngiphuphe ngiphume isikelemu ngaphansi ngabe kusho ukuthini lokho?
Kungakusiza ukuqonda nalu ulwazi kanye nokuqonda izincazelo zamaphupho: https://iafrika.org/mayelana-namaphupho-osikweni-lwesizulu/
U kuphupha indodana yakho i wela e sizibeni kodwa amanzi a khona ahlanzekile. Ngi ncela incazelo
Kungakusiza ukubheka nalu ulwazi esinalo ngamaphupho ahlukene athintene namanzi: https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/
Ngicela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphupha umuntu omaziyo ophilayo wesifazane enqunu ekhala, kuze kufike amaphoyisa amubhoze ngengubo yokulala emnyama?
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha upheka inyama yenkukhu bese ubonaisoka lakho lilele embhedeni lingagqokile bese ubona nobaba walo engathi uyambalele ngoba usuke ugqoke ibhulukwe egcineni ubone isoka lakho selihamba nentombi
Uma uphuma umuntu wesifazane omaziyo kodwa anijwayelananga ekujabulela aze acele ukuthatha isithombe nawe kuchazani
Nalu ulwazi esinalo ngamaphupho nezincazelo: https://iafrika.org/mayelana-namaphupho-osikweni-lwesizulu/
Ngicela ukubuza uma uphuphe ingane yakho ephilayo kungathi bayenza umkhovu kusuke kuchaza ukuthini
Ngcela ukbuza kuth kusho ukthin ukphupha umuntu enanithandana naye nihlez ndawonye nengane eyaphuphuma, uphinde umphuphe eginqeke nemoto
Ngicela owaziyo angisize ngiyafa amaphupho esoka esesahlukana nalo.. Ngiliphupha lilele esbhedlela lehlelwe yingozi kube yimi engihlala eduze kwalo.
Ngiphinde ngiliphuphe engathi siyabuyisana kodwa mangilibona akekho okhulumisa omunye siyizitha nje.
Kungabe sengixolile noma yena usexolile kuchazani loku
Eish ngifuna usizo angaz lutho ngiyacela sizani ngithembele kin ngifuna impumelelo ngisebenza kanzima kangitholi lutho
Xa ndiphupha imfene ezimbini zincinci zisiza kum ngoku mna ndibe sendisoyika.lithetha ukuthini elo?
ngicela ukubuza mina kuchaza ukuthini ukuphupha ushibilika odakeni endaweni eyehlelayo uze ubalanse ngezandla uma usuhlamba izandla ubone usunesihlabathi sasolwandle singaphansi kwesikhumbupha njengamapapamuza okusha
Ngicela ukubuza kuchazani ukuphupha amanzi amaningi eza ngomfutho kuwe kodwa ukwazi ukuhlamba uhambe phezu kwawo engakumbozi uphambane nawo uze uphumele endaweni enodaka kuntanta indle emanzini agijima phansi?
Bheka nalu olunye ulwazi esinalo ngokuphupha ngamanzi: https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/