Ngibe nengxoxo noMnumzane uBongani Dube owazalwa ngowe-1963, umhla we-11 kuLwezi, ezalelwa endaweni yaseNdwedwe esigodini sakwaHlophe eduze nomuzi wakwaShembe, Ehhomisi. UMnumzane uBongani Dube manje usehlala endaweni yaseNanda, eCongo.
Ukuhlambulula izidalwa noma idlozi yilapho usuke ugeza khona abantu bakini abangasekho emhlabeni. Ngokwenkolo yamaNazaretha kuthiwa uyazihlambulula. Inhloso yokuthi izidalwa zihlanjululwe wukuba zize kahle kumuntu, kuthi uma ngabe enza umsebenzi izinto zakhe zilunge noma abenezinhlanhla.
Uthi uMnumzane uBongani Dube uma izidalwa zakho noma zakini zingcolile ziza kabi kuwena uma wenza umsebenzi. Kulezi zidalwa singabala abantu bomndeni abashona bexabene, lokho kwenzeka ngoba kwakukhona ingxabano emndenini kwaze kwaphetha ngokuthi angabi bikhona ofuna ukwehlela ngezansi. Ngesinye isikhathi kubekhona abahamba emhlabeni belimele, bonke laba bantu basuke befuna ukuhlanjululwa noma ukugezwa. Kuphinde kube khona futhi abantu emndenini abacwiya izidalwa. Uma umuntu ecwiya izidalwa usuke efuna ukuthi konke okuhle kuze ngakuyena, kuthi noma omunye umuntu enza umsebenzi kodwa zonke izinhlanhla ziye ngakulowo owazicwiya, kuthi lowo owenze umsebenzi kuye kuze amabhadi.
Kuthiwa lowo ohlambulula idlozi ngokwenkolo yamaNazaretha, uma sekuyiwa kwinhlangano kufanele ahambe kuqala ukuyonikela ebandleni laseKuphakameni. Unikelela izidalwa zakubo ukuzihlambulula. Kubalulekile ukuthi zibizwe ngamagama futhi nodaba lubekwe; njengokuthi nje kushiwo ukuthi kunikelelwa abantu abahamba bexabene osekucelwa ukuthi bazwane, nabahamba belimele engabe yisibhamu noma ukugwazwa baya bahlanjululwa nabo. Kanjalo nabangenzi kahle baya bahlanjululwa njengalaba abasuke sebathathwa emhlabeni. Kuphinde kukhishwe isilwane sokubanikelela esiyimbuzi khona lapho ebandleni. Isilwane sisala khona eKuphakameni bese zonke izilwane zihlanjululwa ngaphambi kokuthi zidayiswe. Uma ukuhlambulula idlozi kwenziwa ekhaya, kucelwa ubaba waseKuphakameni azohlambulela khona ekhaya. Kuba wubaba okwaziyo ukufeza lo msebenzi, futhi kufanele embathe ingubo emhlophe yamaNazaretha. Ingubo le emhlophe yiyona ekhanyisayo. Lowo ohola lowo msebenzi wokuhlambulula idlozi, ngenxa yokuthi akazi lutho ngedlozi lakulowo muzi, akayishisi impepho kuphela nje uyabatshela abomndeni ukuthi benzeni.
Impepho ishiswa ngumuntu omdala walapho ekhaya, akhiphe izidalwa ngaphandle kwesango. Uphatha ihlamvu lephangazana okuyilo akhipha ngalo izidalwa. Kuyaphunywa endlini yempepho kuthi nawo wonke umuntu osemagcekeni alelo khaya aphumele ngaphandle. Kusuke kuphethwe isilwane esincane, njengembuzi nje. Ngaphandle komuzi kufikwe kumbiwe umgodi, kushiswe impepho futhi kukhulunywe namadlozi atshelwe ukuthi ayawahlanjululwa, kucelwe ukuthi izidalwa ezimbi zisale ngaphandle komuzi uma zingahlambululekanga kodwa ezinhle zingene ngaphakathi komuzi. Imbuzi iyanqunywa kuthi inyongo, umswane negazi kufakwe emgodini kugqitshwe. Ubaba lowo waseKuphakameni ohola lowo msebenzi ube esehlambulula futhi ngamanzi abusisiwe, kubeke sekubuyelwa ngaphakathi kwekhaya. Amadlozi abeke esengeniswa ngembuzi enkulu, ngaleso sikhathi kube kukhulunywa etshelwa ukuthi aseyangeniswa ngaphakathi komuzi.
Uma kufikwa ngaphakathi kwekhaya kukhishwe izicephu, ezobaba nezomama. Ezobaba ziba ngasohlangothihni lobaba ngakwesokudla, kuthi ezomama zibe ngasohlangothini lomama ngakwesokunxele. Imbuzi ikhishwa umhlwehlwe nomdikizo kufakwe emalahleni kushiswe kanye nempepho ndawonye. Leyo nyama kayidliwa ngalelo langa ize idliwe ngakusasa. Lokho kungenxa yokuthi amanye amadlozi asuke engakafiki ngoba kuthiwa awaziwa ukuthi afika nini. Kuyenzeka kube khona ogogo, nomkhulu, nokhokho lapho kuhlanjululwa idlozi. Laba bantu basuke behamba kancane lapho kufezwa imicikilisho yomsebenzi, uma sekudliwa kufanele kudle bona kuqala. Abomndeni kanye nomakhelwane bayidla ngakusasa inyama, izingane azidli kanye nabantu abadala. Uma-ke sekwenziwe lo msebenzi wokuhlambulula idlozi, izinto zibe sezimlungela lowo owenze lowo msebenzi ngoba izidalwa zisuke sezigezekile.
Nami ngicela umshumayeli ongangisiza ngokulungisa izidalwazami
Amen ubaba loseNanda eCongo ngingamthola kanjani
Kusho ukuthini ukuphupha umuntu wakin owashona egqoke ingubo emhlophe ehleka ethi siyabonga usegezekile la ekhaya
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukuphupha abantu abangasekho emhlabeni
Usuke abonga Uma wena omphuphako asho njalo ngokungena emanzini ubhabhadiswe. Uma bhabhadiswe kaShembe suke wenzele abakini umsebenzi omuhle ngokulalela wamthula umthwalo lahamba nawo ngokungena emanzini.
Nginenkinga la luphupha abadondelene namiumama ongizalayo uphuphe engena emfuleni ephethe izithombe zamanazaretha kwaqhamuka intombazane yathi makaphume enfuleni akadingeki akaziboni yin izithombe….omunye wabangani engizwana Naye uke waphupha ipool kodwa ngathi iwulwandle yena.. manje nginokungaphili ezinsukwini nginokungalali ebusuku ngize ngilale ekuseni ngilala kuze kube intambama nginokukhathala nje okukhona enzimbeni ngibuye ngiphathwe ikhanda kanti nginakho ukuthi mangiphupha into noma ngiyikhuluma yenzeke kwesinye isikhathi kwenzeke into kube sengathi yake yenzeka ngiseke ngayibona before kanti kunomunye nje engizwana naye owavele wangitshela ukuthi ekuhambeni kwesikhathi ngiyongenwa abantu abadala …manje angazi kwenzenjani nokuthi mele ngenzenjani
Ukuphupha usekhaya uhamba nengoduso kepha ekhaya bengayifuni futhi beyixosha use ubambe, kusho ukuthini
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokwaliwa/
Ngiphuphe ngathy ngiy sendawana thizeni ngathy kuvela umuntu thizeni ongasekho ngathy kube sengbiza sengmemeza ushembe ohleli eshlalweni njengamanje kube ngathy uyavela bese lomuntu ebaleks lentu yenzeka ngathy Mina kulendawo ebengikhona ngisiza umuntu thizeni osehlushwe I lomuntu ongasekho bese ekgcineni yena lomuntu ongase kube ngathy ngya jaha bese ushembe emzungeza bese ngisondela namanzi ngsakhuluma ukuphila klamanzi bese ngithela yena lomuntu bese ngokhuluma ngithy akahmba ayoba idlozi elihle
thokozani ngicela ukubuza uma ugula izigulo eziningi ungapholi nesikhumba sihlala sinezilonda ngathi umbandami siyaluma bese uma uyohlola kuthiwa unedlozi nesithunywa kodwa awuphuphi lutho uma uthi uyothwasa akwenzeki lutho. kuyini ongakwenza ukuze ubone ukuthi unedlozi nesithunywa.
Kunezimo lapho umuntu ebona khona ukuthi izinto azimhambeli kahle empilweni noma ngabe usexhumene namadlozi akhe kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Lokhu kungabangelwa – bheka lapha: https://iafrika.org/ukusetshenziswa-komsamo/ Kungasiza futhi nokuthi wazi kabanzi ngezindaba zobungoma, funda lapha: https://iafrika.org/ubungoma/
Amen
Nginokuphupha engath ngiya graduate ngifake ama jazi awu 3.
Nalu ulwazi esinalo ngokuphupha uthwala iziqu zemfundo: https://iafrika.org/amaphupho-ngeziqu/ Ndosi, uwubonile nje umlando wakini kwaCele? Bheka lapha: https://iafrika.org/umlando-wokuhlukana-kwesizwe-sakwacele/
Umsebenzi lona bekungathi owembuzi, bekugcwele nje abantu abaningi ekhaya nami ngimatasa kakhulu. Kuthe singithi ngiyaphumula nami ngiyadla ngabona omunye nje umama uyezwana kakhulu nomawami esaphila kodwa manje akasangikhulumisi, elokhu engimemeza nje efuna lokhu nalokhu ngenkani nenzondo kimi, kanti kuzongena futhi omunye aweyemngani wami kudala naye esingasazwani kahle, wangena ekhishini wathi ngimphakele. Ngavele ngahlala phansi angamnaka, ngazidlela ipapa noshatini ngoba inyama isiphelile
Ukuphupha imbuzi kungasho okuhle noma okubi, kuya ngokuthi leyombuzi oyibonayo inombala onjani, nansi incazelo esinayo: https://iafrika.org/amaphupho-ngembuzi/. Incazelo yokuphupha udla nayo iya ngezimo, nazi ezinye zazo: https://iafrika.org/amaphupho-ngokudla/
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha sijahwa yizinyoka eziningi, zibe mnyama nemibala esilver. If one inhlwathi igwinya umuntu bese ziyahamba. Kanti futhi ngiphinde ngiphuphe izinja zakamakhelwane, nokuphupha kunomsebenzi ekhaya. Umsebenzi sengiwuphuphe izinsuku zilandelana
Sawubona Hlengiwe,
Ake ngikunike nalu ulwazi esinalo olungasiza ucubungule amaphupho akho. Funda nalu ulwazi ngamaphupho ngezinja: https://iafrika.org/amaphupho-ngenja/. Mayelana nokuphupha izinyoka lolulwazi luqukethe okuningi, funda lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka/. Ubalula ukuthi uphupha kunomsebenzi ekhaya – umsebenzi wani lona owubonayo uma uphupha? Awunikeze ulwazi oluthe xaxa ukuze kucace ukuthi ungasizakala kanjani.
Ameen
Ngicela ukusizwa ngibenesibonakaliso kufika umkhulu ethi kumele ngimukele isithebe sakhe esisesangweni, isikhathi sesifikile ukuthi ngiyokhuphula isithuywa eKuphakameni.
Angibonge ngisalindile Ameeen !!!
Ulwazi esinalo yilolu osulufundile lokuhlambulula idlozi ngenkolo yamaNazaretha. Mhlawumbe uma liphindaphinda leliphupho lakho, thintana nabaholi noma abashumayeli nabafundisi basebandleni lakho ukuze bakuchushise, cishe bazoqonda ngokufuneka ukwenze. Sikufisela inhlanhla nempumelelo.