Ukubaluleka kwemfuyo

Izilwane zasekhaya azigcini nje ngokufuyelwa ukuthengiswa, ukuhlatshwa nokuthi zande , kepha zinendima enkulu eziyidlalayo ekhaya njengoba phela imfuyo isondelene kakhulu nabantu abadala, phecelezi amadlozi noma amathongo. Lapha sikhuluma ngokuthi imfuyo idlala yiphi indima ezintweni ezithinta abadala. Imfuyo phela kubuye kube yiyo ethwala ijoka lokubambela laba abasuke bebhekene nolaka lwabaphansi uma kukhona okumele kwenziwe ekhaya ngokwesintu.

Kuyinto yakhona ke KwaZulu ukuthi kumele kufuywe, kufana nomthetho ongabhaliwe phansi kepha okwaziwayo ngawo. Ukufuya lokhu phela kusho umcebo nentuthuko ngoba indoda ayilambi kanye nomndeni wayo uma ifuyile, indlala iyizwa ngendaba. Kuleli khasi ke asigxilile kakhulu ekubalulekeni kwemfuyo noma ekungabulekini kwayo, kepha njengabantu abaphila ngamasiko esintu siveza ukuthi imfuyo idlala yiphi indima ekhaya uma ikhona.

Ukubaluleka kwemfuyo

Imfuyo ibalulekile ekuthetheni idlozi noma nje ezintweni ezixhumanisa abaphilayo nabangasekho. Uma kwenziwa imisebenzi izinkomo nezimbuzi zidlala elikhulu iqhaza. Izinkukhu zisetshenziswa kakhulu uma kwenziwa imisebenzi emincane efana netiye.

Isifo

Abadala babuye babizwe ngezithutha. Lokhu kushiwo ngoba  kuyaziwa ukuthi babuye bawudlulise ngenye indlela umlayezo  kwabaphilayo uma kukhona abafuna ukwenzelwa khona. Abadala ke izithutha ngoba phela bayafika nangodlame, uthole ukuthi sekudlula nomuntu emhlabeni uma kukhona abangeneme ngakho. Imfuyo isiza ekutheni uma abadala bediniwe bathathe isilwane egcekeni, kube yinkomo noma imbuzi ukwedlulisa ulaka lwabo.

Ukugula

Kuyenzeka futhi ekhaya ukuthi esikhundleni sokuba kugule umuntu, umkhuhlane uvele siphumele esilwaneni esifuyiwe, kubonakale ngokugula kwaso  ukuthi inkulu impela indaba ekhulunywa ukugula kwaso.

Kuyenzeka ke ekhaya kugule inkunzi  noma inkabi iphathwe inkaba lokhu kuvula abomndeni amehlo bephuthume esangomeni ukuyothola ngembangela. Mhlawumbe kucishe kwaphuma isidumbu ekhaya kwasiza khona ukuthi kukhona isilwane okuyisona esibambele lomuntu obezoshona. Uma sekubanjiwe okudala lokhu, kumele bazame isisombululo sokuthiba ulaka lwamathongo.

Inhlambuluko

Inhlambuluko yobantu abasadla anhlamvana ayifani neyabangasekho emhlabeni. Uma kwenziwa inhlambuluko yabantu abaphilayo bobabili, kumele bayikhulume abayibangayo, babike kwabadala ngempepho emsamo basho ukuthi cha sebekhumelene umlotha. Kanti ke uma kungabantu abangasekho okumele bekhumelane umlotha, kuyaye kwenziwe umsebenzi wembuzi kubikwe  emsamo ukuthi kucelwa baxolelane njengoba badlula emhlabeni bebambelene amagqubu.

 

Leave a Reply