Ukuthetha idlozi

Izinto zamasiko zihlale zihlale ziguquke ngakho ukuhamba kweminyaka, ngoba lokho kusho ukuthi uzalo olusha lufika nezindlela ezintsha zokwenza izinto eziphathelene nawo amasiko nemigubho yawo. Lokhu kusho ukuthi nasemandulo bezikhona izinto ebezenziwa khona ezingasenziwa manje, kanti-ke futhi kukhona nobekusho osekwenziwa manje phambilini obekungenziwa. Angeke sigxile kakhulu ebuhleni nasebubini bokuguqula izinto zamasiko ngoba phela izikhathi zokukhulu nazo azifani kanti nosikompilo luhambisana naso isikhathi okusuke kuphila kusona. Njengoba kukhona amasiko esigodi nje kanye nawomuzi-muzi ngomuzi lokho kugcizelela khona ukuthi asiyi ngandawonye noma nganxanye singamanzi. Lana-ke sithi ake sikhiphe ‘dlubu ekhasini sibhunge ngendaba yokukhuluma nabaphansi, ekubhekeni lolu daba sizothi ukubheka emumva ekutheni bekwenziwa kanjani, kuxhunywana kanjani nabadala kanye nokuthi ukuguqula leyo ndlela kuqhamuke nini kwenziwa isiphi isizathu, ngicela ningiphe indlebe-ke sizwe sikaZulu.

Emlandweni siyathola ukuthi ngeminyaka yowe-1800 indaba yokushisa impepho emsamo bekuyinto ethi ayingabi bikho, lokho akusho ukuthi bekungakhulunywa nabadala kepha indoda ibithi uma ikhuluma eMzini wayo, ibikhuluma ngezwi kuphela ngaphandle kokushisa impepho, kepha ikhuluma esibayeni. Isibaya lesi kuyisona esiwumgogodla womuzi. Kanti-ke futhi sihlonishwa nakakhulu ingakho namanje kunemithetho ethile ehlose khona ukuvikela isithunzi sesibaya okubalwa kuso ukungavunyelwa kwabesimame ukuthi bangene khona phandle-ke uma umuntu egcagca, nakhona lapho ungena isikhashana eyokwetha inkomo. Yonke imizi inezinkinga zayo, bekuthi uma kunezinkinga ezihlasele ikhaya, bekuyiwa esibayeni nakhona bekungayi noma ngabe ubani kepha kuya inhloko yekhaya okuyiyona vele ekhuluma emsamo. Bekungagcini ngabo abanumnzane ukukhuluma esibayeni kepha ngisho nawo amakhosi imbala ebesebenzisa sona isibaya sezinkomo lezo. Lokhu bekwenziwa ngoba bekwaziwa kwaziwa ukuthi idlozi elikhulu eliqaphe umuzi weNdoda liba sesibayeni lapho okuhlala khona izinkomo. Ingakho noma abaphansi uma kukhona okubanengile ekhaya noma kukhona la abanganelisekile khona bathatha yona imfuyo esibayeni, bayibhuqabhuqe beyiqede imfuyo kanti kukhona abakhala ngakho.

Lokhu-ke kufakazela yona le ndaba yokusondelana noma ubudlelwano obukhona phakathi kwabaphansi kanye nesibaya sezinkomo. Siyathola ngoSolwazi bomlando besizwe sikaPhunga noMageba ukuthi amakhosi nezingwevu emandulo bezingayishisi impepho uma kukhulunywa nabadala. Kuzokhumbuleka ukuthi ngokuthi amaNgisi eshise isigodlo sasoNdini, athi ayeselungiselele ukuthatha iNkosi uCetshwayo ayise le kwelamaNgisi, ngesizathu sokuthi iNdlovukazi yamaNgisi yayifuna ukumbona uCetshwayo, yathi inkosi uma isisemkhunjini sekumele uhambe, akazange aze uvume ukuthi ihambe nomkhumbi ingakakhulumi nadabala amadlozi, kepha yacela ukubuyela emuva ekhaya iyobika isho ukuthi isiyahamba, abuza amaNgisi athi uzoyaphi ngoba awusekho umuzi ushile, yaphendula iNkosi yathi cha, ngizoya esibayeni ngiyokhuluma, nangempela kwaba njalo.

Lokhu kuveza khona-ke ukuthi impepho ekuqaleni yayingashiswa uma kukhulunywa nabaphansi kepha bekuyiso isibaya semfuyo ebesisetshenziswa. Kukholakala ukuthi ukushiswa noma ukushunqiswa kwempepho kufike kamuva ngeminyaka yowe-1900, kufika nezangoma. Bezingagcini-ke nokho ngokuyishisa kepha futhi ibiphinde isetshenziswe njengawo wonke amakhambi okwelapha, isiza kakhulu uma nje uphethwe yikhanda. Lokhu akusho ukuthi ibingekho yabadala lokhu osekwabizwa ngomsamo wasekhaya namhlanje, kepha bekukhona yona le ndlu esibizwa ngokuthi eyakwaGogo lena osekushiselwa kuyo impepho namhlanje ukuze kuxhunywane nabaphansi. Emandulo le ndlu yakwaGogo ibiba yixhiliba noma ixhiba (ikhishi). Leyo ndlu ibihlala izitsha zomuzi ebezingasetshenziswa noma ngabe ubani, bekungeyona indawo yokukhuluma nedlozi njengoba sekwenziwa namhlanje.

Emandulo bekuhlalwa emaqhugwaneni, nayo-ke le ndlu yakwaGogo ibiyilona iqhugwane, ihlonishwa kakhulu njengoba sishilo nje ukuthi bekungangeni kona ubani kuyo. Okunye-ke bekuba nenqolobane la okufakwa khona ukumaya okubalwa inyama nokudla okuvela emasimini khona lapho eduze nendlu yeNkosi. Ngokuba izinto ziyaguquka-ke yingakho manje sekukhona indlu yabadala lapho okushiswa khona impepho uma kukhulunywa nabo, ngakho ukuthi isikhathi sesiguqukela kanti nazo izinto ezithinta abomdabu ezinye zazo seziguquke. Nokho-ke ngeke igxekwe le nto yokuthi kube nendlu la okushiswa khona impepho, njengoba izinto seziguquke nje abanye abasenazo kwazona izibaya lezo ngoba abanawo amandla emfuyo kanti-ke abanye sebakhe ngesilungu okusho khona ukuthi isibaya abanaso kwakhona. Ngeke-ke banqatshelwe ithuba lokuxhumana namadlozi akubo ngoba kuthiwa abanasibaya sokukhuluma nabadala. Emlandweni kaZulu siyathola ukuthi amasiko aye aya ngokuguquka ngoba phela amakhosi lawa abebusa ezikhathini ezingafana nasezimweni ezingafani. Ingakho singeke sikuhlabe ukuguquka kwesiko lokukhuluma nabantu abadala kususwa esibayeni kuyokwenzelwa endlini ebizwa ngokuthi eyabantu abadala ngoba phela okubalulekile ukugcina usiko lwakithi.

Leave a Reply